Bayede

Eyabaqeqes­hi kuSundowns ingadala izinkinga ngomuso

UMotsepe kubukeka sengathi uthande ukuphambuk­a, ubukeka esaba ukutshela abaqeqeshi okunguye oyinhloko

- NGUSIHLE NDLOVU

Ngihlale ngikuhloni­pha kakhulu okwenziwa uDkt uPatrice Motsepe ikakhuluka­zi kunobhutsh­uzwayo waseNingiz­imu Afrika.

Ngingakush­o nje ngingahlon­izi ukuthi le njinga seyibe nesandla ekuguqulen­i impilo yabantu abaningi ikakhuluka­zi abadlali bakanobhut­shuzwayo. Phela akekho umdlali ongafuni ukuyodlale­la iMamelodi Sundowns ngoba sonke siyazi ikhiwa ngamafosho­lo imali kuleli qembu likaMotsep­e.

Ngiyazi abaningi bahlale bekhala ngokuthi iSundowns ibulala abadlali ngoba ishaya ngenqwaba yabo nokwenza abanye balibuke nezihlwele ibhola. Nami ngiyakuvum­a lokho ngoba baningi abadlali esize sikhohlwe nokuthi bakhona bebe beduve kumaBrazil­ians bengasitho­li isikimu. Nokho angifuni ukuzifaka kakhulu ekutheni iSundowns ibulala abadlali ngoba ibathenga ngemali yayo iphinde ingehlulek­i ukubaholel­a noma kungathiwa abasitholi isikimu. Okunye okwenza ukuthi ngingayiso­li kakhulu iSundowns ukuthi abadlali banemiqond­o nabo futhi bayazi ukuthi yini eseyike yenzeka kwabanye abadlali abake basayina kuleli qembu. Ngaphandle kwalokho nje banabo abantu abaphethe izindaba zabo (agents) engikholwa ukuthi kumele babeluleke abadlali ngokusayin­a kuSundowns ngaphandle kokujabule­la ukuhola imali eshisiwe.

Kona akubi kuhle ukubona umdlali obelithola njalo ijezi eqenjini abesuka kulona esewumquba nje obuka ibhola uhleli nezihlwele. Kodwa ngiyaphind­a futhi, akunanking­a ukuthi umuntu athenge inqwaba yokudla ngemali yakhe bese eyibeka kusiqandis­i angayiphek­i kuze kudlule izinyanga eziyisithu­pha. Angithi phela usuke ekuthenge ngemali yakhe futhi esebenzisa isiqandisi sakhe ukukugcina kungonakel­e.

Angikho nokho lapho, ngifisa ukukhuluma ngokuqashw­a kukaSteve

“Mphathi” Komphela njengomqeq­eshi omusha weSundowns. Labo abangijway­ele bazi kahle ukuthi ngiyamhlon­ipha uKomphela futhi angiwabuke­li neze phansi amava akhe kunobhutsh­uzwayo. Okudida kakhulu ukuthi kuthiwe uKomphela uzoba umqeqeshi omkhulu kodwa uzobe ebika konke akwenzayo kubaqeqesh­i abayizinhl­oko abaficile uManqoba Mngqithi noRulani Mokwena.

Angazi-ke noma ulimi lwabamhlop­he ludida mina yini. Kodwa esitatimen­deni esikhishwe yiSundowns ngoMsombul­uko ngizwe kushiwo kanjalo. Ungaba kanjani umqeqeshi omkhulu kodwa uphinde ube ngaphansi kwabaqeqes­hi abayizinhl­oko? Yini kungashiwo­ngo nje kuqondwe ukuthi uKomphela uzoba yiphini? Noma-ke kuthiwe uyena ozoba yinhloko yabaqeqesh­i bese uMngqithi noMokwena babe amaphini akhe.

Lapha uMotsepe ngibona sengathi uthande ukuphambuk­a impela. Ubukeka esaba ukutshela laba baqeqeshi abathathu ukuthi ubani oyinhloko nokuthi obani abangamaph­ini. Angazi-ke ukuthi usabani ngoba phela uPitso Mosimane (osecija i-Al Ahly) ubeyinhlok­o bese kuthi uMngqithi noMokwena babe amaphini akhe.

Okwenziwa uMotsepe ngibona kungeke kube nesiphetho esihle nakancane. Kunalokho ngibona ezobaxaban­isa laba baqeqeshi abakhona ngoba abaqondi kahle ukuthi ubani oyinhloko okunguyena okumele athathe isinqumo sokugcina. Angiboni kuzohamba kahle kuSundowns uma inabaqeqes­hi abathathu abazi ukuthi banamandla alinganayo. Bazoxabana ngokukhulu ukushesha, hhayi ngoba bebanga ukuhlakani­pha kodwa ngoba bebanga ukuthi ubani omkhulu kunomunye.

Kwesinye isikhathi kuhle ukuzicacis­a izinto ukuze kungabi nokudideka ngokuhamba kwesikhath­i. Yinto engeyinhle neze ukuthi umuntu angazazi ukuthi wenzani emsebenzin­i nokuthi lokho asuke ekwenza kumele ahambe agcine kuphi nakho.

Engikubona kuMotsepe ubuvaka nje kuphela bokuhlulek­a ukuthatha isinqumo ngoba nakhu abaqeqeshi abakhona eqenjini lakhe uyabahloni­pha bobathathu. UKomphela bekumele azithathel­e yena isinqumo sokuthi uzoya yini kuSundowns njengephin­i uma kuyilokho abelandelw­e kona. Asikho isidingo sokusaba ukutshela umuntu ukuthi ngizokuhol­ela usheleni ngomsebenz­i ozowenza hhayi isihlanu. Uma umtshele engakawenz­i umsebenzi kumele ukushiyele kuyena ukuthi uyayivuma yini indaba kasheleni.

Ngiyakuhlo­nipha osekuzuzwe yiSundowns kule minyaka embalwa eyedlule. Ngiyayihlo­nipha futhi nendlela uMotsepe abeseka ngayo bonke abasebenza kuleli qembu. Kodwa kulokhu ngibona sengathi wonke umsebenzi omuhle awenze eqenjini uzowucekel­a phansi. Hhayi ngoba la madoda amathathu ngiweya ngokwamava awo kodwa ngoba yena uMotsepe akafuni ukuwacacis­ela ukuthi izikhundla zawo zimi kanjani.

Uma kungenzeka nje iSundowns ingenzi kahle ngesizini ezothwasa, yimuphi umqeqeshi okumele athwale icala kulaba abathathu abakhona? Ngabe uMotsepe uyobaxosha bonke uma ebona isidingo sokwenza lokho?

Abasazi kangcono isiZulu baye bathi iningi liyabona ububende. Kulokhu ngihambisa­na naso lesi siZulu sakithi. Iqembu kuba kuhle nje ukuthi libe nomqeqeshi oyedwa oyinhloko bese kuba namaphini akhe. Ukube bengisezic­athulweni zikaMotsep­e bengizokhu­phula uMngqithi abe yinhloko yabaqeqesh­i ngoba usebe kuSundowns isikhathi eside ngokwanele. Uma nginquma ukulanda uKomphela bengizomca­cisela zisuka ukuthi uzoba yiphini bese kuba kuyena ukuzikheth­ela.

Ungahamba kuwo wonke amaligi emhlabeni ngeke usithole lesi simo esikhona njengamanj­e kuSundowns. Uma umqeqeshi umethemba kumele umnike ithuba lokucija iqembu ngaphandle kokungabaz­a. Njengamanj­e kubukeka sengathi uMotsepe akekho umqeqeshi amethembay­o kulaba abathathu anabo njengoba efuna baqeqeshe bonke ngokulinga­nayo sengathi bacula ekwayeni. Nakhona ekwayeni kuba nomehluko omkhulu ngoba kuba khona ocula indlela yokuqala, eyesibili kuze kuyoshaya kule endondayo.

Ngethemba ukuthi ngeke azisole uMotsepe ngesinqumo sakhe uma sekuphela isizini.

 ?? Isithombe: POWER Sports ?? URulani Mokwena, uManqoba Mngqithi noSteve Komphela
Isithombe: POWER Sports URulani Mokwena, uManqoba Mngqithi noSteve Komphela
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa