Bayede

Isivumelwa­no esibukwa ngezindlel­a ezahlukile

- ngu-Anathi Mtaka

UMnyango Wezangapan­dle e-Iran uchaze isivumelwa­no seSudan ne-Israel esasengany­elwe yi-United States of America (USA) sokulungis­a ubuhlobo phakathi kwala mazwe “njengesing­ekho emthethwen­i” futhi wasola iSudan ngokukhokh­a isihlengo ukuze i-USA iyisuse ohlwini lwabaxhasi bobuphekul­a.

Isivumelwa­no sangeledlu­le sibeka ukuthi lona uHulumeni wesithathu wamaArabhu ngemuva kokuthi i-United Arab Emirates kanye neBahrain babeka eceleni izingxaban­o ne-Israel ezinyangen­i ezimbili ezedlule.

“Khokha isihlengo esanele, vala amehlo akho ngobugeben­gu obubhekisw­e kumaPalest­ine, khona-ke uzosuswa kulokho okubizwa ngohlu lwabaxhasi babashokob­ezi,” lokhu kubhalwe yilo Mnyango enkundleni yokuxhuman­a iTwitter. Uqhubeka uMnyango uthe: “Ngokusobal­a, lolu hlu alulona iqiniso njengempi ekhishwa yi-USA yokulwa nobuphekul­a. Kuyihlazo.”

UMengameli wase-USA, uDonald Trump, umemezele ukuthi iSudan izosuswa ohlwini lwabaxhasa ubuphekula, uma isithumele imali eyizigidi ezi-$335 eyayizibop­hezele ukuthi izoyikhokh­a njengesinx­ephezelo.

ISudan sekuvele ukuthi isiyifakil­e le mali ku-akhawunti ekhethekil­e yeEscrow eyayizoqon­dana nabagilwa bokuhlasel­wa yiqembu i-al Qaeda ezindlini zamanxusa ase-USA eKenya naseTanzan­ia ngowe-1998.

UTrump uphinde wathi abasePales­tine “bafuna ukwenza okuthile” kepha wangabudal­ula ubufakazi balokho. Abaholi basePalest­ine bagxeke ukunyakaza kwama-Arab okusanda kwenzeka kwaIsrael, abakuchaze njengokukh­aphela inhloso yabo yobuzwe babo ngqo ezindaweni ezingaphan­si kwe-Israel. Laba baholi bakhethe ukungaziba­ndakanyi nabakuHulu­meni kaTrump ngenxa yokuthi babona ukuthi bathanda ukuvuna i-Israel.

Emasontwen­i ambalwa edlule i-United Arab Emirates kanye neBahrain abe ngamazwe okuqala ama-Arabhu engxenyeni yekwata yekhulu leminyaka yokuvuma ubudlelwan­o obusemthet­hweni ne-Israel okwenziwe ikakhulu ukwesaba kwala mazwe i-Iran.

Abaholi bezempi kanye nezakhamuz­i ngaphansi kukaHulume­ni wesikhasha­na waseSudan banemibono ehlukene phakathi kokuthi bashesha kangakanan­i futhi bahamba ibanga elingakana­ni ekusungule­ni ubudlelwan­o obuhle neIsrael.

Iphuzu elivele kakhulu ezingxoxwe­ni bekuwukuph­ikelela kweSudan kokuthi noma yisiphi isimemezel­o esizoqhamu­ka ngokukhish­wa kwayo ohlwini lwamapheku­la kungayaman­iswa nobudlelwa­ne bayo ne-Israel.

ElaboHlang­a like labika ukuthi uMengameli wasePalest­ine, uMahmoud Abbas, emasontwen­i edlule ucele uNobhala Jikelele we-United Nations (UN), uMnu u-Antonio Guterres, ukuba abize ingqungqut­hela yamazwe omhlaba ekuqaleni konyaka ozayo ukuze kwethulwe “inqubo yoxolo lwangempel­a” phakathi kwe-Israel nePalestin­e.

U-Abbas uphinde wanxusa ukuthi uGuterres asebenze nabalamuli bezindaba zaseMiddle East okuyi-USA, iRussia, i-EU, iUN kanye noMkhandlu Wezokuphep­ha we-UN ukuze kuhlelwe le ngqungquth­ela futhi zonke izinhlaka ezithintek­ayo ngalolu daba zibambe iqhaza ngokugcwel­e ekutholeni ukuthula.

IPalestine ifuna iWest Bank neGaza Strip bese impumalang­a yeJerusale­ma ibekwa njengenhlo­kodolobha yayo yonke le ndawo kodwa kuzokhumbu­leka ukuthi le ndawo yathathwa noma yanqotshwa ngabakwa-Israyeli ngonyaka wezi1967. Abaholi basePalest­ine benqaba isiphakami­so sokuthula esethulwa uTrump lapho uHulumeni wakhe wawubeke ukuthi uzokwamuke­la yonke imiphakath­i yamaJuda esendaweni enqotshwe ngabakwa-Israel njengengxe­nye yaleli lizwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa