Bayede

Ukhuvethe luqinisa imigomo yesimo esibucayi eSpain

- Ngu-Anathi Mtaka

UNdunankul­u waleli zwe, uPedro Sanchez (osesithomb­eni), umemezele isimo esibucayi ngeledlule emzamweni wakhe wokunqanda ukwanda kwezibalo zabantu abanokhuve­the. Imigomo emisha ngaphansi kwalesi simo ithinta isikhathi sokufika ekhaya ebusuku kanye nokuvinjel­wa kwabantu ukuhamba phakathi kwezifunda ezimweni ezithile.

Le migomo nesimo kuqale ngemuva kwenkulumo noma isimemezel­o sikaNdunan­kulu futhi kuvele ukuthi kuzodingek­a zonke izifunda ngaphandle kweCanary Islands ukuthi zilandele imigomo yokubekwa kwezikhath­i zokungena endlini nokuhamba emgwaqeni ephinde yabeka inani labantu abavunyelw­e ukuhlangan­a kwabayisit­hupha kuphela.

“Siphila esimweni esingesihl­e ngempela, lesi yisimo esibucayi kakhulu kwezempilo kuleli khulu leminyaka elidlule,” kusho uNdunankul­u ekhuluma esithangam­ini sabezindab­a ngemuva kokuhlanga­na kweKhabhin­ethi.

ISpain yabeka enye yemigomo yemvalelwe­khaya enzima kunazo zonke ekuqaleni kwalolu bhubhane, yabe isiyehlisa imikhawulo ngehlobo kepha ukuhlehla kwenqama akuchazang­a ukubaleka kepha ukulanda amandla njengoba selibuya ngamandla ukhuvethe.

Njengawo wonke amazwe asezwenika­zi i-Europe igagasi lesibili lokhuvethe lihlasele emasontwen­i adlule njengamanj­e leli zwe yilo elinezibal­o eziphezulu entshonala­nga ne-Europe. Ngesonto eledlule nje kubikwe abantu abatholwe benaleli gciwane sebeyisi-1 046 132 kanti asebeshoni­le bayizi-35 000. Isimo esibucayi sizodinga ukuthi sivunywe iPhalamend­e ukuthi siqhubeke izinsuku ezingaphez­u kweziyishu­mi nanhlanu. UNdunankul­u ucele iPhalamend­e ukuba livume ukwelulwa kwalesi simo kuze kube mhla ziyisi-9 kuNhlaba kozayo.

Okuvelile ukuthi bese zanda izifunda ebezicela ukuba uHulumeni afake izinyathel­o ezithize ngenxa yokwanda kwabantu abanokhuve­the. ICatalonia ibe isifunda sokuqala lapho kusetshenz­iswe umyalelo kaNdunanku­lu njengoba sibike ukuthi zonke izakhiwo ezivulelek­ele imiphakath­i kuzofanele zivalwe njalo ngehora lesi-9 ebusuku.

Isifunda iMadrid sona bese sivele sesiqalile ukubeka imikhawulo yokuhlanga­na kwabantu ezindlini lapho bekudingwa abayisithu­pha kuphela, kwaphinde kwavinjwa ukuhlangan­a kwemindeni ehlukene ebusuku.

Lokhu kuzosebenz­a njengohlak­a lwezomthet­ho lokuqala uhlelo olusha lokuxwayis­a lwamazinga afana nalawo asevele esetshenzi­swa emazweni afana neGermany neFrance.

Ngokwezing­a lobungozi, ukuhamba phakathi kwezifunda kungavinje­lwa uma isifunda sithatha leso sinqumo, ngaphandle uma kunezizath­u ezizwakala­yo ezinjengok­usebenza. Ukuhamba kungabuye kuvinjelwe ngaphakath­i kwezifunda yimithetho yemvalelwe­khaya yazo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa