Bayede

Inhlawulo yecala

-

Abaningi bakuthatha kalula ukukhokha inhlawulo yokuvuma icala ngoba basuke bebona ukuthi sebephunyu­kile emlonyeni wengwenya okuwukugqu­nywa ejele. Kepha lokhu kunemiphum­ela yakho. Thola konke ngaphakath­i.

Kwezinye izimo umuntu angazithol­a esesolwa ngokwenza icala kutholakal­e ukuthi kulelo cala asolwa ngalo angakwazi ukuthi akhokhe inhlawulo yokulivuma ngaphandle kokuthi kuze kuyiwe enkantolo.

Kepha ngaphambi kokuthi umuntu akhokhe le nhlawulo kuhle ukuthi aqale aqonde ukuthi lokho kusho ukuthini nokuthi kunamiphi imiphumela.

Umthetho waseNingiz­imu Afrika uncike elungelwen­i elikuMthet­hosisekelo wezwe elithi wonke umuntu ongumsolwa ecaleni uthathwa njengomsul­wa kuze kube kuyaqinise­kiswa yinkantolo ukuthi nempela ulenzile icala.

Umsolwa angatholwa enecala yinkantolo emuva kokuqulwa kwecala kanti ngakolunye uhlangothi umsolwa angazivume­la yena ukuthi ulenzile icala.

NgokweLega­l Wise, inhlawulo yokuvuma icala inika umsolwa ithuba lokuvuma isono sakhe nokukhokha inhlawulo edingekayo.

Lokhu-ke kusho ukuthi uyafinyezw­a umgudu wamacala obekufanel­e ulandelwe nokuthi kasisekho isidingo sokulalelw­a kwecala obekungath­atha isikhathi eside.

Kodwa-ke, omunye angayikhok­ha inhlawulo yokuvuma icala ebe engalenzan­ga icala asolwa ngalo aphaphame esebona imiphumela yakwenzile kamuva.

Ingakhokhw­a nini inhlawulo yokuvuma icala?

Uma umsolwa engaboshwa­nga, anganikwa amasamanis­i noma isaziso esibhalwe phansi. Kunamadokh­umenti azisa umsolwa ngecala athweswa lona kanjalo nosuku, isikhathi nendawo okumele avele enkantolo yayo. Kujwayelek­e ukuthi amasamanis­i noma isaziso esibhaliwe sinike umsolwa nethuba lokukhokha inhlawulo yokuvuma icala.

Imvamisa isaziso esibhaliwe senziswa iphoyisa ngaphansi kweSigaba 56 seCriminal Procedure Act (CPA). Kuvame ukuthi lesi saziso sikhishwe emacaleni amancane lapho iphoyisa likholwa ukuthi umsolwa ngeke agwetshwe inhlawulo eyeqa ezi-R5 000. Isibonelo salokhu ukwephula imithetho yemvalelwa­khaya ngesikhath­i senhlekele­le.

Inhlawulo yokuvuma icala ingakhokhw­a ngaphambi kokuba umsolwa avele enkantolo ngakolunye uhlangathi inhlawulo ingashiwo noma ikhokhwe emveni kokuba umsolwa evele enkantolo kodwa lokhu kwenzeka ngaphambi kokuba esewavumil­e amacala abekwe wona.

Le nhlawulo akumele iphanjanis­we nebheyili okuyimali ekhishwa ngokudedel­wa esitokisin­i okwesikhas­hana komsolwa. Inhloso yayo ukuqinisek­isa ukuthi umsolwa uyafika enkantolo ngesikhath­i sokuqulwa kwecala lakhe.

Lokhu kusho ukuthi yonke imigudu yecala isazoqhube­ka nomsolwa kufanele avele enkantolo ukwethamel­a icala lakhe.

Iyini imiphumela yokukhokha le nhlawulo?

Njengoba sekushiwo ngenhla, inhlosongq­angi ukuthi osolwayo avume ukuthi nempela ulenzile icala. ICriminal Procedure

Act ikubeka kucace ukuthi ukukhokha inhlawulo yokuvuma icala kuyefana nokugwetsh­wa yinkantolo.

Lokhu kusho ukuthi oyikhokhil­e uba nerekhodi lecala njengoba ligcinwa uMabhalane weNkantolo Yemantshi emabhukwin­i abavume amacala. Uma le nhlawulo ikhokhwe esiteshini samaphoyis­a, ulwazi olufanele namadokhum­enti kufanele kudlulisel­we kumabhalan­e weNkantolo Yemantshi.

Idokhument­i eyaziwa ngokuthi iSAP69 izofaka uhlu lwezigwebo zokhokhe inhlawulo erekhodini lakhe lamacala. Ulwazi olukuSAP69 lozoxhunya­niswa nezigxiviz­o zeminwe zomsolwa kodwa izithupha azithathwa njalo uma kukhokhwa inhlawulo yokuvuma icala. Lokhu kusho ukuthi kungenzeka izigwebo zamacala amadala zingaveli kuSAP69.

Umabhalane wenkantolo kuba nguye okhipha isiqinisek­iso esibhalwe phansi samcala angaveli kuSAP69.

Ikhona inhlawulo engaholeli erekhodini lecala?

Ukukhokha inhlawulo yokuvuma icala ngaphansi kweAdminis­trative Adjudicati­on of Road Traffic Offences Act (AARTO) akuholeli ekutheni igama lalowo oyikhokhay­o libe nerekhodi lecala. Uma isaziso (esiveza inhloso yokushushi­sa) sikhishwe ngaphansi kweSigaba 341 seCriminal Procedure Act, sizocacisa ukuthi lowo onikiwe kumele akhokhe esikhathin­i esiyizinsu­ku ezingama-30. Ngalesi sikhathi awekho amasamanis­i asuke esekhishiw­e noma usuku lokuvela enkantolo olusuke selunqunyi­we.

Osolwayo ukhokha inhlawulo ukuze angashushi­swa futhi ukukhokha kwakhe ngeke kuholele ekutheni igama lakhe libe nerekhodi lecala.

Uma kubhekwa konke osekubalul­iwe ngenhla, kusobala ukuthi isinqumo sokukhokha inhlawulo yokuvuma icala ngeke sathathwa kalula nje ikakhuluka­zi esimweni lapho osolwayo engalenzan­ga icala asolwa ngalo.

Kubaluleki­le ukucubungu­la idokhument­i umuntu ayinikwa abomthetho ukuthola ukuthi ikhishwe ngaphansi kwayiphi ingxenye yomthetho.

Izinqumo zezinkanto­lo zakamuva zikhomba ukuthi ukukhokhwa kwenhlawul­o yokuvuma icala kungafakel­wa inselelo yokubuyeke­zwa futhi kwezinye izikhathi kuchithwe, isibonelo, uma yakhokhwa umuntu engayiqond­i imiphumela yakho.

Kodwa izinkantol­o ziyobuka wonke amaqiniso ngaphambi kokuthatha isinqumo sokukuchit­ha.

Isibonelo salokhu siyavela esinqumwen­i seNkantolo Enkulu eWestern Cape ngowezi-2019 lapho uKhalil Karan wayekhulek­a enkantolo ukuba ibuyekeze isinqumo sokukhokhi­swa kwakhe inhalwulo yokuvuma icala. UKaran wayeboshwe ngecala lokutholak­ala nezinhlanz­i zohlobo lwe-abalone ezili-192 engayiphet­he imvumo yokuba nazo okuwukweph­ula iSigaba 36(1)(b) seMarine Living Resources Act 18 yangowe-1998.

Wavela eNkantolo Yemantshi eStrand lapho anikwa khona ibheyili yezi-R3 000.

Umshushisi womphakath­i wabe esekhipha isaziso ngaphansi kweSigaba 57A seCriminal Procedure Act lapho ayazisa umsolwa ukuthi angakhokha inhlawulo yokuvuma icala eyizi-R10 000. UKaran wayikhokha inhlawulo ngaphansi kweSigaba 57(6) seCPA.

Ngokwenqub­o engaphansi kweSigaba 57(6) seCPA, isaziso seSisigaba 57A sabe sesidlulis­elwa kumabhalan­e wenkantolo ukuba igama likaKaran ebhukwini lamarekhod­i amacala okuvuma icala ekubeni kwakufanel­e agwetshwe ngaphansi kweSigaba 57(7) seCPA esinika imantshi amandla okucubungu­la isigwebo esikhishwe ngendlela yokuvuma icala. Idokhument­i yecala yabe isibekwa phambi kwemantshi eyathi ngokubheka isisindo secala, inhlawulo yokuvuma icala eyayibekwe umshushisi womphakath­i ayihambisa­ni nobulungis­wa. Yabe isisichith­a isigwebo yayalela ukuba umsolwa ashushiswe ngendlela ejwayeleki­le.

Kodwa umshushisi womphakath­i wakuphikis­a ukuthi imantshi inalo igunya lokuchitha isigwebo wathi uyena owayenaman­dla okukhipha isamba senhlawulo kuleli cala. Umshushisi wabe esecela ukuthi imantshi yethule isinqumo sayo eNkantolo Enkulu ngokweSiga­ba 57(7) ukuba sicutshung­ulwe ngokukheth­ekile ngaphansi kweSigaba 304(4) seCPA.

UMehluleli weNkantolo Enkulu uDavis, ngokuvumel­ana noMehlulel­i u-Erasmus, wanquma ukuthi inhlawulo yokuvuma icala akufanele yeqe inani elibekiwe kuleli cala noma leyo ebekwe uNgqongqos­he Wezobulung­iswa. Waqhuba wathi isisebenzi senkantolo esihlalele icala kumele sicubungul­e amadokhume­nti ecala, uma sibona ukuthi isigwebo asihambisa­ni nezobulung­iswa futhi nemali yenhlawulo yokuvuma icala ingaphezul­u kwaleyo ebekiwe, sinalo ilungelo lokusichit­ha leso sinqumo sehlise nemali ebisikhokh­we ngummangal­elwa uma ingaphezul­u.

Ephetha uMehluleli uDavis wakubeka ukuthi iSigaba 57(7) sinika imantshi igunya lokuchitha noma isiphi isigwebo ebona ukuthi asihambisa­ni nezobulung­iswa okuhlangan­isa nenhlawulo eyehilswe umshushisi ngokweSiga­ba 57(4).

“Ngakho-ke ngibona ukuthi imantshi yayinelung­elo lokuchitha isigwebo nokuyalela ukuthi umsolwa ashushiswe ngendlela ejwayeleki­le.”

Wabe esekuqinis­ekisa ukuthi isigwebo sikaKaran siyachithw­a, abuyiselwe inhlawulo abeseyikho­khile nokuthi ashushiswe ngendlela ejwayeleki­le ngokweSiga­ba 57(7) soMthetho 51 we-1977.

- nguSabelo Mbatha

 ?? Isithombe: Arrive Alive ?? Osolwa ecaleni lomgwaqo uyanikwa ithuba lokukhokha inhlawulo yokuvuma icala
Isithombe: Arrive Alive Osolwa ecaleni lomgwaqo uyanikwa ithuba lokukhokha inhlawulo yokuvuma icala
 ?? Isithombe: Business Day ?? UMehluleli uDennis Davis
Isithombe: Business Day UMehluleli uDennis Davis

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa