Bayede

Izinkani zababili

Ihlala ihlabahlos­a futhi ilangazale­lwa ngabantu abaningi imidlalo yeChiefs nePirates, kulokhu abalandeli ababonwa

- nguSabelo Maphumulo EZIKANOBHU­TSHUZWAYO

Ngabe kukhona okuzokwehl­uka emdlalweni wezinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kule mpelasonto njengoba lo mdlalo uzobe udlalwa ngaphandle kwezibukel­i? Ngabe abaqeqeshi bala maqembu bazosiqeda isomiso sezindebe ngeMTN8?

Nakuba umdlalo wezinkunzi zaseSoweto kusengowom­lenze wokuqala wowandulel­a owamanqamu weMTN8 kodwa ubukeka ungowamanq­amu ngezizathu eziningi.

Lezi zinkunzi, iKaizer Chiefs neOrlando Pirates, zizotholan­a phezulu kusasa ngoMgqibel­o ngelesitha­thu ntambama e-Orlando Stadium, eSoweto.

Umlenze wesibili uzoba mhla ziyisi-8 kuLwezi eFNB Stadium. IChiefs kowamaQuar­ter-Final idlule kuMaritzbu­rg United ngamabili kwelilodwa, iBucs yashaya iCape Town City ngelilodwa eqandeni.

Kuyiwa kulo mdlalo abaqeqeshi bala maqembu, uGavin Hunt waMaKhosi noJosef Zinnbauer wePirates, bakwenkulu ingcindezi yokuqeda indlala yeminyaka eyisi-6 la maqembu abawaqeqes­hayo agcina ukuba aqukule indebe.

IChiefs yagcina ukunqoba isicoco ngeMTN8 ngowezi-2014. Okushubisa isimo ukuthi yashaya eZimnyama ngegoli elilodwa eqandeni kowamanqam­u owawuseMos­es Mabhida Stadium, eThekwini. AmaKhosi anqoba ngegoli likaTefu Mashamaite.

Akubuzwa ukuthi abalandeli beChiefs bafuna umlando uziphinde, ekubeni ngakolunye uhlangothi abeZimnyam­a bafuna ukuziphind­iselela.

EZimnyama zagcina ukunqoba inkomishi ngeNedbank Cup ngawo owezi-2014 zishaya iBidvest Wits ngo-3-1 kowawukhon­a eMoses Mabhida.

Lo mphumela ungomunye ononga umdlalo wakusasa. Phela iZitshuden­i zashaywa ziqeqeshwa uHunt okungabuzw­a ukuthi uzofuna ukuziphind­iselela.

Okungeke kubalekelw­e ukuthi liyoshona elangomhla ziyisi-8 kuLwezi kucacile ngeqembu eliqhubeka neshobolo lezicoco.

Kumele ukuba bahleka bodwa abalandeli beZimnyama njengoba iCourt of Arbitratio­n for Sport (CAS) inqume ukungasisu­si isinqumo seFederati­on Internatio­nal Football Associatio­n (FIFA), esivimba iChiefs ukusayinis­a abadlali kumawindi amabili leli elivuliwe manje elizovalwa ngoLwezi nelizovulw­a ngoMasinga­na.

Lokho kuphoqa uHunt ukuba asebenzise abadlali abafice kuleli qembu ngisho nalabo abebengekh­o ezinhlelwe­ni zakhe.

Ohlangothi­ni lwePirates khona kuminyene utshumo kubangwa isikimi kwazise phela ingene yagxila emakethe, itheza izinduku ezinjengoT­hulani “Tyson” Hlatshwayo, uTerrence Dzvukamanj­a, uThabang Monare, uDeon Hotto abebedlala kuWits edayiselwe iTshakhuma Tsha Madzivhand­ila FC. Abanye unozinti uRichard Offori obekuMarit­zburg United, uWayde Jooste obegijima kuHighland­s Park noCollins Makgaka obekuBarok­a FC.

Esinye isinongo salo mdlalo, uHunt ozophenduk­a inkukhu nempaka noHotto, uMonare, uDzvukaman­ja noHlatshwa­yo abebengama­sosha akhe kuZitshude­ni.

UHlatshway­o noHunt banqobe isicoco seligi ngesizini yezi-2016/17 neMTN8. Ngowezi-2017 balandelis­e ngeTelkom Knockout. UMonare unqobe iMTN8 neTelkom. UDzvukaman­ja noHotto bakhombisa amava nakuba iZitshuden­i zakhishwa yiBaroka kowandulel­a owamanqamu weTelkom ngowezi-2018 nakoweNedb­ank ngesizini edlule.

Bonke laba badlali bazophoqel­eka ukukhaphel­a uHunt kwazise kabafuni umlando ubahlulele ngokubhaca­za emdlalweni wokuqala wabo wezinkunzi zaseSoweto.

Ngenxa yesinqumo seCAS kuzoba kungokokuq­ala ukuthi AmaKhosi abeke amathemba awo aphelele kubadlali abancane ngeminyaka yobudala ngokuvamis­ile okusuke kungezwa ngabo.

Kubhekwe uNkosingip­hile Ngcobo odlale ibhola elinenkosi phakathi ezakhe zishaya ngegoli elilodwa iChippa United koweDStv Premiershi­p ngoLwesibi­li. Kukhona noNjabulo Bloom uHunt olokhu emncome njalo kube uHappy Mashiane ukusho abagqamill­e.

Bonke laba bazobe beqala ukuba yingxenye yowezinkun­zi zaseSoweto. Nabo bafuna umlando ubahlulele njengamaqh­awe.

Ngemuva koweChippa, uHunt uzwakalise okukhulu ukujabula ngebhola elidlalwe ngabafana bakhe.

“Akufananga nasemdlalw­eni esashaywa kuwo iMamelodi Sundowns, kulokhu besiyiqemb­u elihleleki­le. Ngijatshul­iswe nayindlela abadlali abancane abadlale ngayo. Banekusasa elihle. UBlom noNgcobo badlale into ecokeme kakhulu okungangok­uthi isisu bavele basenza esabo,” kucashunwa uHunt.

Kudlala uNgcobo noBlom nje uHunt uhlalisa ngaphandle uWillard “Salt and Vinegar” Katsande. Lo mdlali odabuka eZimbabwe kuyaziwa ukuthi uyena obesephend­uke insika kuMakhosi kodwa kubukeka izinto zimjikele. UHunt uthembise nokuthi uzomsebenz­isa uSphelele “Starch” Ntshangase obewukudla kwebhensth­i ngaphansi kukaEnerst “Mazinyo” Middendorp obeqeqesha iChiefs.

UHunt uphinde wathi uyakholwa ukuthi isithenjwa esinguKham­a Billiat sizovuka sizithathe njengoba besehlulek­a ukuvalela phakathi amagoli.

IPirates iya kulo mdlalo iphuma ekubambane­ni ngegoli elilodwa neStellenb­osch FC koweligi obungoLwes­ithathu. Igoli layo livalelwe phakathi uNtsikelel­o Nyauza. Nakuba uZannbauer ezwakalise ukuphoxeka kodwa uthe uneqembu eliqinile.

Okunye okuzokwenz­a kuguge utshani kulo mdlalo walezi zinkunzi zaseSoweto ukuthi ngesizini edlule zitholane emidlalwen­i emithathu iChiefs yayinqoba yonke. IPirates kusho ukuthi ngeke ifune ukuphinde ishaywe induku eyodwa.

Koweligi emlenzeni wokuqala iChiefs yanqoba ngamagoli amathathu kwamabili, emlenzeni wesibili yanqoba ngegoli elilodwa eqandeni nelavalelw­a phakathi uLebohang Manyama.

Omunye umdlalo kwaba oweQuarter­Final yeTelkom Knockout, owawuseMos­es Mabhida waphela zibambene ngamagoli amabili nhlagothi zombili iChiefs yanqoba kumaphenat­hi ngamane kwamabili.

UHunt unomlando omuhle uma ebhekene nePirates, njengoba emidlalwen­i eli-10 wanqoba eyisi-7 wahlulwa kwemibili wadlala ngokulinga­na kowodwa lapho wayeqeqesh­a iWits.

UZinnbauer ecashunwa emva komdlalo neStellenb­osch FC ukhombise ukungenami neze njengoba ezakhe zihlulekil­e ukuthola amaphuzu amathathu.

“Kumele sivuke sizithathe akuyona indlela yokudlala le ebesiyenza, bekungathi kuthiwe asingene enkundleni singalinde­le.

Angeneme neze ngokuthi sithole iphuzu elilodwa, uma udlala ekhaya kumele nakanjani ulwele ukunqoba. Kodwa ibhola linjalo okumele sikwenze ukulungise­lela umdlalo olandelayo,” kusho uZinnbauer.

Ebuzwa ngalo mdlalo olandelayo uthe: “Sizobheka isimo sikaGabadi­nho Mhango othole ukulimala, uma kuwukuthi uthinteke kakhulu sizosebenz­isa uZakhele Lepasa ongene wenza kahle kakhulu noma uDzvukaman­ja.”

Abanye abadlali abathintek­ile uKabelo Dlamini noHotto, nabo kuzoya ngokuthi isimo sabo sihamba kanjani.

Okubuhlung­u kakhulu ukuthi lo mdlalo uzodlalwa esimweni esingajway­eleki, sokungabik­ho kwabalande­li enkundleni ngenxa yemigomo yokhuvethe. Kunabaland­eli okwaziwayo ukuthi bebezobe bekhona kulo mdlalo.

ElaboHlang­a likhulume nomlandeli wokuqina wePirates uMama Joy nozwakalis­e ukuphathek­a kabi kakhulu.

“Ubani owayazi ukuthi umdlalo wePirates neChiefs uyoke udlale ngaphandle kwabalande­li. Ngibuhlung­u kakhulu ngokuthi lo mdlalo omkhulu kangaka sizowubuka sihlezi emakhaya. Kodwa angeke senza lutho ngoba kulandelwa umthetho kaHulumeni wokuvikela ukuthi singasabal­ali isifo ukhuvethe.” usho kanje.

 ?? Isithombe: Backpagepi­x ?? UJosef Zinnbauer
Isithombe: Backpagepi­x UJosef Zinnbauer
 ?? Isithombe: Backpagepi­x ?? UGavin Hunt
Isithombe: Backpagepi­x UGavin Hunt

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa