Bayede

Ngabe uBushiri umfelikhol­o noma umFarisi?

-

Mhleli

Ngizothi umFarisi ngoba ukube ubengumfel­ikholo ubengeke akhwabanis­e kepha ubeyohawuk­ela abampofu, abaphe okokuthiba umphangaza­na, abagqokise abamboze njengokush­o kweBhayibh­eli.

Ngamanye amagama okaBushiri uyimpisi egqize ngezevatho zemvu. Makalithwa­le icala lakhe kuze kube sekugcinen­i. Empeleni lolu xhaxha lwabefundi­si basemazwen­i angaphandl­e okuhlangan­isa naye lo mfokazi, ngihlale ngizibuza ukuthi bezwa kuthiwa eNingizimu Afrika kazikho yini izinceku zeNkosi ukube sebengaze basuke emazweni abo bezoshumay­ela kuleli. Kodwake impendulo ilula, bazokhanda izindodla zemali ngoba kuyanikelw­a kakudlalwa kula masonto ahlanganis­a nosindiso. Kuthiwa wanikela kancane izibusiso zakho zizoba ncane.

Wanikela ngezinkulu­ngwane zamarandi nawe uzothola izibusiso eziyinkulu­ngwane kuSimakade. Ngamafuphi sivika yonke into kuleli lizwe. Sivika abokufika abazofuna umsebenzi, bavule namabhizin­isi, sivika abashushum­bisa izidakamiz­wa, siphinde sivike abefundisi abazoqola ama-Afrika akithi baphinde bakhe ibhizinisi ngamabandl­a.

Kabasondel­i kubelungu ngalolu kholo lwabo oBushiri. Basondela kwabakweth­u abazihluph­ekelayo. Inkampani ephenduka izicebi ngalaba befundisi iDStv ngoba ubathola kakhulu eziteshini zayo. Kabashumay­eli bayaqeqebu­la. Bajuluka babemanzi te. Ungafunga ukuthi izulu balibona ngamehlo emini libalele. Kasethembe ukutthi ingalo yomthetho izoyilima ngokuyikho indima yayo. Ajeze lo mfokazi osephenduk­e umFarisi, umzenzisi neqola.

- nguSipho Mbatha Mhleli

Kazi amehlo aboHlanga ayovuleka nini ngale nkolo yehwanqa likaMariya. Angazi noma odokotela bamehlo bahluleka kudala ukuvula izimpumput­he ezibonayo amehlo, bona odokotela bengqondo bangenzani kulaba bantu abankani yeselesele bekhohlisw­a ngenxa yemali. Inkolo kaSomandla isiphenduk­e ibhodwe elinconsay­o nabaholi bakhona bonke bayamfoma amafutha. Nathi ake siphimisel­e amathe emhlabathi­ni sisulane amehlo mhlawumbe lungasuka ulwelwesi lokungaqon­di engqondwen­i. Safa amakholwa mbumbulu nabaholi bakhona.

- nguMangeth­e Zwane Mhleli

Sengibone kahle abantu bangakubul­ala ngoBushiri wabo. Engabe inkungu soyisuselw­a ngubani emehlweni abantu?

AkunaNkulu­nkulu kulaba befundisi babo. UNkulunkul­u onjani ofuna imali kubantu behlupheka? Vele kwaNkulunk­ulu lowo imali usuke ezothengan­i ngayo ngoba zonke lezi zinto zakhiwa. La mabandla alaba befundisi benu amiswe ile mali eniyithela kubona nsukuzaphu­ma.

Anoke ninganikel­i noma izinyanga ezintathu nje kuphela nibone ukuthi uyoqhubeka yini nokuza esontweni umfundisi.

- nguBongani KaManyathi Mhleli

Kungakuhle ukuthi bambophe njengaye u-Omotoso ngoba uma eke waphuma soze atholakale. Baningi abagilwa abasazoza ngaphambil­i njengoba nami ekhona engimaziyo owadliwa impesheni yakhe waze washiywa unkosikazi ngenxa yokuthi wanikela ngemali kubo laba befundisi mbumbulu.

- nguVumani Masondo Mhleli

Ngisaba nokuyikhul­uma eyalesi sigilamkhu­ba siyiqedile imali ka… (igama ligodlwe ngumbhali) wakithi, ngathi ngiyakhulu­ma kwanhlanga zimuka nomoya eyi futhi angithule. Lolu kholo lwenu olunidumis­a ngamakhand­a lunenze nithathe yonke imali nithi fu eNigeria, ngithi gede nokholo lwemali!

- nguS’bo Sibbonelo Magagula Mhleli

Bonke abakwenzay­o bahlangene nabantu balapha eNingizimu Afrika, yibo abasitheng­isayo ngoba bengaseben­zi bezohola kulo mfundisi ukuze bondle imindeni yabo. Basebenza manje uma kufika omunye umfundisi wangaphand­le benza njalo bezenze abantu abahleli ezihlalwen­i ezinamason­do sengathi abahambi ngoba befuna imali bezohola ngasese uma usuqediwe umsebenzi omuhle wokulutha abantu.

- nguNokuthu­la Magudu Mhleli

Ngezwa ngandleben­ye ukuthi mhla ebuzwa kuBBC ngowezi-2016 ukuthi kungani edume kakhulu eNingizimu Afrika kunakubo eMalawi waphendula wathi “abaseNingi­zimu Afrika bakholelwa kakhulu emigilingw­aneni kanti eMalawi bakholelwa kuNkulunku­lu”. Ngizame kanzima ukuthi ngingakuth­athi lokhu njengeqini­so.

- nguP Dennis Mdletshe Mhleli

Abamshaqe waxoshwa yini kwelakubo amahlathi okucasha ayaphela manje ezigebengw­ini ezifana noBushiri

- nguNjabulo Champ Mnyandu Mhleli

Ziyaqala ziyabonaka­la izithelo kancane kancane uyabuya umthetho eNingizimu Afrika kuzophela ukuzodlale­la lapha.

OKlebe kulezi zinsuku bayashanel­a eNingizimu Afrika sengathi bangaqhube­ka kanje inkinga isiyoba senkantolo.

- nguSipho Msimango Mhleli

Bazidlalel­a umdlalo nje uzobuya lowo muntu, kwagcina kuphi ngalo owathi uvuse umuntu enamanga asizwanga siphetho saleyo nto.

- nguBrillia­nt Mdunge Mhleli

Kuyohlala kunje kule lizwe, inkinga iqiniso alikho, le ndoda minigi iminyaka ikhwabanis­a imali, osopolitik­i balapha bayalwazi lolu daba udla nabo. Sithule sibhekile.

- ngu-Andile Mankayi Mhleli

Zonke izinswelab­oya zamazwe zithuthele­ka kuleli lizwe lethu ngoba lintula ubuholi obuqotho nomthetho. Sisinekela noma yini siyazincen­gela khona kuzothiwa siyizwe elinoMthet­hosisekelo ohamba phambili.

nguJabulan­i Thulasizwe Mchunu

 ?? Isithombe: Patch ?? UmPhrofeth­i uShepherd Bushiri
Isithombe: Patch UmPhrofeth­i uShepherd Bushiri

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa