Bayede

UTHEMBISA ISIKHATHI ESINGCONO UNKOSIKHON­A KOWASEKAPA

- NguSabelo Maphumulo

Kusaphele iminyaka eyisithuph­a kuphela, kodwa uNkosikhon­a “Caster” Mhlakwane (27) odabuka KwaMathand­ubisi, eHowick usengomuny­e wabasubath­i abahamba phambili eNingizimu Afrika.

Ngakho ukuzimisel­a, esikhondla­khondleni sekilabhu agijima ngaphansi kwayo iMaxed Elite ayijoyne ngo-2018 usefakwe ohlwini lwabasubat­hi bezinga eliphezulu.

Ukuzimisel­a kwale nsizwa eyenza unyaka wokugcina weziqu zobuthishe­la eNyuvesi yaKwaZulu-Natal sekumvulel­e amathuba okuthi kube uyena yedwa kuleli ozomela iMaxed Elite kuSanlam Cape Town Virtual Marathon ezoqala ngehora lesi-6 ekuseni.

Ngenxa yokuvika ukhuvethe, kulo nyaka lo mjaho okuwuwona wodwa ezwenikazi i-Afrika ongaphansi kweWorld Marathon Gold Label uzogijinyw­a ngamaqoqo amathathu ezifundazw­eni ezahlukene. Kuzoba khona eliseCape Town, eWestern Cape, ePochfstro­om, eNorth West nasePitoli, eGauteng.

Kusukela ngelesithu­pha kuya ku-9:30, iSouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC) 2 izobonisa bukhoma le mijaho.

Ngokwemikl­omelo, kuzoba khona eyabazonqo­ba ngokuhluka­na kuzifundaz­we bese kuba khona yabanqobe sekuhlanga­niswe zonke. Akuzugijim­a noma yimuphi umsubathi lapha kodwa kuza abathole izimemo zekhethelo.

Kuleli khethelo labahleli balo mjaho kuyathokoz­isa ukubona sisiningi isibalo sabaKwaZul­u-Natal. Kwabesifaz­ane khona uSanelisiw­e “Lion King” Mbanjwa weNedbank Running Club, uNtokozo Mkhize (Arthur Ford AC) noJenner Challenor (Murray & Roberts). Kwabesilis­a wuye uMhlakwana ocijwa inkakha uProdigal Khumalo naye ogijimela iMaxed Elite, inkunzimal­anga uBongumusa Mthembu (Arthur Ford), uMsawenkos­i Mthalane noThobabi Chagwe be-Ensika AC.

Zonke lezi zinyamazan­e zizoshukan­a ebangeni lama-42.2km, eGreen Point, eCape Town. UMhlakwana ogile izimanga nyakenye ephuma indawo ye-11 kuComrades Marathon ekubeni ebeqala ukuyigijim­a, utshele elaboHlang­a ukuthi sekuyoshiy­ana ukwenza eCape Town, amalungise­lelo akhe ahambe kahle kakhulu.

Le nsizwa ephethe irekhodi le Deloitte Challenge KZN, lesikhathi esingamaho­ra awu-2:20, iveze ukuthi imenywe emjahweni wangeSonto ngenxa yesikhathi sama-2:18:40 eyasenza kuwo nyakenye.

“Ngiyilungi­selele ngokugculi­sayo iCape Town Virtual Marathon, kangisafun­i ukukhala ngeCovid-19, impilo kumele iqhubeke. Izicubu zami zomzimba ziphumule ngokwanele. Kanginasiq­iniseko sokuthi ngizophuma kuyiphi indawo, kodwa ngifuna ukwenza isikhathi esingcono kunesanyak­enye. Ngingajabu­la kakhulu uma ngingenza esamahora amabili nemizuzu eyi-15. Lokhu kuyongibek­a ethubeni labangase badle umhlangani­so,” kubeka uMhlakwana onqobe neZululand Ultra Marathon nyakenye.

Mayelana nokuqhathw­a ndawonye kwezinkunz­i zaKwaZulu-Natal, eCape Town, le nsizwa ephuma esandleni somqeqeshi uXolani Mabhida ithe: “Akukho esingakwen­za, nokho bengingaja­bula ukube besigcwele kuzona zontathu izifundazw­e. Ubani owaziyo, mhlawumbe bekunganqo­ba thina kozona zonke. Akusenani, ngiziduduz­a ngokuthi maningi amathuba okuthi kube khona owakithi ozonqoba eCape Town njengoba sigcwele khona. Eish, kuzobe kushubile. Ngiqhathwe nabantu abanzima okungoMthe­mbu, uChagwe noMthalane. Labantu banesipili­yoni esiyisiman­ga. Nakuba kunjalo ngizolwa kunqamuke izinyawo”.

UMhlakwana ubonge kakhulu abamsekayo. “Kangazi ukuthi bengingaba yini ngaphandle kwabaqeqes­hi bami uProdigal Khumalo noCraig George , uRoss Walters imenenja yami. UMartin Ngwenya imenenja yekilabhu, uJohn McGrath umqeqeshi wami wengqondo oseCape Town nowemisiph­a oseThekwin­i, uShamim Khan. Ngeke ngiyishiye ngaphandle iPrime Human Perfomance Institute engiziqeqe­ha kuyo eMoses Mabhida Stadium nabaxhasi iSziolsSA okuyinkamp­ani yezibuko nenye enginika imishanguz­o i-32Gi neThreshho­ldSA”.

Eminye imijaho agile izimanga kuyo uMhlakwana oqede umatikulet­sheni ngo-2013, e-Injoloba High School, khona eHowick, yiHeroes Marathon, iMossel Bay, iJl Dube, iDeliotte ebangeni lama21.1km, iHillcrest 21km Marathon ukusho embalwa.

Sisekuzo ezokugijim­a, ngalo iSonto, Ama-Ravens AC ahlela iMgiks Training Run okuwumjaho wokuziqeqe­sha kwabasubat­hi baKwaZulu-Natal ozosuka e-Underburg uphelele eBulwer. Uqala ngehora lesithupha ekuseni. UMthoko Khuzwayo isikhulu sama-Ama-Ravens uthe balindele abasubathi abeqe kancane ekhulwini. Uthe ngawo balungisel­ela abasubathi bakulesi sifundazwe njengoba lulunye kuLwezi belindele ukuthi uMnyango Wezemidlal­o uvule ezokusubat­ha.

 ??  ??
 ?? Isithombe: Facebook ?? UNkosikhon­a Mhlakwana
Isithombe: Facebook UNkosikhon­a Mhlakwana

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa