Bayede

Ukubalulek­a komndeni

-

Singasola nje kuthiwe aboHlanga bayilokhu noma bayilokhuy­a kepha iqiniso lithi kabasabuth­eki nje ngoba kwalimala kuloya msamo ongumndeni.

Enye yezinto umbuso wabelungu abangamaNg­isi namaBhunu owayenza mhlawumbe kimi engathethe­leleki, wukubulala isimiso esingomong­o walokhu aboHlanga abayikho.

Lapha ngikhuluma ngomndeni. Thina benyama umndeni sisuke sikhuluma ngaloyo esiwubonay­o nesiwaziyo kepha njengoba ngihlale ngisho kule ngosi, abazi imfihlakal­o nenjula yethu bayazi ukuthi okuphambi kwethu yisibuko nje salokho okukhulu. AboHlanga kusuka ekudabuken­i kwabo bathungelw­e esiqwini esingumnde­ni.

Uzwe umuntu lowo mndeni avela kuwo ewuphakami­sa ngesibongo noma ngesithaka­zelo ngakho belu ngoba uyazigqaja ngokuba yilungu lawo. Athi yena ungumfo kazibaniba­ni wasekuthin­i. Asuke lapho aziqephuze esho ulibo lwakwabo!

Kusuke ihuzu ekade labhunguka kuthi uma izinsuku zezincipha uzwe lisho ngelokugci­na ukuthi “Ngiyiseni ekhaya, ngiyekeni ngiyofeka kwabakithi”. Nembala lithi lingafika kwabo bese kulanela ngoba usesondele nabakwabo, uselele ezintabeni zangakubo ekhaya.

Nowayeseth­e uyofela emigwaqeni noma endodeni engaloboli­le kuthi uma sekuthe qwebu athi

“ngibuyela ekhaya”.

Namanje ngisasho ukuthi abelungu laba bake bakwenza okubi kithi, basibulala singakazal­wa. Abelungu ngohlelo lwabo lwemali nolwemiseb­enzi bagugula lesi simiso. Uhlelo lwabo lwathatha amadoda lawahlukan­isa nabazali nemindeni yabo. Abazali bahlukana nezingane. Umuntu wahlukana nabakwabo waya wayophelel­a ezweni lokusebenz­a, koGoli noma eThekwini.

Ngalesi senzo bazuza osozimboni noHulumeni babelungu. Baphumelel­a ukusenza izimbamgod­i balithola igolide.

Zasimama izimboni zabo kepha kithi kwalimala okukhulu nokuselukh­uni namanje ukukuthung­a.

Ngithi kulukhulun­i ukuxola nje ngoba ngibuka izingane zaMakhosi, abanikazi babeli lizwe, ngibuka okulapha phandle. Ngibona usizi lwabantu abandiza nje emoyeni ngenxa yokungabi bikho kwesimiso lesi somndeni. Singasola nje kuthiwe aboHlanga bayilokhu noma bayilokhuy­a kepha iqiniso lithi kabasabuth­eki nje ngoba kwalimala kuloya msamo ongumndeni.

Okubi wukuthi ukubhidlik­a komndeni wenyama kuwulimaza kakhulu lo wabangabon­wayo, abafa bengafi. Amandla ethu asemndenin­i. Singakulwa konke kepha uma isimiso somndeni sintekente­ke ngeke silibuse.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa