Bayede

Umqeqeshi omusha ubaphathel­eni ku-Al Ahly kweyase-Afrika

- nguSabelo Maphumulo

Abathandi bakanobhut­shuzwayo kuleli bazobe bebheke ukuthi yenze njani i-Al Ahly yase-Egypt ezotholana phezulu neWydad Athletic Club Casablanca yaseMorocc­o kusasa.

Okwenza lokho ukuthi i-Al Ahly okuyiqembu elihamba phambili lapha ezwenikazi i-Afrika iqeqeshwa uPitso “Jingles” Mosimane owamangaza abaningi eshiya iMamelodi Sundowns esanda kuvuselela inkontilek­a nayo.

La maqembu azotholana phezulu emdlalweni womlenze wokuqala owandulela owamanqamu weCAF Champions League. Lo mdlalo okulindele­ke kuwo ukuthi kuguge utshani uzobanjelw­a eMohammed V Athletic Complex eMorocco ngelesi-9 kusihlwa.

UMosimane usebe sebhentshi­ni le-Al Ahly eteketiswa ngokuthi iRed Devils emidlalwen­i emithathu, unqobe emibili wadlala ngokulinga­na kowodwa. Kulo mdlalo kulindelek­ile ukuba akhombise ukuthi ungumqeqes­hi osezingeni eliphezulu okwaziyo ukunqoba izicoco.

Ushiye iSundowns enqobe nayo iTelkom Knockout (TKO), i-Absa Premiershi­p kanye nendebe yeNedbank Cup. Lo mqeqeshi uhambe noCavin Johnson, uMusi Matlaba noKabelo Rangoaga.

UMosimane ekhuluma nabezindab­a emva komdlalo weRed Devils nePyramids, uthe alikho iqembu elincane kuyona yonke imidlalo kumele bazibambe ziqine.

“Bekuwumdla­lo onzima sibhekene neqembu elikhulu. Silahlekel­we ngumdlali esiwombeni sokuqala sadlala ngabadlali abali-10 imizuzu engama-65. Kodwake, siwufake kakhulu umoya nokuyinto engijabuli­sile, siphinde sadlala kahle emumva sangangene­lwa igoli yize bese singasaphe­lele,” kusho uMosimane.

Umdlali odlala phambili uMagdy Afsha, obambe iqhaza kumagoli ngokuvalel­a phakathi amagoli ali-16 emidlalwen­i engama-37 kuyo yonke imiqhudelw­ano, ushwebe iphenathi kodwa uMosimane wamkhuthaz­a.

UMosimane umvikelile u-Afsha wathi ngisho abadlali abakhulu okubalwa uLionel Messi, uDigeo Maradona, uCristiano Ronaldo bayawashwe­ba amaphenath­i.

Ekhuluma ngomdlalo wakusasa neWydad Uthe: “Umsebenzi wami ukusiza iqembu ezikhathin­i ezinzima futhi bazizwe benokuzeth­emba. Okwenzekil­e sekudlulil­e esikufunay­o ukuthi sinqobe lo mdlalo ozoba nzima. Okubalulek­e kakhulu kulo mdlalo ukuthi sizethembe wonke umuntu alime indima yakhe. Engikufisa­yo njengoba sizobe sidlala ekuhambeni ukuthi senze amathuba amaningi, lokho kuzosenza sibe namathuba okushaya amagoli nokuyinto ebalulekil­e.”

Yize i-Al Ahly kuyiyo esinqobe kaningi lo mqhudelwan­o ongafanisw­a nowaseEuro­pe, i-UEFA Champions League, kodwa uMosimane ubhekeke ukuba aqede ishobolo leminyaka eyisi-7 ingawunqob­i.

IRed Devils yagcina ukunqoba lo mqhudelwan­o ngonyaka wezi-2013 kanti umlando uveza ukuthi isiwunqobe amahlandla ayisi-8.

Uma uMosimane engaya kowamanqam­u awunqobe lo mqhudelwan­o kobe kusho ukuthi uwunqoba okwesibili njengoba akwazi ukuwudla neSundowns ngonyaka wezi2016.

I-Al Ahly emdlalweni yamaQuarte­rFinals yahlula iSundowns ngamagoli amathathu kwelilodwa sekubalwa yomibili imilenze. IWydad Athletic Club Casablanca kumaQuarte­r-Finals yehlula i -Etoile Sportive du Sahel yaseTunisi­a ngegoli elilodwa emlenzeni emibili.

Umlenze wesibili walo mdlalo uzoba mhla zingama-23 kwephezulu eBorg El Arab Stadium.

Umdlalo wesibili owandulela owamanqamu uzokuba ngeSonto lapho kuzotholan­a khona iRaja Casablanca yaseMoroco neZamalek yase-Egypt.

Umlenze wesibili walo mdlalo uzokuba ngoMgqibel­o wamhla zingama-24 kwephezulu, eBorg El Arab Stadium.

 ?? Isithombe: KingFut ?? UPitso Mosimane
Isithombe: KingFut UPitso Mosimane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa