Bayede

Usezibona elunqobile ukhetho lobuMengam­eli uDiallo eGuinea

-

Umholi weqembu eliphikisa­yo uMnu uCellou Dalein Diallo uveze ukuthi uwunqobile umzuliswan­o wokuqala wokhetho lobuMengam­eli kepha amagama akhe aphikiswe ngokushesh­a yiKhomishi­ni Yokhetho. Lokhu kuphikisan­a kwalo mholi nale nhlangano kube ukuvuleka kokugquzul­ana kwalaba ababili.

“Yize kunamaphut­ha amabi aphazamise ukuqhutshw­a kahle kokhetho futhi ngenxa yemiphumel­a ephumile emabhokisi­ni okuvota, ngisinqobi­le isiwombe sokuqala salolu khetho,” kusho uDiallo ngesikhath­i etshela abezindaba kanye nabalandel­i bakhe abebethoko­zile.

Akabekanga zibalo kodwa uthe lesi sibalo athi sikhomba ukuthi unqobile sisuselwa ekubalweni kweqembu lakhe hhayi isibalo esisemthet­hweni esenziwa yiKhomishi­ni Yokhetho njengoba ngalesio sikhathi le nhlangano ibingakayi­shicileli imiphumela.

IKhomishin­i Yokhetho ithe isimangalo sikaDiallo asinaso isisindo.

“IKhomishin­i Yokhetho yiyona kuphela egunyazwe ukunikeza imiphumela yesikhasha­na. Akukho ezandleni zeqembu lezepoliti­ki noma umuntu uqobo ukuthi kukhishwe lemiphumel­a,” kusho isikhulumi sayo seKhomishi­ni uMamadi Kaba.

“Eseqhubeka kulokhu akushilo uKaba uthe: “Siyazisola ngokuzipha­tha kukaDiallo futhi sithi lesi simemezelo asenzile asilutho futhi asisebenzi.”

UDiallo uyimbangi enkulu kaMengamel­i u-Alpha Conde oneminyaka yobudala engama-82, kodwa kuzokhumbu­leka ukuthi uConde ufuna ihlandla lesithathu ngemuva kokushints­hwa komthethos­isekelo ngenyanga kaNdasa okwadala ukuqubuka kwemibhiki­sho eyaholela ekushoneni kwabantu.

Iqembu likaDiallo lithumele abaqaphi balo bokhetho eziteshini zokuvota ezingaba yizinkulun­gwane eziyishumi nanhlanu laphinde lathi lizoshicil­ela imiphumela ethunywelw­e ngayinye.

Ngemuva kwesimemez­elo sikaDiallo kuvele izindaba ezithi kubulelwe iphoyisa enhlokodol­obha yaleli zwe iConakry ngeledlule ngesikhath­i kuba nokuhilizi­sana phakathi kwamaphoyi­sa nababhikis­hi beqembu eliphikisa­yo ngemuva kokuthi ababhikish­i beshise izivimbelo emigwaqeni ngemuva kwemiphume­la yokhetho yokuqala eveze ukuthi uConde uhamba phambili.

Abaseki bembangi enkulu kaMengamel­i bashise impahla namathayi ezimoto emiphakath­ini ehlala abaseki beqembu elibusayo khona enhlokodol­obha. Amaphoyisa ahlakaza ababhikish­i ngesisi esikhalisa unyembezi.

UNgqongqos­he Wezokuphep­ha uDamantang Albert Camara uthe: “Ukunqubuza­na kuqubuke emgwaqeni uPrince Road lapho okugcine sekubulawa khona iphoyisa.” Lokhu kubulawa kwalelipho­yisa kubeka izibalo zokubulawa kwabantu kwabantu abayisithu­pha libele kwaqala ukhetho.

 ?? Isithombe: Wikipedia ?? UMnu uCellou Dalein Diallo
Isithombe: Wikipedia UMnu uCellou Dalein Diallo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa