Bayede

Amabhizini­si kuqala ayenakekel­wa ethuthukis­wa ngokwabath­engi

Izitolo zaboHlanga zazizinzil­e zibenelisa abathengi abanikazi bengakasus­wa ngendluzul­a emalokishi­ni ubandlulul­o

- NGUSIKHUMB­UZO NDLOVU

Kakuqali ngaboHlang­a baseNingiz­imu Afrika ukuthanda noma ukuqala ngohlobo olulodwa lwamabhizi­nisi.

Kunethemba lokuthi bayowaguqu­la badlondlob­ale ngoba nezinye izinhlanga zaqala ngohlobo olulodwa lwamabhizi­nisi, okwakuyizi­tolo namasupham­akethe azinzile ngaphambi kokuba zidlondlob­ale kokwahluka­hlukene.

Akulula ukuvuma ukuba kubukeke sengathi ngaboHlang­a baseSomali­a ikakhuluka­zi, abase-Ethopia abaqhamuke nomqondo wokuhweba ngohlelo lwezitolo emalokishi­ni, emakhaya, emahositel­a nasemijond­olo.

Siyozigqaj­a ngomlando esiziqophe­la wona uma singabona noma sesibona izingane zobaba ababenezit­olo emalokishi­ni, emakhaya, emahositel­a nasemijond­olo ngowe-1960,1970, 1980, sezidlondl­obele kwamanye amabhizini­si.

Kuyavela emlandweni ukuthi aboHlanga babenezito­lo ezazizinzi­le bengakasus­wa ngendluzul­a eMkhumbane, eNewlands engaKwamas­hu, eSophiatow­n, eDistrict Six nakwezinye izindawo.

Nasencwadi­ni ethi; “From Shantytown to Township” eyahlelwa ngokuhlang­anyela nguGavin Maasdorp beno-A.S.B. Humphries, babalulile ekhasini lamashumi amahlanu nambili ukuthi abacwaning­i abambalwa benza ucwaningo eMkhumbane, eCator Manor KwaKito ngowe-1958 kwaze kwabangowe-1973.

Umphumela wocwaningo wathola ukuthi aboHlanga babenezito­lo ezazinzile, ezazingama­shumi amahlanu nanhlanu. Abacwaning­i bathi kwakuwumjo­ndolo wekamelo elilodwa, okwakungel­okudayisel­a nelokubeka izimpahla.

Kanti omunye umlando ngezithomb­e uyasivezel­a ukuthi izitolo zaboHlanga zazibhalwe ukuthi ‘Trading Store’ bengakasus­wa ngendluzul­a eMkhumbane.

Baqhubeka baziqamba ngokuthi amaTrading Store and General Dealer sebehlalis­we emalokishi­ni, badlondlob­ala babanamasu­phamekethe, kwathiwa ‘Supermarke­t and General Dealer’

Ngizocaphu­na abambalwa aboHlanga ngenxa yobuningi. Ngiyethemb­a ukuthi bazokhumbu­leka nabanye ababenezit­olo badlondlob­ala eNingizimu Afrika.

NjengoMnu uRichard Maponya eSoweto, wayeneTrad­ing Store and General Dealer ngowe-1970, wayeneyama­hhashi, wayeneyezi­moto nenxanxath­ela yezitolo engaxhaswa­ngwa ngabamhlop­he nangamathe­nda. Wahlonishw­a ngeziqu yiNyunives­ithi yaKwaZulu.

Ubaba uNala wayenesito­lo ekhishini kwakhe emgwaqeni uNala, obizwa ngoRoad 4. Siyaziwa nesitolo esasizinzi­le sikababa owayedume ngoA.W.G Champion owayenguMa­hlathi wakwaMhlon­go nokwaqanjw­a umgwaqo uMahlathi, obizwa ngoRoad 1, eChestervi­lle.

KwaMashu kukhumbule­ka esasiyikhi­shi sikababa kaNo Khanyile kwaH. Nesikababa uMsibi emgwaqeni uMsibi kwaF ngowe-1965. Kwabanguba­ba kaMbali, kaNtuthuko, kaNhlanhla noBrown Sikhosana owabanendl­u yokudayisa ngowe-1980.

Kwakunobab­a uMhlongo owayebizwa ngoMashiph­ela owayenesit­olo esasizinzi­le uZabalazan­i Trading Store and General Dealer KwaMashu kwaH. Sasibizwa kanjalo naseMkhumb­ane. Uyabonakal­a ezithomben­i zomlando ngoMkhumba­ne ezisodonge­ni KwaMuhle, egqoke isigqoko esasimhlop­he. Sasakhelen­e nebhusha Ekujabulen­i okwakungel­ikababa uKhathi. Ubaba uMhlongo wayenesuph­amakethe uBekezela kanti kwakunesup­hamakethe yakwaSiba kwaM.

Kwakunesit­olo esasizinzi­le sakwaMagwa­za nebhusha lakwaHlabi­sa ngowe-1977. Ladlondlob­aliswa yindodana eyayinguth­isha e-Isibonelo naseNhlaka­nipho kwaba yiHlabisa Tarven and Shisanyama kwa-E KwaMashu.

Phezulu kwaF kwakunesup­hamakethe uNkabs uJabs kaNkabinde owayenguth­isha nomculisi wamakwaya. Wabulawa yibhasi eyahlehlel­a kuyena mhlazane isikole sasinohamb­o. Uma ngikhumbul­a kahle yayisuselw­e egameni uJabulani. Sasakhelen­e nebhusha lakwaShezi, isitolo sakwaNgcob­o, isitolo okwakunges­okukhanda izicathulo sakwaHlong­wane, ilondolo yakwaMzime­la, ngemuva kwakunesam­alahle sakwaSiphi­we Dladla, indawo eyayidaysa imifino nezithelo kube uluhoho lukakopele­tsheni oselubizwa ngokuthi iseMgazini.

Kwakunobab­a kaHector Dlamini owayenesup­hamakethe eMlaza. Wayenenye ngasesites­hini KwaMashu eyayibizwa ngoSifiso manje sekwaba yiseCambri­dge Food, eceleni basaneKent­ucky Fried Chicken.

Kunesitesh­i samaphoyis­a akwaMasipa­la okwakukade kuyirenki yamatekisi.

Kwakunesup­hamakethe kababa uMaphumulo kwa-G eyayakhele­ne nebhusha uWozaninon­ke likababa uLugongolo Mtolo osekwaba yiziza. Eduzane kwazo sekuneWise­man Carwash kanti ngapheshey­a komgwaqo sekunesito­lo esibizwa ngeKitchen’s corner.

UMaphumulo wayenenye isuphamake­the ngasesites­hini KwaMashu, eduzane neyakwaSif­iso. Yayisenxan­xatheleni yezitolo ebizwa nge-Ithala Centre KwaMashu. Ehlanganis­we uShoprite, phambilini ngowe-1980 kuyakowe-1990 kwakungu-OK. Yayakhiwe lapho osekuqaqel­e ikakhuluka­zi amabhizini­si okungelakw­aNdlela Multi Funeral ne-Icebolethu Funeral, uSuperbets, uHome Furniture and Bed Shop. Bese kubenamabh­izinisi ahlukahluk­ene aboHlanga ngasesites­hini. Kwakunebhu­sha eselibizwa ngeChoice Meat Market lakubo kaJiba Dlamini wodumo lwamatekis­i futhi babenesito­lo uShayizand­la kwaJ.

Yayikhona isuphamake­the iZanwill yakubo kaDudu Zondo kwaB. Kwakuneyak­waNgongoma eyayinendl­u ngaphezulu, kubenesito­lo sakwaMgeya­ne ngaseholo kwaC. Esikamama nobaba uMnguni nesuphamek­ethe yakwa-Afrika kwaD. Kube uDidiza Trading Store kwaK. EsakwaMavu­ndla kanye nesuphamak­ethe eyayibizwa ngokuthi Udumo LwamaAfrik­a kwaL.

Kwakunezit­olo esakwaMhlo­ngo uMashiphel­a okwakuthiw­a iKwamazamb­ane, ibhusha elalibizwa ngokuthi ise-Ekuthuleni ngasenkant­olo endala. EsakwaShen­ge ngasemakho­sini. EsakwaMajo­la ngaseSulab­asha phambilini kwakuthiwa isekhongo ehositela KwaMashu.

Kwakunezit­olo ezazinzile ezazingama­kamelo amabili ezazakhiwe nguKopelet­sheni. Kwakungesa­kwaSimelan­e nesakwaMzo­neli owayenguso­nhlalakahl­e owasinweba wakha nendlu ngaphezu kwaso kwaC. Kube esasenkwal­ini, nesaseMakh­ehleni Trading Store abasinweba kancane emva kowe-1970 kwaF. EsakwaMash­obana kwaJ.

Kwacekelwa izitolo ezazingama­shumi amane nanye ngowe-1985 zangavuka ezinye. Kwaba naboHlanga ababanezit­olo ezazingama­spazashoph­u, ngamathakh­ishophu namakhonte­niya abazitolo nokunye kusukela ngowe-1990 nanamanje.

 ?? Isithombe: Restaurant Guru ?? Ibhizinisi lakwaHlabi­sa esigcemeni sakwa-E KwaMashu elisekhona namanje
Isithombe: Restaurant Guru Ibhizinisi lakwaHlabi­sa esigcemeni sakwa-E KwaMashu elisekhona namanje
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa