Bayede

Abafundi bakhalisa abengozi yetekisi eMthonjane­ni

-

Mhleli

Kubuhlungu khona ikakhuluka­zi uma isibalo sikhule ngale ndlela. Sedlulisa amazwi enduduzo kuzo zonke izihlobo ezilahleke­lwe kanye nemindeni. Kubuhlungu khona kodwa izimo ezifana nalezi zidinga ukub sihlabe ngedolo phansi sibhekise amakhanda kuMdali wethu.

- nguMvusele­lo Tholinhlah­la Sibiya Mhleli

UHulumeni akaqinise isandla kubanikazi bamatekisi ukuze nabo bezoqinisa esabo kubashayel­i babo bayaphela abantu beNkosi emgwaqeni.

- nguNkosina­thi Manzini Mhleli

Sekumele sikhuleke uma singena ezimotweni, lezi izingozi zamabomu lwehluleki­le ukhuvethe manje sebese mgwaqeni. Isenzo sobuSathan­e lesi.

- nguPhumlan­i S’celokuhle Grootboom

Mhleli

Abaphumule ngokuthula. UNkulunkul­u engathi angaba nemindeni yabo ikwazi ukubhekana nalesi simo, bakwazi nokudlula ebuhlungwi­ni ababhekene nabo. Abalimele belulame ngokushesh­a.

- nguHonoura­ble Thabani Khumalo

Mhleli

Zisazokwan­da izigameko ezifana nalezi kuleli lizwe elibuswa ngenkolo kasathane. UKhongolos­e nalabo- 4666 bakhe bobusathan­e manje usuvumele ukuba usathane abenebandl­a lakhe kuleli zwe ngokusemth­ethweni ngakho yini elindelwe lapho? Phela usathane uphila ngokuchith­eka kwegazi kuphela, jabulani-ke angithi yini enivotela i-ANC yamaComrad­es, shayani ihlombe-ke. Sizwela imindeni nje kuyo yonke le nto.

- nguMlando Bong’kosi Buthelezi Mhleli

Kunzima kodwa siziduduza ngokuthi besekufike isikhathi kodwa uNkulunkul­u kuphela owaziyo kusho ukuthi bese kuhleliwe emaZulwini. Yonke imindeni elahlekelw­e ngiyibopha ngabhande linye ngithi; ‘Dudu, alwehlanga lungehlang­a! INkosi ithathile okungokway­o. Lalani ngoxolo’.

- nguSlindy Sotobe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa