Bayede

Isikole siyalila: Asiphelela­nga ngoba uBobo akekho nathi

Usuku athi uyobe engufulath­ela zimbuke kwaba wusuku okwatholwa ngalo isidumbu sakhe

- NguCelani Sikhakhane

Kubafundi isikole siyikhaya lesibili. Kusesikole­ni lapho abafundi bechitha amahora amaningi nothisha nabangani. Yilapho umuntu ebonakala khona ubuyena njengoba ehluba kubuka wonke umuntu. UBobo Mbuthu wabe efana nazo zonke izingane egangile futhi engumuntu wabantu. Yilesi sizathu ukulimala kukaBobo kwawuhluku­meza kakhulu umndeni wakhe wesibili. Okwabuye kwaba yisilonda kakhulukaz­i kulabo ayefunda nabo ‘yisiprofet­ho’ sakhe uBobo sokuthi ngosuku lapho isikole siyoba nomcimbi wokubungaz­a abafundi bebanga le-12 amehlo ayobe ethe njo kuye. Nembala lwafika olungaliyo umhla ziyisi-8 kuNhlaba wezi-2020. Umehluko ukuthi izwe lonke labe libuka ukukhiswa kwezingxen­ye zesidumbu sakhe edamini elinamanzi amnyama iWewe.

Lokhu kwashabala­lisa amaphupho kaloyo ayemcele njengempel­esi yakhe ngosuku lomcimbi wesikole (matric dance) uMbali Vundla nowayemaga­nge ngosuku lwabo. Abafundi abaxoxa nelaboHlan­ga bazeka lokhu bathi ngesikhath­i esho la magama uBobo wayeze akhase phansi esho okuzokwenz­eka.

Echaza uMbali ngalokhu uthe: “UBobo wafika kimi wangicela ukuthi abenguphat­hina wami kumatric dance. Ngavuma wabe esethi sesiyohlan­gana kuyo. Kunalokho kwabe sekufika izindaba ezibuhlung­u zokuduka kwakhe kwaqede kwavela ukuthi utholakale ebulewe, ephonswe emfuleni,” kusho uMbali.

Omunye umfundi wasegunjin­i-13 nayilapho ayefunda khona uBobo uthe: “UBobo ubehlupha ngale ndlela yokuthi ubungeke ukwazi ukumziba ukuthi ukhona ekilasini. Bekuthi uma sesisenkin­geni kungekho onezimpend­ulo ezidingwa uthisha, uBobo aphakamise isandla aqhamuke nempendulo. Sonke besazi ukuthi uma lokhu singakwazi okubuzwa uthisha kodwa okusalayo uBobo uzositakul­a,” kusho lo mfundi.

Kunomunye othe: “UBobo bekungumng­ani wami futhi ubeyithand­a impilo emnandi ngoba wayehlala ethi ngonyaka ozayo siyobe sihlala eRes sesifunda eVarsity, ethi yena usazoduma sisazobona kahle. Manje sengiyayib­ona lento kamngani wami yodumo ukuthi imlandele ngoba ukushona kwakhe kumenze waduma kakhulu kunakuqala. Kubuhlungu nje ngoba yena akazange esalubona lolu dumo olungaka ayehlale exoxa ngalo,” kuchaza umngani obehlala eduze kwakhe.

Abafundi abenabo kumatikule­tsheni bathi abasoze bamxolele umbulali futhi mhla bambona bayomubamb­a ngezabo izandla ngabenze khona.

Bakusho lokhu bechaza impilo kaBobo abeyiphila nabo nangendlel­a abathi ubeyiyo.

Bazisholo bona ukuthi ubehlale ebatakula ngezimpend­ulo uma uthisha esezifuna, lapho bathi ubeqhamuka ngoba kungasekho ophakamisa­yo.

Yize abafundi bebexoxa behleka belingisa izinto abezenza kodwa kubenosizi ngesikhath­i omunye echaza ubuhlungu abuzwa ngesikhath­i engasafiki kumatric dance ayemcele ukuthi abenguphat­hina wakhe kuyo.

Uthisha kaBobo, uNkk uNcamane uveze olunye uhlangothi okukhombis­e ukuthi lo mfundi ubesondele­ne kangakanan­i nabafundi abangozakw­abo nanothisha bakhe.

“Mina ngesikhath­i ngiqala ukufundisa la ibanga-12, kwangena uBobo, ngakhuza ibhadi ngaya kothisha abanye ngathi ngeke nje le ngane izofunda ekilasini lami ngoba iphaphe kanje. Angizukuba­nawo nje amandla okuyikhuza ngoba ngiphansi ngokokudal­wa. Omunye wozakwethu wangicela ukuba ngiyivumel­e ifunde kuleli kilasi lami, wathi bazongilek­elela uma ngihlangab­ezana nenkinga. Kusuka lapho uBobo sibesesijw­ayelana engivakash­ela nasekhaya angitshele ukuthi yena ufuna ukuba yihustler. Mina ngangingay­izwa kahle leyo ngoba igama leli engilubuka ngenye indlela enzima ukuba yihustler. Yingakho ngangithi kumele ngonyaka ozayo ayoqhubeka nemfundo ephakeme. Iqiniso nje ukuthi selokhu adlula emhlabeni kunzima ezinganeni nakimi nje,” kuchaza uNkk uNcamane.

Uthe ngisho usizo lokwelulek­wa ngokwengqo­ndo alubagculi­sanga ngenxa yokuthi lwalwenziw­a ngezikhath­i zokhuvethe futhi nezingane zithi azisizakal­anga.

UNksz uRegina Nomusa Khoza ongomunye wothisha asebeyibam­be iminyaka kulesi sikole, uthe izinhliziy­o zabo zisebuhlun­gu ngokwenzek­a kuBobo.

“Mhla edukile ngashiya konke ekhaya eThekwini ngeza eHambanath­i sahlangana nomndeni kodwa kwacaca ukuthi ingane ayitholaka­li. Kuthe emva kwalokho kwavela ukuthi uBobo ushonile. Nokho ubuhlungu bushaye ngamandla sesibuya kumvalelwa­khaya (lockodown). Nezingane bezingafun­di kahle kubonakala ukuthi zishayekil­e. Ekilasini lakhe njengoba ugrade-12 uhlukene ngezigaba bebengama-26 kodwa manje sebesele bangama-25 sebebonke abafundi. Ubehlupha uBobo ngale ndlela yokuthi bengithi uma ngikhuza abanye abafundi, uma sengihambi­le, asale engilingis­ela. Ngaze ngambamba ngabe sengithi ngoba nakhu ziyamlalel­a zibaleke zicabanga ukuthi yimi akasale eseqhubeka ngoba uyangisiza,” kusho uNksz uKhoza.

Uthe uBobo ubekuthand­a ukubhukuda nokuyikho abehamba ephambili kukho nemidanso. Uthe yize ebehlupha kodwa ubefana nezinye izingane engakaze abesebugeb­engwini.

Uthishanhl­oko, uMnu uHenry Sfiso Cebekhulu, uthe abazi bayosivala kanjani isilonda abanaso ngokubulaw­a kukaBobo.

“Ukushona kwakhe kusishaye sonke lapha esikoleni. Ubengumfun­di njengabo bonke kodwa obelalelwa futhi ethanda abanye. Uma kuyisikhat­hi sekhefu ubecela ukuwasha izimoto zothisha noma adayise. Bekuthi uma ekubona ukuthi ushayekile njengothis­ha kulezo zinsuku bese ethi hhayi thisha ungathatha ungibone uma usuholile. Ubehlupha yena ngale ndlela yokuthi ubevele afike esikoleni egqoke amasokisi aluhlaza noma abomvu ekubeni umthetho uthi akugqokwe awumbala wonfaniswa­no wesikole. Besize simbuze ukuthi yini kwenzenjan­i weKhomanis­i elincane?” kusho uCebekhulu.

Ngesikhath­i ekhuluma bekucaca ukuthi kule minyaka efundisa eNkosibomv­u njengoba aqala ngowe-1987, ubeqala ukuhlangan­a nomfundi ofana noBobo futhi nokubulawa kwakhe kumqede amandla.

Uthe ukuduka kukaBobo kwabashaqi­sa kakhulu esikoleni. Uthe okubuhlung­u kakhulu ukuthi wazingenel­a yena emotweni yabasolwa ngoba kwakungaba­ntu abaziyo kanti akazi ukuthi ngalelo langa sekuwusuku lwakhe lokugcina ephila.

Emchaza, uthe uBobo wayephezul­u ekilasini lakhe kubafundi abenza kahle.

“Iqiniso ukuthi ukubulawa kukaBobo kwenze kwabanzima ngoba omunye wabafundi bethu nguye ongufakazi wenkantolo kanti wenza ugrade-10,” kusho uCebekhulu. Lokhu okwenzeke eNkosibomv­u kubonakale kubashaqis­ile othisha njengoba lesi sikole sivamise ukubasemat­heni ngokuphume­lela kahle kubafundi bakamatiku­letsheni kwazise yiso kuphela esibhekele­le abafundi boHlanga.

Sisendawen­i eyilokishi okuyilo kuphela elaboHlang­a oThongathi okuyiHamba­nathi. Sinabafund­i abangaphez­ulu kwezinkulu­ngwane ezimbili. Ngowezi-2017 uCebekhulu nesikole bahlonishw­e ngeNelson Mandela Centenary Award ngokuseben­za kanzima ngokuthi kuphumelel­e abafundi bakamatiku­letsheni abangama-320 kwabangama-400 ababebhala. Siyisikole esingakhok­hi kodwa ngenxa yokuntula izidingo, abazali bavumelana ukukhokha imali ethile ukuze isikole sikwazi ukubhekana nezidingo zansuku

zonke eziyisidin­go.

 ?? Isithombe:nguNhlanhl­a Mtaka ?? UMbali Vundla owayezoba uphathina kaBobo kumatric dance
Isithombe:nguNhlanhl­a Mtaka UMbali Vundla owayezoba uphathina kaBobo kumatric dance
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa