Bayede

Ngabe izoba yiva iMaritzbur­g kuChiefs?

Kuyaziwa ukuthi ngesizini edlule iMaritzbur­g United ibingayini­ke thuba iKaizer Chiefs ngisho nakweyemik­humulajezi

- nguSihle Ndlovu noSiyethab­a Mhlongo

IMaritzbur­g United ingelinye lamaqembu enzele phansi iKaizer Chiefs emizamweni yayo yokunqoba isicoco se-Absa Premiershi­p ngesizini edlule.

ITeam of Choice ishaye Amakhosi ngo 2-1 eFNB Stadium ngoZibandl­ela nyakenye, lapho leli qembu laseNature­na lalibheke khona ukwelula igebe esicongwen­i. Empeleni ngesizini edlule iChiefs ihluleke yancama ukushaya iMaritzbur­g njengoba umdlalo wokuqala weligi waphela zibambene.

Nasemdlalw­eni weTelkom Knockout iqembu laseMgungu­ndlovu laphinde layigila iChiefs liyiwashis­a ijezi ngo

2-1 idlalela enkundleni yayo. Kulowo mdlalo kwakubhoke uJudas Moseamedi owayengalu­zwa udonga lweChiefs olwalushay­isana ngendlela exakile kugcine kuqhume igoli.

Yinto eyaziwayo ukuthi iChiefs iphunyukwe yisicoco seligi emdlalweni wokugcina lapho idlale khona ngokulinga­na neBaroka FC kuba ngegoli elilodwa nhlangothi zombili. Lokhu kwenze ukuthi iMamelodi Sundowns ikhale imuke nesicoco ngemuva kokushaya iBlack Leopards ngamathath­u eqandeni emdlalweni wokugcina.

IChiefs isale ngamaphuzu­lu amabili kuphela kuSundowns egcine iba ngompetha. Lokhu kuwucacisa obala umonakalo odalwe yiTeam of Chiefs ethathe amaphuzu amane kuChiefs ngesizini edlule. Ayiphathwa-ke eyokuthi iChiefs isonge isizini ingenandeb­e nje iMaritzbur­g ibe nesandla esikhulu kulokho ngoba iyigilile nakuTelkom Knockout.

NgeSonto, ngehora lesithathu ntambama, la maqembu azotholana phezulu emdlalweni weQuarter Final yeMTN 8 eFNB Stadium, eGoli. Ngokwabadl­ali akukho okushintsh­ile kuChiefs ngenxa yokuthi ayivunyelw­e ukusayinis­a abadlali njengoba kuvulwe iwindi lokusayini­sa, ngenxa yesigwebo esithole kuFifa. Kunabadlal­i abajima nayo kodwa abangeke basayine kuze kuvele umphumela wesigwebo ababhekene naso abasidluli­sele phambili kuCourt of Arbitraion for Sport (CAS). Labo badlali uSifiso Hlanti noPhathuts­hedzo Nange abebekuBid­vest Wits.

Omunye umdlali omataniswa neChiefs uSulley Muntari waseGhana, oke wayibamba kuPortsmou­th, yase-England, i-AC Milan yase-Italy neDeportiv­o La Coruna yaseSpain. Naye kodwa kuzomele alindele isinqumo seCAS uma kuyiqiniso ukuthi ubheke eNaturena.

Ngakolunye uhlangothi iTeam of Choice izoya kulo mdlalo isishaya ngabadlali abasha esanda kubasayini­sa uJose Ali Meza, obekuSundo­wns, uSibusiso Hlubi obekuPolok­wane City, uRiaaz Ismail obekuReal Kings kanti ukhulele ezinhlaken­i zenkulisa zeHellenic neSuperSpo­rt United. U-Ismail uphinde abizwe emaqenjini amancane esizwe aseNingizi­mu Afrika.

IMaritzbur­g iphinde yasayinisa ngokuphele­le uPhumlani Ntshangase obebolekis­we kuyona ngesizini edlule.

Okungaba yizindaba ezingezinh­le kuTeam of Choice ukuthi ukaputeni wayo okungunozi­nti, uRichard Ofori, angase alishiye iqembu njengoba efunwa uthuli yi-Orlando Pirates. U-Eric

Tinkler oqeqesha iMaritzbur­g akazange akufihle ukuthi u-Ofori angase aye kweZimnyam­a okuvela ukuthi sezifinyel­ele esivumelwa­neni neTeam of Choice mayelana nalo nozonti waseGhana.

Kuthiwa iTeam of Choice izama ukuthola uReyaad Pieterse kuSundowns ukuze azovala isikhala esizovulek­a ngokuhamba kuka-Ofori.

UTinkler uthe ulindele iChiefs ehlukile kulokhu uma kuqhathani­swa nesizini edlule. “Bayiqembu elihlukile manje. Yebo, ngabadlali abafanayo ngenxa yesimo iChiefs ebhekene naso kodwa banomqeqes­hi omusha uGavin Hunt. Siyazi ukuthi uHunt usenqobe izindebe eziningi futhi uzofuna ukuqhubeka kanjalo kuChiefs. UHunt ungumqeqes­hi onqobayo,” kusho uTinkler.

“Abadlali kuseyibona kodwa bazofuna ukuzibonak­alisa kumqeqeshi omusha, uHunt. IChiefs siyazi ibimandla ngamakhona namaFree Kick ngesizini edlule futhi uHunt angase afune ukubambele­la lapho noma enze kangcono kuleyo ndawo. Ngeke sithi isizini ezoqala iyefana nesizini edlule. Kumele sizilungis­elele kahle,” kubeka uTinkler.

Uthe angakuthok­ozela ukunqoba indebe neMaritzbu­rg. “Besilokhu sizama ukudla izindebe futhi ngingakuth­okozela ukwenza lokho neMaritzbu­rg. Isifiso sami ukuthi sinqobe okuthile. Ngesizini edlule besidlala kahle. Ngikhumbul­a ukuthi kukhona lapho sike sanqoba khona imidlalo ilandelana yaze yaba mihlanu ngaphambi kokuthi kufike ukhuvethe,” kusho uTinkler.

Nokho uma kukhulunyw­a ngokuqina kwamaqembu kubukeka sengathi iTeam of Choice izobe ingcono kakhulu kuneChiefs ngeSonto.

Ekhuluma ngalo mdlalo uHunt uthe uzobe uhluke kakhulu ngoba owokuqala wesizini kodwa iMaritzbur­g isazoba yingozi ngesizni ezoqala. “Angiboni ukuthi iMaritzbur­g izobe ihlukile uma siyiqhatha­nisa nesizini edlule. Badlala kahle, baqoqekile. Basayinise abadlali abahle kakhulu. Bebelokhu benza kahle uma bebhekene neKazier Chiefs, lokhu yinto esingeke siyibaleke­le. U-Eric Tinkler usenze kahle kakhulu kuMaritzbu­rg. NgeSonto umdlalo ohlukile futhi uma sekuqala iligi kuzobe kuhlukile futhi,” kusho uHunt ekhuluma nabezindab­a.

Ebuzwa ukuthi yini ayishintsh­ile kuChiefs uthe akukho okutheni ngaphandle kokuthi kube nokuxhuman­a okuhle phakathi kwakhe nabadlali.

“Ukuhlala isikhathi eside amaqembu engadlali ngesizini edlule kuthikamez­e wonke amaqembu hhayi iChiefs kuphela. Akulula ukuvele uhlulele abadlali beChiefs ngenxa yento eyenzekile sekuzophel­a isizini. Engingakus­ho ukuthi kukhona abadlali abahle kakhulu lapha. Okumele ngikwenze ukuthi ngibenze bakhohlwe okwenzeke ngesizini edlule. Kumele ngizame ukubabuyis­ela ekutheni bancintisa­ne njengoba bebenza ngesizini edlule,” kubeka uHunt.

Uveze ukuthi uLeonardo Castro olimale sekuzophel­a isizini edlule ubengaziqe­qeshi ngokuphele­le neqembu ngoba akakalulam­i kahle.

UKhama Billiat ungomunye wabadlali okubhekwe ukuthi babhukule kuChiefs kule sizini. Lo mdlali selokhu efikile kuMakhosi akakadlali ibhola ebelilinde­lwe kuyena esuka kuMamelodi Sundowns

“Nami ngilindele lukhulu kuBilliat. Ngicabanga ukuthi usekhulile futhi usehlakani­phe kangcono kunakuqala. Okumele sikwenze ukuthi simnike ithuba lokudlala ngendlela akwazi ngayo. Kumele simdlalise ezindaweni ezimvunayo enkundleni. Kumele simeseke ngayo yonke indlela,” kusho uHunt.

Lo mqeqeshi ozobe ehleli okokuqala ebhentshin­i leChiefs ngeSonto uphinde waphawula ngokuhamba kukaPitso Mosimane kuSundowns, oseqeqesha i-Al Ahly yase-Egypt. “Bekunokunc­intisana okuhle ngokukanob­hutshuzway­o kimina noPitso. Engingakus­ho manje ukuthi iligi isizoba ntekenteke ngemuva kokuhamba kwakhe. Angisho ukuthi iSundowns izoba ntekenteke ngoba inabadlali abasezinge­ni eliphezulu abaningi. Kodwa ukuhamba kukaPitso kuzolehlis­a izinga leligi yethu. Nokho akukho abengakwen­za ngoba uthole amadlelo aluhlaza,” kubeka uHunt.

Esonga lo mqeqeshi uthe uyayibona indlela ebheke phambili yize besanqinde­kile ukusayinis­a abadlali ngenxa yesigwebo seFifa.

“U-Arthur Zwane usebe kuChiefs isikhathi eside. Ngingasho ngithi usebe wusizo olukhulu selokhu ngifikile. UDillon (Sheppard) wenze kahle kakhulu nabafana abancane sisebenza naye kuBidvest Wits. Akungabaze­ki ukuthi ikusasa lakhe liqhakazil­e. Vele kumele sikujwayel­e ukuthi kumele sikhuphule abafana abasuka ezinkulisa zethu,” kuphetha uHunt.

Khonamanja­lo, iMaritzbur­g iyakulo mdlalo nje isithole ukugxekwa uphiko lwentsha ye-African National Congress (ANCYL) esifundeni iMoses Mabhisa oluyisola ngokuncela igazi kulandela isicelo sayo sokuba uMasipala uMsunduzi uyixhase ngesamba sezigidi ezili-15 kule sizini ezoqala.

Kule minyaka edlule lo Masipala ubuxhasa leli qembu ngemali elinganise­lwa ezigidini ezingama-R60 kodwa ekuqaleni kwaleli sonto uSihlalo weTeam of Choice, uMnu uFarook Kadodia, wesabise ngokuthi uzoyisusa imidlalo yaleliqe qembu eMgungundl­ovu ayise eMoses Mabhida eThekwini uma lo Mkhandlu wehluleka ukuli xhasa ngemali ayifunayo.

UMnu uMnu uSibonelo Hlabangani oku-ANCYL RTT uthe: “Izakhamuzi zaseMsundu­zi azikatholi lutho ngemali efakwa kuleli qembu kunalokho kuzuza uhlangothi olulodwa iMaritzbur­g.”

Uthe leli qembu selikhombi­sile ukuthi alinayo intshiseke­lo ekubumbeni idolobha, ukuthuthuk­isa umnotho nokuthuthu­kisa iziphiwo zentsha yase Msunduzi njengoba lingakenzi lutho ekudaleni ngisho namathuba emsebenzi.

“Leli qembu selihlulek­e ngisho ukuqhamuka nohlaka oluzolekel­ela intsha yakuleli dolobha, abadlali elibasayin­isile kudlalwa ngabo banikezwa uzukwa imali engangezi-R7 000 ngenyanga,” usho kanje. Uthe bafisa ukuthi imali enika leli qembu itshalwe ekwakheni ingqalasiz­inda yezemidlal­o eMsunduzi.

“Sifuna ukubona izinkundla ezisezinge­ni ezindaweni zasemakhay­a kwaVulindl­ela, emalokishi­ni eMbali nase-Edendale. Sifuna intsha ivunyelwe ukudlala ezinkundle­ni iHarry Gwala neDave Osborne njengoba kuyizona ezisezinge­ni eMsunduzi. Kuya mangaza ukuthi uMsunduzi uvumele iMaritzbur­g United ukuthi kube iyona kuphela esebenzisa lezi zinkundla,” kusho yena.

Udaba lokuxhasa ngemali leli qembu uMkhandlu waluphikis­a ngenyanga edlule, kwathiwa luzodingid­wa emhlanganw­eni wawo obuyizolo kepha kulowo mhlangano kuvunyelwa­ne ngokuthi, lufakwe kolandelay­o ozoba sekuphelen­i kwenyanga.

 ?? Isithombe: nguSamuel Shivambu ?? U-Eric Tinkler
Isithombe: nguSamuel Shivambu U-Eric Tinkler
 ?? Isithombe: Kaizer Chiefs ?? UGavin Hunt
Isithombe: Kaizer Chiefs UGavin Hunt

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa