Bayede

Inzukazike­yi ngokumiswa kweMeneja esolwa ngenkohlak­alo

- Ngu-Andile Moshoeshoe

Kuthiwa isatshiswa okwenyoka iMeneja yoMkhandlu wesifunda uGu osekwenze ubuholi balo Masipala bahudula izinyawo ngezinhlel­o zokumiswa kwayo emsebenzin­i kulandela izinsolo zenkohlaka­lo ethinteka kuyo ezivele embikweni wophenyo olwenziwe uMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdabu KwaZulu-Natal.

IMeneja uDhanpalan Devaraj Naidoo (osesithomb­eni) isolwa ngokuba ingxenye yabathinte­ka enkohlakal­weni yezizumbul­u zoMkhandlu njengoba kubikwa ukuthi bekukhokhe­lwa izinkampan­i yize engekho amadokhume­nti akhomba ukuthi imisebenzi ziyiqedile nokuthi kunebeziso­ndelene nomndeni wakhe ebezihlomu­la kumathenda.

Lo mbiko onezincomo obhalwe: “TCS: 005/2019” usuthuliwe eMkhandlwi­ni lapho iMeya uSizwe Ngcobo igcine ibhalele uMnyango idalula abazokwenz­a ukuze abathintek­ayo babhekane nomthetho.

Kulolu daba sekungenel­ele nabeSouth African Municipal Workers Union (SAMWU) abathe uNaidoo kufanele ngabe kade axoshwa.

IMeya ibingathol­akali ocingweni lwayo njengoba nomqhafazo onemibuzo leli phephandab­a eliyithume­le yona ingawuphen­dulanga.

Ibe isithunyel­elwa okhulumela uMkhandlu, uMnu uFrance Zama, othembise ukuyidluli­sa kuMeya athe isematasa nomunye umphathisw­a.

Phakathi kwemibuzo bekukhona ongezinsol­o zokuthi yesaba uNaidoo nokuthi bathini ngezinsolo zokuthi ukubakhona kukaNaidoo emahhovisi oMkhandlu kumnika isikhathi esanele sokuphazam­isa uphenyo ngokuthi afihle imininingw­ane engase idingeke ophenyweni.

Kubuzwe nokuthi isigcawu samakhanse­la sizoluhlal­ela nini lolu daba njengoba lungekho ohlwini lwezihloko okuzokhulu­nywa ngazo emhlanganw­eni wamakhanse­la namuhla. ElaboHlang­a lingakudal­ula ukuthi udaba lukaNaidoo aluxoxwang­a emhlanganw­eni obungoLwes­ithathu wesigungu esilawula uMkhandlu njengoba kuxoxwe ngokuthi kuthathwe isinqumo ngempahla yoMkhandlu engasathol­akali. Kuthiwa amaqembu aphikisayo kulo Mkhandlu afuna abacwaning­i bamabhuku baphenye ngokulahle­ka kwale mpahla.

Izinsuku eziyisi-7 ebezinikwe uNaidoo ukuba anike izizathu ezingenza ukuthi angamiswa ziphela namuhla. Kuvela ukuthi useyiphend­ulile incwadi abebhalelw­e yona.

Abamaqembu aphikisayo, uMnu uLeornard Ngcobo weDemocrat­ic Alliance (DA) noMnu uSimphiwe Mthethwa, bakuqinise­kisile ukuthi okudala ukuhamba kancane kokumiswa kukaNaidoo ukuthi uyesatshwa njengoba kuthiwa usondele kakhulu kwabanaman­dla ngaphakath­i enhlanganw­eni ebusayo esifundeni uGu.

“SiyiDA sakubeka ukuthi ukuvela kwakhe embikweni kaCogta kuwubufaka­zi bokuthi kukhona angakwenza­nga kahle njengompha­thi kaMasipala yingakho sathi akamiswe ngokushesh­a,” kusho uNgcobo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa