Ngabe uBushiri umfelikholo noma umFarisi?
Mhleli
Ngizothi umFarisi ngoba ukube ubengumfelikholo ubengeke akhwabanise kepha ubeyohawukela abampofu, abaphe okokuthiba umphangazana, abagqokise abamboze njengokusho kweBhayibheli.
Ngamanye amagama okaBushiri uyimpisi egqize ngezevatho zemvu. Makalithwale icala lakhe kuze kube sekugcineni. Empeleni lolu xhaxha lwabefundisi basemazweni angaphandle okuhlanganisa naye lo mfokazi, ngihlale ngizibuza ukuthi bezwa kuthiwa eNingizimu Afrika kazikho yini izinceku zeNkosi ukube sebengaze basuke emazweni abo bezoshumayela kuleli. Kodwake impendulo ilula, bazokhanda izindodla zemali ngoba kuyanikelwa kakudlalwa kula masonto ahlanganisa nosindiso. Kuthiwa wanikela kancane izibusiso zakho zizoba ncane.
Wanikela ngezinkulungwane zamarandi nawe uzothola izibusiso eziyinkulungwane kuSimakade. Ngamafuphi sivika yonke into kuleli lizwe. Sivika abokufika abazofuna umsebenzi, bavule namabhizinisi, sivika abashushumbisa izidakamizwa, siphinde sivike abefundisi abazoqola ama-Afrika akithi baphinde bakhe ibhizinisi ngamabandla.
Kabasondeli kubelungu ngalolu kholo lwabo oBushiri. Basondela kwabakwethu abazihluphekelayo. Inkampani ephenduka izicebi ngalaba befundisi iDStv ngoba ubathola kakhulu eziteshini zayo. Kabashumayeli bayaqeqebula. Bajuluka babemanzi te. Ungafunga ukuthi izulu balibona ngamehlo emini libalele. Kasethembe ukutthi ingalo yomthetho izoyilima ngokuyikho indima yayo. Ajeze lo mfokazi osephenduke umFarisi, umzenzisi neqola.
- nguSipho Mbatha Mhleli
Kazi amehlo aboHlanga ayovuleka nini ngale nkolo yehwanqa likaMariya. Angazi noma odokotela bamehlo bahluleka kudala ukuvula izimpumputhe ezibonayo amehlo, bona odokotela bengqondo bangenzani kulaba bantu abankani yeselesele bekhohliswa ngenxa yemali. Inkolo kaSomandla isiphenduke ibhodwe elinconsayo nabaholi bakhona bonke bayamfoma amafutha. Nathi ake siphimisele amathe emhlabathini sisulane amehlo mhlawumbe lungasuka ulwelwesi lokungaqondi engqondweni. Safa amakholwa mbumbulu nabaholi bakhona.
- nguMangethe Zwane Mhleli
Sengibone kahle abantu bangakubulala ngoBushiri wabo. Engabe inkungu soyisuselwa ngubani emehlweni abantu?
AkunaNkulunkulu kulaba befundisi babo. UNkulunkulu onjani ofuna imali kubantu behlupheka? Vele kwaNkulunkulu lowo imali usuke ezothengani ngayo ngoba zonke lezi zinto zakhiwa. La mabandla alaba befundisi benu amiswe ile mali eniyithela kubona nsukuzaphuma.
Anoke ninganikeli noma izinyanga ezintathu nje kuphela nibone ukuthi uyoqhubeka yini nokuza esontweni umfundisi.
- nguBongani KaManyathi Mhleli
Kungakuhle ukuthi bambophe njengaye u-Omotoso ngoba uma eke waphuma soze atholakale. Baningi abagilwa abasazoza ngaphambili njengoba nami ekhona engimaziyo owadliwa impesheni yakhe waze washiywa unkosikazi ngenxa yokuthi wanikela ngemali kubo laba befundisi mbumbulu.
- nguVumani Masondo Mhleli
Ngisaba nokuyikhuluma eyalesi sigilamkhuba siyiqedile imali ka… (igama ligodlwe ngumbhali) wakithi, ngathi ngiyakhuluma kwanhlanga zimuka nomoya eyi futhi angithule. Lolu kholo lwenu olunidumisa ngamakhanda lunenze nithathe yonke imali nithi fu eNigeria, ngithi gede nokholo lwemali!
- nguS’bo Sibbonelo Magagula Mhleli
Bonke abakwenzayo bahlangene nabantu balapha eNingizimu Afrika, yibo abasithengisayo ngoba bengasebenzi bezohola kulo mfundisi ukuze bondle imindeni yabo. Basebenza manje uma kufika omunye umfundisi wangaphandle benza njalo bezenze abantu abahleli ezihlalweni ezinamasondo sengathi abahambi ngoba befuna imali bezohola ngasese uma usuqediwe umsebenzi omuhle wokulutha abantu.
- nguNokuthula Magudu Mhleli
Ngezwa ngandlebenye ukuthi mhla ebuzwa kuBBC ngowezi-2016 ukuthi kungani edume kakhulu eNingizimu Afrika kunakubo eMalawi waphendula wathi “abaseNingizimu Afrika bakholelwa kakhulu emigilingwaneni kanti eMalawi bakholelwa kuNkulunkulu”. Ngizame kanzima ukuthi ngingakuthathi lokhu njengeqiniso.
- nguP Dennis Mdletshe Mhleli
Abamshaqe waxoshwa yini kwelakubo amahlathi okucasha ayaphela manje ezigebengwini ezifana noBushiri
- nguNjabulo Champ Mnyandu Mhleli
Ziyaqala ziyabonakala izithelo kancane kancane uyabuya umthetho eNingizimu Afrika kuzophela ukuzodlalela lapha.
OKlebe kulezi zinsuku bayashanela eNingizimu Afrika sengathi bangaqhubeka kanje inkinga isiyoba senkantolo.
- nguSipho Msimango Mhleli
Bazidlalela umdlalo nje uzobuya lowo muntu, kwagcina kuphi ngalo owathi uvuse umuntu enamanga asizwanga siphetho saleyo nto.
- nguBrilliant Mdunge Mhleli
Kuyohlala kunje kule lizwe, inkinga iqiniso alikho, le ndoda minigi iminyaka ikhwabanisa imali, osopolitiki balapha bayalwazi lolu daba udla nabo. Sithule sibhekile.
- ngu-Andile Mankayi Mhleli
Zonke izinswelaboya zamazwe zithutheleka kuleli lizwe lethu ngoba lintula ubuholi obuqotho nomthetho. Sisinekela noma yini siyazincengela khona kuzothiwa siyizwe elinoMthethosisekelo ohamba phambili.
nguJabulani Thulasizwe Mchunu