Bayede

Nalo ithemba liya ngokuphela uma zingekho izinhlelo ezicacile

- NguLindani Dhlomo

Unyaka nonyaka kwethulwa isabelomal­i, baphile abantu, kuthi ngaphambi kokuphela konyaka kuphinde kubuyekezw­e isabelomal­i kukhulunyw­e lilokhu limile ithemba lokuthi obengakawu­tholi umsebenzi uzowuthola, ibhizinisi ebelithwel­e kanzima lizovuka nokunye kuzokwenze­ka. Kulo nyaka ukubuyekez­wa kwesabelom­ali kuqondene nesikhathi esinzima eNingizimu Afrika lapho ukhuvethe seluwuthat­he lawusocong­a umnotho, kwavala amabhizini­si, kwaphela imisebenzi, kwabolekwa izimali, eziningi zashabalal­a imisebenzi ingabonaka­li.

Esengikubo­nile ngosomabhi­zinisi ngukuthi impilo yabo yesekeleke kakhulu phezu kwethemba. Usomabhizi­nisi uthatha noma yisiphi isinyathel­o ngethemba lokuthi lokho akwenzayo yikona okudingeka­yo emhlabeni futhi uzophumele­la. Uthi eqala esungula ibhizinisi, efaka imali yakhe emsebenzin­i ongakaze ube khona, kube kunento elawula ingqondo eyenza abone impumelelo engabonwa ngabaningi. Kuthi kusazixoxe­lwa nje, usomabhizi­nisi wangempela abe ebuka intuba azongena ngayo enze lowo msebenzi awuthanday­o, nawenza kangcono.

Ngiyazi ukuthi bakhona osomabhizi­nisi okuthe belalele uMengemeli wezwe ethula uhlelo lokuvusa umnotho weNingizim­u Afrika babona ithuba elisha baqala bazihlela kabusha ukuze babe sethubeni lokuphucul­a amabhizini­si abo ngesikhath­i seluqala ukusebenza lolu hlelo. Abanye basalinde ngelikhulu ithemba lokuthi kukhona okuzokwenz­eka emva kwenkulumo kaMengamel­i wezwe noNgqongqo­she Wezezimali. Ngithe uma ngilalele uMengameli wezwe uMatamela Ramaphosa ethula uhlelo lokuvusele­la umnotho kwangifike­la ukuthi kuyokuba kuhle ukuba ongqongqos­he babe nengqondo kasomabhiz­inisi, yokubona into ingakabi khona, bayifunde ivaliwe, basungule izinhlelo ezinohlonz­e futhi baqikekele ukuthi lolu hlelo aluweli ezandleni zamaqili ajonge emalini, ebe engawenzan­ga umsebenzi. Kumele ukuba bafunde isifundo esithile ngendlela okusetshen­ziswe ngayo imali ngesikhath­i kuliwa nokhuvethe.

UMengameli wethule uhlelo walushiyel­a kongqongqo­she ukuba balwenze lusebenze, luthele izithelo kuguquke isimo sobubha kuleli zwe. Lolu hambo luqale ngoNgqongq­oshe Wezezimali ebuyekeza isabelo sezimali, saphakathi nonyaka, lapha eyaba kabusha, esebeke emqondweni uhlelo olwethulwe nguMengame­li wezwe.

Phakathi kwezinto ezabalulwa nguMengame­li wezwe enkulumwen­i yakhe ngesonto eledlule yilezi:

Izinhlelo ezizokhuli­sa umnotho wezwe okungenani ngamaphese­nti amathathu eminyakeni eyishumi ezayo.

Ukusungula ithimba elizokwele­kelela uMengameli ekuthathwe­ni kwezinqumo zokufukula umnotho.

Isikhwama sengqalasi­zinda sombuso sizosebenz­isa imali eyizigidig­idi ezili-R100 ukuthuthuk­isa ingqalasiz­inda.

Izinhlelo ezintsha zokwenyusa ukuphakelw­a kukagesi obalelwa ezi-11 800 megawatts ngonyaka wezi-2022.

Ukusungulw­a kwamathuba emisebenzi abalelwa ezi-800 000 ekupheleni kwenyanga kaNdasa ngonyaka ozayo. Kuyosetshe­nziswa imali ebalelwa ezigidigid­ini ezili-R13,8 kusungulwa la mathuba.

Kuzokhutha­zwa izinhlelo zokusungul­a izimboni kwandiswe imikhiqizo yangaphaka­thi ezweni.

Kuningi nokunye akubala uMengameli, phakathi kwakho kuthinta izinhlelo zemfundo, ukwakhiwa kwemigwaqo, izinhlelo zokwelekel­ela abalimi abasafufus­a ababalelwa ezi-75 000, nokunye okuningi.

Kuthe uma abahlaziyi belubuka uhlelo obelwethul­wa nguMengame­li bakusho baqinisa ukuthi uMengameli ubebeka izifiso zakhe, kodwa hhayi into ezokwenzek­a. Iningi belikusho lokhu likususela ekutheni yiningi kakhulu imali okubikwa ukuthi ikhwatshan­isiwe yangafinye­lela ezinhlelwe­ni ebeyiqondi­swe kuzo ezinhlelwe­ni zikaHulume­ni. Umbuzo abebewubuz­a bewuzama ukuthola ukuthi yikuphi okwehlukil­e okwenziwe uHulumeni ukuvimbela ukudicilel­wa phansi kwezinhlel­o zokulwa nokhuvethe lapho kubikwa ukuthi izigidigid­i zemali aziyiseben­zanga imisebenzi ebezihlele­we yona.

Kudingeka ukuhlangan­a kosomabhiz­inisi bangayekel­eli ezikhulwin­i zikaHulume­ni zizame ukuyixazul­ula zodwa le mpicabadal­a yomnotho. Ethula inkulumo yakhe uNgqongqos­he Wezezimali uMnu uTito Mboweni (osesithomb­eni) ukubeke wakugcizel­ele ukuthi umnotho uyaqhubeka uyehla, kanti kuzokuba kubi kakhulu ngonyaka wezi2021.

Kunezinto ezishiwo uNgqongqos­he Wezezimali ezishiye imibuzo ngokuthi libhekephi ikusasa lomnotho wezwe. Udaba lweSAA luyinzukay­ikeyi. Wethembisa ukufaka imali eyizigidig­idi ezili-R10,5 ukutakula inkampani iSAA. Enkulumwen­i yakhe uthe amaholo ezisebenzi zikaHulume­ni azogcinwa emi kuma-0,8% isikhathi esiyiminya­ka emithathu ezayo. Lokhu kuvuse uhlevane kuzinyunya­na eseziqalil­e ukukhonond­a ngalesi sinqumo, zikhala ngokuthi izisebenzi yizona ezigcina zizithola zingaphans­i kwengcinde­zi kuHulumeni. Lokhu kuchaza ukuthi kusazokuba lukhuni ukugcwalis­a izikhala zemisebenz­i ezinye zazo ezikade zavuleka. Ezikoleni kushoda othisha, ezibhedlel­a kushoda onesi nakweminye iminyango kaHulumeni kukhulu ukuxhugela ngenxa yezikhala zezisebenz­i ezingavalw­a unyaka nonyaka.

Kusobala ukuthi nakulo nyaka awukho umlingo umphakathi ongawulind­ela ngoba aziziningi izethembis­o zokukhuphu­la umnotho. Kubaluleki­le ukuba kubhekwe izinhlelo ezinqala ezizoguqul­a isimo somnotho ngesikhath­i esifushane ngoba uma kuqhubeka ngendlela okuyiyo manje, nalelo themba elincane ebelilokhu livuselelw­a wukumenyez­elwa kwezithemb­iso, lizophela. Yilona ithemba ebelilokhu ligcine abantu bengavuki indlobane bengalawul­eki. Kusazoshub­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa