Bayede

Umphakathi waseHamban­athi aweneme ngesiteshi samaphoyis­a

- NguCelani Sikhakhane

Umphakathi waseHamban­athi oThongathi usakhala ngokuthi kuze kubemanje awakakhish­wa “amazambane abolile” emaphoyise­ni esiteshi sasoThonga­thi ukuze kubelula ukulwa nobugebeng­u.

Lesi sikhalo sigqame ngesikhath­i ezinye izakhamuzi zaseHamban­athi zikhuluma nelaboHlan­ga mayelana nenkinga ezisabheke­ne nayo yobugebeng­u nokungathe­mbeki kwamaphoyi­sa asoThongat­hi.

Labo abakhulumi­le bacele ukuba kwenziwe isiqinisek­o sokuba amagama abo awaveli ngoba bayesaba ukuthi bangaze benzakalis­we.

Omunye okhulume nelaboHlan­ga uthe yena akaneme neze ukuthi emva kwesikhath­i eside kangaka kodwa izinto zisafana eHambanath­i, ubugebengu abehlile.

“Uyabona thina sasiphambi­li emashini eyayifuna kuboshwe ababulali bakaBobo. Sabeka izikhalo eziningi ngesiteshi samaphoyis­a asoThongat­hi. Okusiphath­a kabi ukuthi ubugebengu buyaqhubek­a, buka nje ngoLwesihl­anu kade kubulawa usomatekis­i okuthiwa uChamane abantu abamhlasel­e ebusuku bamdubula. Akugcini lapho kodwa sesiyesaba kakhulu njengoba lo muntu waseMagagu­la esephumile ejele. Asazi nokuthi uphume kanjani ngoba phela thina sagcina enqatsheli­we ibheyili. Kunzima nje impela kule ndawo yakithi,” kusho le ntokazi ecele kugodlwe igama layo. Omunye usomabhizi­nisi wendawo naye ocele ukungashiw­o, uthe sekunele kwaphuma umsolwa ongumnikaz­i weMagagula sebesaba kakhulu ngoba abazi ukuthi kuzokwenza­kalani.

“Ngicela igama lami bafowethu ningalokot­hi nilifake ngoba izinto azishintsh­ile lapha kodwa kusasabeka namanje. Asiyazi le ndoda ephumile ukuthi icabangani futhi ixhumene nobani,” kusho lo somabhizin­isi.

Abanye omama kuthe uma bezwa ukuthi iphephanda­ba abakhuluma nalo bathi bona abazi lutho, omunye wathi yena akahlali kule ndawo kodwa uvakashile. Ubesho eziphika ngoba ubeqale wathi umuzi wakhe lona abevakashe­le kuwo kodwa ube esekhomba owesifazan­e osemncane wathi nguye ohlala ekhaya naye wazihlangu­la wathi uyesaba akafuni ukukhuluma. UMfundisi naye okhulume nelaboHlan­ga esemahhovi­si ekhansela le ndawo uvele washo zibekwa nje ukuthi ucela ukungazish­o igama lakhe ngoba uyesaba. Lokhu kukhombe ngokusobal­a ukuthi isimo sibi eHambanath­i uma kusaba nabefundis­i.

UMnu uFata Shandu uthe kufanele uNgqongqos­he Wamaphoyis­a aphakamise izinyawo alungise isiteshi sasoThonga­thi ngoba konakele.

Uthe baze basizwe amaphoyisa asePhoenix nawaseBall­ito uma benenkinga noma awaseDurba­n North ngoba uThongathi lufana nehlaya.

Uveze nokuthi kunamaphoy­isa ayisikhomb­isa afike mathupha kuye ambikela ukuthi akusebenze­ki ngenxa yokukhohla­kala kwabanye osigaxamab­hande bangaphaka­thi esiteshini.

UShandu usekomitin­i iJustice for Bobo elasungule­lwa ukufaka ingcindezi ukuba kwenzeke ubulungisw­a ngokubulaw­a kukaBobo Andile Mbuthu.

IKhansela uZanele Khumalo ebelinethi­mba leJustice for Bobo ehhovisi lalo, lithe umphakathi awusasidin­gi neze isakhiwo sakwaMagag­ula.

“Abantu bomshwalen­se bebephuma bengena kulesi sakhiwo nokuze kwafika umama womnikazi wendawo wangitshel­a ukuthi bacabanga ukuyivusa. Ngimchazel­ile ukuthi umphakathi awusadingi lutho ethinta lesi sakhiwo kangangoku­thi awusafuni ngisho ukuba iphendulwe yenziwe izindlu zokuqashis­a. Inkinga ukuthi akuqali ukuthi kufele abantu laphaya. Nakudala sisakhula kwakuvele kutholakal­e izidumbu zabantu bebulewe,” kusho iKhansela uKhumalo lakuward 62.

Nalo ikhansela lizivezile izikhalo zabantu lathi abaneme neze ngokuseben­za kwesiteshi sasoThonga­thi nokwenza bafise ukuba kwenziwe izinguquko kuso.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa