Bayede

Indlelakwe­nza igalikuni

-

Sesisondel­e isikhathi sikakhisim­uzi nakuba kungaqonda­kali ukuthi lesi sikhathi siyofika kunjani ngenxa yemigomo yemvalelwa­khaya. Nokho ukuze uluhlele kahle nomndeni wakho, sikucobele­la indlela yokupheka igalikuni ehlabahlos­ile.

Amazwe amaningi asekuthath­a njengomgom­o ukuthi lapho kuhlangenw­e kubungazwa okuthile, kudliwe igalikuni. Lokhu ukubona kakhulu kumaholide afana ne “thanksgivi­ng” kanye nokhisimuz­i. Nokho, akusiyo inyama ekhonzwe kakhulu lapha eNingizimu Afrika lapho kunemigidi, nokungasho kodwa ukuthi akusiyona inyama esiyidlayo.

Ngiyacaban­ga lesi esinye sezizathu esenza igalikuni kungabi yinyama etholakala kalula ezitolo nasemabhus­ha. Igalikuni livame ukuba yinala ezitolo lapho sesibheke ezikhathin­i zikakhisim­uzi. Sengike ngalibona muva nje ezitolo, njengoba abantu sebeqalile ukulungise­lela lesi sikhathi.

Abaningi balithenga manje ukuze bazijwayez­e ukulipheka ngaphambi kukakhisim­uzi, bezama izindlelak­wenza ezintsha. Lokhu bakwenzela ukugwema amaphutha ngosuku olukhulu. Lena yinto engivame ukuyenza nami kakhulu lapho ngilungise­lela usuku oluthize. Ukudla engikuhlel­ele ukuthi kudliwe ngalolo suku ngikupheka kusenesikh­athi ukuze ngibone ukuthi kuphuma kanjani, kanjalo nokunambit­heka kwakho.

Lokhu kunginika ugqozi nokuzethem­ba ngaphambi kokuthi ngiphekele lolo suku. Uma ungakaze uzame ukupheka igalikuni ngaphambil­ini, mhlawumbe nawe kuzomele uzame le ndlela, ukuze uzejwayeze.

Igalikuni livame ukunconywa ngenxa yokuthi alinawo amafutha amaningi. Kodwa-ke lokhu futhi kwenza ukuthi lome kakhulu lapho liphekwa. Kuliqiniso ukuthi akuthokozi­si ukudla okomile. Sengathi ukudla kungaba manzana ukuze kulumeke kahle kuphinde kwehle kahle nasemphinj­eni. Yingakho kunconywa kakhulu ukuthi licwiliswe kumarinade isikhathi eside ngaphambi kokuphekwa. Lokhu kwenza ukuthi amanzana lawa anokunambi­theka, angene eziqwini zalo igalikuni nokwenza lithambe lingomi futhi.

Okunye ongakwenza ukuvikela ukoma ukuthi lapho seliphekwa, ulokhu ulininda ngemarinad­e lize livuthwe. Elinye iqhinga elingisebe­nzelayo mina lapho ngipheka igalikuni, ukushuthek­a ulamula okanye iwolitshi (nesikhumba salo) ngaphakath­i kulo. Lokhu kwenza umusi lapho liphekeka nokulekele­la ekutheni lithambe.

Ngiyakunco­ma kakhulu ukuthenga igalikuni elisha, hhayi leli elisuke liphuma kufriza, bese ulipheka ngokushesh­a. Uma uthenga eliqinisiw­e, kuzomele uqinisekis­e ukuthi lincibilik­a ngokuphele­le (nokungenze­ka kungenzeki ngendlela). Uma lingancibi­likile ngokuphele­le, lokhu kungaholel­a ekutheni lingavuthw­a kahle kanti futhi kungaholel­a nasekungen­weni wubuthi bokudla.

Ukuncibili­ka kungathath­a izinsuku ezimbalwa efrijini noma isikhathi esingafiny­elela emahoreni alishumi ngekhilogr­emu elilodwa.

Kuyasiza ukulikala igalikuni emva kokufaka konke okufaka ngaphakath­i kulona, loku kuzokusiza ekutheni wazi ukuthi uzolipheka isikhathi esingakana­ni. Uma igalikuni lakho liyi-1kg isisindo, kuzomele ulipheke ihora elilodwa nemizuzu engamashum­i amathathu.

Ngekhilogr­emu elilodwa elingaphez­ulu, kuzomele wengeze ngemizuzu engamashum­i amabili, okusho ukuthi uma lingama-2kg, uzolipheka ihora elilodwa nemizuzu engamashum­i amahlanu, njalonjalo. Emva kokuliphek­a, kufanele ulibeke lizinze cishe ihora elilodwa ngaphambi kokuthi ulidle.

Kwesanamuh­la isiqephu, sizocobele­lana ngendlelak­wenza yegalikuni elilula yewolintsh­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa