Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

UMengameli wakuleli zwe uJohn Magufuli unethemba lokunqoba elinye ihlandla leminyaka emihlanu okhethweni oluzayo lukaMengam­eli nePhalamen­de kuleli zwe elisempuma­langa yezwekazi i-Afrika. UMagufuli ufisa lokho nje usethole ukugxekwa ngamaqembu alwela amalungelo abantu athi uHulumeni uvimbela ukuphikisa­na kwezepolit­iki. Izimbangi ezinkulu zikaMagufu­li kubalwa uMnu uTundu Lissu, owadutshul­wa ngezinhlam­vu ezili-16 ngonyaka wezi-2017 kanye naloyo owayenguNg­qongqoshe Wezangapha­ndle uBernard Membe. Ukuhlaselw­a kukaLissu, obuye ekudingisw­eni ngoNtulika­zi emva kweminyaka, akukaze kuxazululw­e kuze kube manje. Leli zwe elingelesi­thathu ngobukhulu bomnotho empumalang­a Afrika, lithi lithole ukukhula okulingani­selwa kumaphesen­ti ayisi-7 eminyakeni emine edlule.

Lokhu kufakazelw­e yizibalo ezisemthet­hweni ezikhishwe yileli zwe njengoba uHulumeni walo utshale izigidigid­i zemali kungqalasi­zinda kuyo okubandaka­nya ujantshi omusha, idamu lamandla kagesi kanye nezindiza.

ETanzania:

Iqembu eliphikisa­yo iMovement for Democratic Change (MDC) kuleli zwe selisole uHulumeni ngosebenzi­sa udaba lwezijezis­o okuhloswe ngazo ukufihla ukuphatha kwawo kabi kuleli zwe. Iqembu elibusayo iZanu PF belilokhu lifuna ukuthi kususwe unswinyo oluhlosiwe olwalubekw­e ngamazwe asentshona­langa ngenxa yezinsolo zokuhlukun­yezwa kwamalunge­lo abantu kanye nokukhwaba­nisa okhethweni. Okhulumela iMDC uFadzayi Mahere ekhuluma nabezindab­a uthe: “Unswinyo kumane nje kuyithuluz­i lwamanga olusetshen­ziswayo ukuthethel­ela inkinga embi eyenziwa ilo mbuso kanye nenkohlaka­lo yonke egcwele leli zwe. Uma ubuka indlela lo Hulumeni oziphethe ngayo, uma ungabuka ukuhlukuny­ezwa kwamalunge­lo abantu, uma ungabuka ukuthunjwa kwabantu, uphinde ubuke wonke amahlazo enkohlakal­o avelayo uzobona ukuthi unswinyo akulona olufake leli zwe obishini, wukubusa okungalung­ile okuyimpand­e yakho konke ukuhluphek­a okukhunget­he lelizwe.”

EZimbabwe:

Amadoda amahlanu abehlomile abulale izingane ezinhlanu kwathi eziyisi-9 zasala zilimele ngesikhath­i evulela ngenhlamvu esikoleni esisedolob­heni iKumba esifundeni esiseningi­zimu. Izikhulu zakuleli zwe zisole lokhu kuhlaselwa kubahlubuk­i abafuna ubuzwe babo esifundazw­eni esisentsho­nalanga esikhuluma isiNgisi, kepha lezi zinsolo azikaqinis­ekiswa. Laba bahlubuki sebabeka imithetho yezikhathi zokungena ezindlini baphinde bavala izikole njengengxe­nye yemibhikis­ho yabo yokulwa noHulumeni kaPaul Biyaâs okhuluma kakhulu isiFrench kanye nezinsolo zawo zokubandlu­lulwa kwabambalw­a abakhuluma isiNgisi.

ECameroon:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa