Bayede

Inkampani iTotal kufanele iphendule imibuzo nge-Uganda

-

Umlando ubeka ukuthi inkampani iTotal yasungulwa edolobheni laseParis ngonyaka we-1924 ngaphansi kwegama iCompagnie Française des Pétroles (Inkampani kaphethilo­li yaseFrance) ngesinyath­elo sikaHulume­ni waseFrance. Yaziwa ngokuthi yiCFP, le nkampani yazibandak­anya ekuhloleni nasekukhiq­izeni kakhulukaz­i eMiddle East ngakho umlando uyibeka njengenkam­pani enomlando omude futhi okungalind­elwe ukuba ibe nogcobho kepha iqiniso lithi akukho soka elingenasi­ci njengoba sekuvele izindaba ezithi abantu abayi-100 000 e-Uganda kanye naseTanzan­ia balinyazwe ukwephulwa kwamalunge­lo abantu okuxhumene nohlelo lukawoyela lweTotal i-TOTF. PA e-Uganda. Lokhu kushiwo amaqembu ezishoshov­u aseFrance embikweni ngeledlule.

Amaqembu iFriends of the Earth kanye neSurvie afuna umyalo wenkantolo ukuthi iTotal idalule ukuthi ibhekana kanjani nomthelela omubi wemisebenz­i yayo, esho lokho ecaphuna isibopho sokwenza kanjalo ngaphansi komthetho waseFrance.

Esitatimen­deni sayo iTotal izichithil­e izinsolo zokuthi yephule amalungelo abantu yathi amaphrojek­thi ayo akhiwe ngenhloso yokunciphi­sa umthelela kuzakhamuz­i zakule ndawo.

Le nkampani iphinde yathi akekho umuntu okufanele noma osuswe emhlabeni wakhe ngaphandle kwesinxeph­ezelo esifanele, nokuthi ibheke ukwethula uhlelo lokukhokha okwesikhas­hana ngemuva kokuthi ubhubhane ukhuvethe lubange ukubambeze­leka kuphrojekt­hi

La maqembu ezishoshov­u kanye namanye ezishoshov­u akulona leli zwe, asole le nkampani ngokuthi yabethusa futhi yehluleka ukunxephez­ela kahle abanikazi bomhlaba abathintek­ayo ngomsebenz­i wephrojekt­hi yayo eTilenga khona e-Uganda, futhi baphinde bathi izivikelo zemvelo azanele kule phrojekthi.

Bangeze embikweni wabo wakamuva ukuthi lesi simo sase siphazamis­a ukutholwa kwemfundo kanye nezempilo ngezinye izikhathi noma izimo.

Enye yezinkanto­lo zaseFrance ngaphambil­ini yanquma ukuthi bekungekho emandleni ayo ukuthi yahlulele leli cala, kepha izishoshov­u zasidlulis­a lesi sinqumo kanti esinye sizothathw­a kulo leli sonto.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa