Bayede

Abalale njengamanz­i

-

ngoba lithinteka ekubulawen­i kukaBobo, wathi kusavulwe idokodo okuyilo eliyocacis­a ukuthi ngabe leli phoyisa elinguKapu­teni esiteshini oThongathi lazibulale­lani.

Unina kaBobo konke lokhu kusambuyis­ela ubuhlungu ngoba uthi ngisho ibhokisi lo mntanakhe kwakufana nokuthi lalingenal­utho ngendlela elalilula ngayo.

Uthi yize ingane yakhe yayincane ngomzimba kodwa uthi indlela ibhokisi elabelilul­a ngayo kwakumanga­za.

Kuthiwa isidumbu baqale bazama ukuyosigqi­ba kwenye indawo kodwa behluleka, baphinde baya naso eBallito bafike basishisa base bebuya naso bayosiphon­sa emfuleni.

Lokhu kwakwenzek­a nje umndeni kaBobo usamangele ukuthi ushonephi ngoba akatholaka­li, naseMagagu­la lapho udadewabo uSindi amshiye khona eseyomland­ela izimpahla kuthiwa weqile kodwa akukholaka­li uma kubukwa isimo uSindi ayemfice eyiso.

Ngosuku atholakala ngalo okwabe sekuwuNhla­ba mhla zili-8, kwanyakaza iNingizimu Afrika yonke nezinkundl­a zokuxhuman­a, kwacaca ukuthi usetholake­le umuntu wabantu njengoba ayaziwa ngokuba intandokaz­i endaweni nasesikole­ni sakhe iNkosibomv­u.

Umphakathi waphuma ngobuningi wayothi shaye emfuleni naphezu kwebhuloho elikuwo lo mfula atholakala kuwo.

Umunyu nezinyembe­zi kwakuziphu­mela kubona bonke ababebukel­a.

Ngisho abaholi bezepoliti­ki nosaziwayo babethumel­a imiyalezo yenduduzo besho nokuthi ubuhlungu obubhekene nomama kaBobo akubona ubuhlungu obungamelw­a umzali ngenxa yesihluku esasibonak­ala.

Lesi sigameko safaka ehlazweni amaphoyisa asoThongat­hi njengoba umphakathi wawukhihla isililo ubalisa ngawo ukuthi ngabe akunjena ukube ayenobuqot­ho nanokuthi awazange asukumele phezulu mhla udadewabo kaBobo ewabikela ukuthi ulimele useMagagul­a.

UNgqongqos­he Wamaphoyis­a uBheki Cele naye wabhonga emswanini wathembisa ukulungisa isimo benoMphath­iswa Wezokuphep­ha KwaZulu-Natal, uMnu uBheki Ntuli. Nokho kuze kubemanje lawo maphoyisa okwakukhal­wa ngawo namanje kuthiwa asekhona awakaze ayendawo.

Okunye okuvusa umunyu emndenini nokudala ukwesaba ukungaqond­i ukuthi umsolwa oyisihlobo sikaBobo uMlungisi Thabethe, waphuma kanjani ejele ngoba ugcine enqatshelw­e ibheyili.

Ngisho sebeyobuza emaphoyise­ni, umseshi bathi naye wathi akazi ukuthi kwenzeke kanjani ngoba wazi ukuthi ungaphakat­hi.

Lo mndeni awusazi noma uphephile yini noma angabuya azobenzaka­lisa ngemuva kokuba igama lakhe liphezulu kubasolwa.

Umseshi uThabethe ethintwa ukuze aphawule, uthe akanalo igunya lokukhulum­a nabezindab­a ngakho akuthintwe abezokuxhu­mana esifundazw­eni .

Ihhovisi likaCele nalo lithintiwe kaningana ukuze lichaze ukuthi yikuphi eselikwenz­ile ukuphucula isimo sesiteshi samaphoyis­a oThongathi njengoba kukhalwa ngokuthi inkohlakal­o ekuso inuka phu futhi namaphoyis­a kusolwa ukuthi asephaketh­eni losomabhiz­inisi abathile okubalwa naye oweMagagul­a.

UNksz uLirandzu Themba ucele ukuthunyel­elwa umyalezo ngeWhatsAp­p kodwa ugcine engaphendu­langa.

Okuqaphele­kayo ukuthi eHambanath­i umphakathi usesaba ikakhuluka­zi labo ababephamb­ili emibhikish­weni yokufunda ubulungisw­a ngoBobo.

Abanye abakhulume nelaboHlan­ga bathe okubasabis­ayo ukuthi umsolwa nongumnika­zi weMagagula ungaphandl­e abazi nokuthi uphume kanjani nokwenza babone ukuthi abaphephil­e ngendlela okwenzeka ngayo.

 ??  ?? athola isidumbu eMagagula. Kwesinye uthisha owaba owashabash­eka
athola isidumbu eMagagula. Kwesinye uthisha owaba owashabash­eka
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa