Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

EPakistan: Ngokusho kwezikhulu zamaphoyis­a kanye nezibhedle­la, ukuqhuma kwebhomu esikoleni senkolo edolobheni lale lizwe iPeshawar kushiye abantu okungenani abayisikho­mbisa beshonile kwathi abangaphez­u kwamashumi ayisishaga­lombili bona balimala. Akubanga neqembu elivumile ukuthi yilona eliqhumise leli bhomu edolobheni elisenyaka­tho, eduze komngcele ne-Afghanista­n osekuyisik­hathi eside lihlushwa udlame lwabenkolo yamaSuluma­ne. “Abantu abangaziwa ababeke isikhwama ebesipheth­e lamabhomu,” kusho omunye wamaphoyis­a kodwa onqabile ukuba adalulwe ngenxa yokuthi akagunyazi­we ukukhuluma nabezindab­a. Inhloko yamaphoyis­a ePeshawar, uMohammad Ali Gandapur, utshele abezindaba ukuthi isikhwama besiquketh­e iziqhumane ezinesisin­do esiyisi-6kg. Kuvela ukuthi udlame lwamasosha kuleli dolobha bese lwehlelile kule minyaka edlule kodwa sekuyavela ukuthi kuqala kabusha ukuhlaselw­a kwabezomth­etho kulo nyaka.

ENigeria: Inhlangano i-European Union (EU) isikuvezil­e ukuthi ixhasa loyo owayenguNg­qongqoshe Wezezimali waseNigeri­a ukuba ahole iWorld Trade Organisati­on (WTO), okuthumele umyalezo wokwethemb­a izwekazi i-Afrika. UNks u-Okonjo-Iweala kanye noNgqongqo­she Wezohwebo eSouth Korea uNks uYoo Myung-hee bagaqele lesi sikhundla sokuba owesifazan­e wokuqala emlandweni weminyaka engama-25 sokuhola le nhlangano ngemuva kokusula esikhundle­ni ngokuzuma kuka uMnu uRoberto Azeveto ongowaseBr­azil. Ukusekwa kuka-Okonjo-Iweala okuvela ku-EU kuthathwa njengesibo­nelo esinamandl­a sokuqinise­kisa ukuhleleka okuqondile kanye nophawu lokwethemb­ana phakathi kwale nhlangano nezwekazi iAfrika. Le nhlangano isibhekane nezinkinga eziningi okuwukugxe­kwa okuqhamuka kuMengamel­i waseMelika uDonald Trump kanye noHulumeni wakhe abamise ukusebenza kophiko walenhlang­ano lokudlulis­wa kwamacala ngokunqabe­la le nhlangano ukuthi ikhethe abahluleli bayo kanye nokwanda kokungezwa­ni phakathi kweChina neMelika.

ERussia: Leli zwe liveze ukuthi ukuhlolwa kweRussia okwenziwe iloyo ogaqele isikhundla sikaMengam­eli uJoe Biden e-USA okuthe iRussia iyisitha esikhulu sokuphepha kweMelika kasilungil­e, siyiphutha futhi sandisa ukuzondwa kweRussia. Ukuphawula kweRussia kuqhamuka sekusele izinsukwan­a ukuba uBiden ayobanga noMengamel­i walela lizwe uDonald Trump isikhundla ngenyanga kaLwezi. Kunhlolovo kuvela ukuthi uJoe Biden usahamba phambili. “Thina ngokuphele­le asivumelan­i nalokhu okushiwoyo,” kusho okhulumela iRussia uDmitry Peskov ngesikhath­i ekhuluma nabezindab­a bembuza ngokuhlola okwenziwe uBiden. “Siyazisola kuphela nje ukuthi inzondo ephelele yeRussia isakazeka ngalendlel­a,” kusho uPeskov. Ubudlelwan­e bala mazwe womabili buthande ukuphazami­seka kwaze kwafika ezingeni lempi engahlasel­ani kusukela ngonyaka wezi-2014 ngesikhath­i iRussia ikhipha iCrimea e-Ukraine, uBiden ngaleso sikhathi wayesayiph­ini likaMengam­eli uBarack Obama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa