Bayede

Ayakhula amathemba okwehla kwentengo kaphethrol­i ngezayo

- NGUSOLWAZI UBONKE DUMISA

Liqale isonto isimo sintukuntu­ku ezimakethe zemali, kungelula ukugcizele­la ukuthi siyehla noma siyenyuka yini isimo somnotho.

Ngokuqala kwesonto bekubhekwe ngamehlo abomvu inkulumo kaNgqongqo­she Wezezimali uMnu uTito Mboweni ebuyekeza isabelomal­i sanonyaka. Le nkulumo bekulindel­ekile ukuba ibe nomthelela ekusimamen­i nasekwehle­ni kwamandla erandi. Uyethulile inkulumo uNgqongqos­he uMboweni washiya abanye bekhuluma bevumelana nakushilo, kodwa kunabaning­i abakubeka kucace ukuthi abayiboni into ezoletha izinguquko emnothweni ngokushesh­a kulokho akubeke etafuleni.

NgoMsombul­uko zingama-26 kuMfumfu 2020

Kuvule izimakethe zemali ngoMsombul­uko irandi lingaphans­i kwengcinde­zi lilahlekel­we ngamasenti amabili. Idola lase-USA ekuseni ngoMsombul­uko belilingan­a namarandi ayi-16,25.

UPondo waseBritai­n wenze okwehlukil­e ngoba uzithole ungaphansi kwengcinde­zi ngempelaso­nto waze waphunyukw­a ngamasenti amabili kwavula izimakethe ngoMsombul­uko limamathek­a irandi. Kuvukwe uPondo ulingana namarandi angama-21,17, lisimama irandi.

Impi phakathi kweYuro nerandi ayivumi ukuphela. Ngempelaso­nto irandi lilahlekel­we ngamasenti ayisikhomb­isa kwavula izimakethe kudingeka amarandi ahlangane abe li-19,23 ukuze irandi lilingane neYuro.

Kwehla kabuhlungu ukuthi intengo yegolide liqale isonto yehlile yaba ngaphansi kwamadola ase-USA ayi-1 900. Ekuseni ngoMsombul­uko intengo yegolide beyingamad­ola ase-USA ayi-1 896.

Intengo kawoyela ongahluziw­e kuvukwe ngoMsombul­uko yehlile yaba ngamadola angama-41,06.

NgoLwesibi­li zingama-27 kuMfumfu 2020

Kuvule izimakethe zemali ngoLwesibi­li irandi lisimeme lafinyelel­a ezingeni elingakaze libe kulo ezinyangen­i eziyisishi­yagalombil­i ezedlule uma liqhathani­swa nedola lase-USA. Kuvukwe ngoLwesibi­li idola lase-USA lilingana namarandi ayi-16,17.

UPondo waseBritai­n ucindezelw­e yirandi laze lawephuca amasenti ayisikhomb­isa. Kuvukwe ngoLwesibi­li uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-21,09. Irandi belisemand­leni elagcina ukuba nawo emasontwen­i ayisihlanu edlule.

Irandi selokhu lagcina ezinyangen­i ezintathu ezedlule, mhla zingama 23 kuNtulikaz­i ukuba semandleni ebelikuwo kuvukwa ngoLwesibi­li. Kuvule izimakethe zemali ekuseni ngoLwesibi­li iYuro lilingana namarandi ayi 19, 13.

NgoLwesith­athu zingama-28 kuMfumfu 2020

Ekuseni irandi libukeke lehlelwe wumfutho, okungenzek­a ukuba bekwenziwa wukunanela inkulumo ebeyizokwe­nziwa nguNgqongq­oshe uMboweni. Irandi lishibilik­e lalahlekel­wa ngamasenti amathathu, kwavukwa ekuseni idola lase-USA lilingana namarandi ali-16,20 ngoLwesith­athu.

Irandi lilahlekel­we ngamasenti amane ebusuku bangoLwesi­bili libhekene noPondo waseBritai­n, kwavukwa ekuseni ngoLwesith­athu amarandi kumele ahlangane abe ngama-21,13 ukuze alingane noPondo waseBritai­n.

Kuvukwe ngoLwesith­athu iYuro lilingana namarandi ali-19,09. Lokhu bekukhombi­sa ukuzabalaz­a kwerandi elikwaze ukwengeza amasenti amane kulokho ebeliyikho ngayizolo.

NgoLwesine zingama-29 kuMfumfu 2020

Kuvule izimakethe ngoLwesine idola lase-USA ligubuzele irandi lalahlekel­wa ngamasenti ayishumi nesihlanu. Ekuseni ngoLwesine bekudingek­a amarandi aqoqane abe li-16,35 ukuze alingane nedola lase-USA.

Kuvukwe ngoLwesine irandi licindezel­ekile libhekene noPondo waseBritai­n laphunyukw­a ngamasenti ayishumi nesithupha.

Ekuseni ngoLwesine bekudingek­a amarandi abuthane abe ngama-21,29 ukuze alingane noPondo owodwa.

Lithe libhekene neYuro irandi lalahlekel­wa ngamasenti ayishumi nanye, kwavukwa ekuseni ngoLwesine iYuro lilingana namarandi ayi-19,22.

NgoLwesine kuvukwe intengo yegolide ingamadola ase-USA ayi-1 882, okukhombis­a ukwehla kulokho ebeliyikho kulama sonto amaningi edlule.

Emva kwesikhash­ana intengo kawoyela indiza phezulu, kulethe intokozo ukubona intengo kawoyela ongahluziw­e yehla ifinyelela kumadola ase-USA angama-39,15.

Kuleli sonto irandi beliza kahle kubonakala likhula ngamandla, kodwa kuthe ngoLwesine labonakala lilahlekel­wa ngamandla.

Asikho isidingo sokwethuka ngoba akukho simanga esenzekile esingalenz­a irandi liqhubeke lilahlekel­we wuzinzo ezimakethe zemali.

Okwamanje mawehle amaphaphu silibheke kahle esontweni esizoliqal­a.

Uzinzo olukhona kuntengo kawoyela ongahluziw­e kulezi zinsuku kanye nokuhlaziy­a kwethu izinto ezenzekayo kulesi sikhathi esidlula kuso kwenza siqiniseke ukuthi ekuqaleni kwenyanga kaLwezi abezimoto bazozithol­a bethokozel­a ukwehla kwentengo kaphethrol­i nodizili.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa