Ukubaluleka komndeni
Singasola nje kuthiwe aboHlanga bayilokhu noma bayilokhuya kepha iqiniso lithi kabasabutheki nje ngoba kwalimala kuloya msamo ongumndeni.
Enye yezinto umbuso wabelungu abangamaNgisi namaBhunu owayenza mhlawumbe kimi engathetheleleki, wukubulala isimiso esingomongo walokhu aboHlanga abayikho.
Lapha ngikhuluma ngomndeni. Thina benyama umndeni sisuke sikhuluma ngaloyo esiwubonayo nesiwaziyo kepha njengoba ngihlale ngisho kule ngosi, abazi imfihlakalo nenjula yethu bayazi ukuthi okuphambi kwethu yisibuko nje salokho okukhulu. AboHlanga kusuka ekudabukeni kwabo bathungelwe esiqwini esingumndeni.
Uzwe umuntu lowo mndeni avela kuwo ewuphakamisa ngesibongo noma ngesithakazelo ngakho belu ngoba uyazigqaja ngokuba yilungu lawo. Athi yena ungumfo kazibanibani wasekuthini. Asuke lapho aziqephuze esho ulibo lwakwabo!
Kusuke ihuzu ekade labhunguka kuthi uma izinsuku zezincipha uzwe lisho ngelokugcina ukuthi “Ngiyiseni ekhaya, ngiyekeni ngiyofeka kwabakithi”. Nembala lithi lingafika kwabo bese kulanela ngoba usesondele nabakwabo, uselele ezintabeni zangakubo ekhaya.
Nowayesethe uyofela emigwaqeni noma endodeni engalobolile kuthi uma sekuthe qwebu athi
“ngibuyela ekhaya”.
Namanje ngisasho ukuthi abelungu laba bake bakwenza okubi kithi, basibulala singakazalwa. Abelungu ngohlelo lwabo lwemali nolwemisebenzi bagugula lesi simiso. Uhlelo lwabo lwathatha amadoda lawahlukanisa nabazali nemindeni yabo. Abazali bahlukana nezingane. Umuntu wahlukana nabakwabo waya wayophelela ezweni lokusebenza, koGoli noma eThekwini.
Ngalesi senzo bazuza osozimboni noHulumeni babelungu. Baphumelela ukusenza izimbamgodi balithola igolide.
Zasimama izimboni zabo kepha kithi kwalimala okukhulu nokuselukhuni namanje ukukuthunga.
Ngithi kulukhuluni ukuxola nje ngoba ngibuka izingane zaMakhosi, abanikazi babeli lizwe, ngibuka okulapha phandle. Ngibona usizi lwabantu abandiza nje emoyeni ngenxa yokungabi bikho kwesimiso lesi somndeni. Singasola nje kuthiwe aboHlanga bayilokhu noma bayilokhuya kepha iqiniso lithi kabasabutheki nje ngoba kwalimala kuloya msamo ongumndeni.
Okubi wukuthi ukubhidlika komndeni wenyama kuwulimaza kakhulu lo wabangabonwayo, abafa bengafi. Amandla ethu asemndenini. Singakulwa konke kepha uma isimiso somndeni sintekenteke ngeke silibuse.