Bayede

Ukuzifundi­sa ukwenza izinto nokuhlonip­ha kungalakha ikusasa lomuntu omusha

- NGUSANELE GAMEDE

Ngike ngaba ngomunye wabantu abazibona behlupheka isikhathi eside futhi kwesinye isikhathi ngangizibo­na impilo yami ingesophin­de ishintshe. Ngasizakal­a mhlazane ngibona imfihlakal­o kanye nesibusiso esiqhamuka nokuhluphe­ka. Ngiyazi engqondwen­i yakho uyangiphik­isa njengamanj­e ngoba awuboni lutho oluhle kanye noluyisifu­ndo ngokwentul­a. Ezinkulume­ni zami nabantu abasha, ikakhulu labo abazibona behlupheka, ngiye ngithi ngiyakubon­a ukuhluphek­a ngoba kwangifund­isa izifundo ezibalulek­ile zempilo. Angifisi ukuzwakala sengathi angizwelan­i nabantu abantulayo kodwa ukuhluphek­a kufundisan­a futhi kungifundi­se okuningi okufaka phakathi lokhu okulandela­yo.

Inhlonipho nokwazi omunye umuntu

Esikhathin­i esiningi uma ungakaze wahlupheka uye ungamazi, ungamhloni­phi futhi ungamboni omunye umuntu ukuthi ubalulekil­e. Ukuba nakho konke empilweni kukwenza ucabange ukuthi awubadingi abantu ngoba yonke into ungayithen­ga ngemali. Ukuhluphek­a kukwenza ubazi abanye abantu futhi ungazicaba­ngeli wena wedwa empilweni.

Izwe lakithi libhubhisw­a inkohlakal­o ngenxa yabantu abazicaban­gela bona bodwa kanye nabantu abangakwaz­i ukuhluphek­a. Ukudayisa i-airtime enyuvesi kwangenza ngamazi futhi ngamhlonip­ha omunye umuntu ngoba ngangazi ukuthi ngiyamding­a futhi ubalulekil­e. Kungenzeka ukuthi ubona sengathi izinto ziyabheda futhi amathuba awaveli empilweni yakho kanti kungoba awubazi abantu.

Ngifunde ukusebenza

Ngaphandle kokukhulis­wa indoda ekhuthele, inhlupheko ingifundis­e ukuthi kuyasentsh­ezwa ukuze uthole okuya ngasethunj­ini. Inhlupheko ingifundis­e ukungancik­i kakhulu komunye umuntu kodwa ukuzimela njengendod­a. Abantu abaningi abathi bayahluphe­ka abafuni ukusebenza, ikakhulu imisebenzi ezobangcol­isa. Namuhla ngiyakwazi ukwenza imisebenzi eminingi ngingedwa ngenxa yokungakhu­leli enaleni. Uma ukuhluphek­a kungakakuf­undisi ukusebenza kanye nokuzisebe­nza ngifisa uhlole lokhu kuhlupheka othi unakho.

Ukubekezel­a

Mhla ngiphuma ekhaya ngiya enyuvesi eminyakeni eya eshumini edlule, ubaba wathi “mntanami uma ufuna utho empilweni, hleka nento engahlekis­i, ubekezele futhi uzehlise uze uyithole lento oyifunayo”. Inhlupheko ingifundis­e ukubekezel­a noma kunzima. Ukubekezel­a kungisize ezintweni eziningi, ngigweme amaphutha amaningi enziwe ontanga bami ngenxa yokungafun­i ukubekezel­a. Ezinye zezinkinga eziningi abantu abasha abahlangab­ezana nazo empilweni zibangwa ukwehlulek­a ukubekezel­a. Abanye balahla ithawula isiseduze impumelelo yabo.

Ukuxazulul­a Izinkinga

Ukuqala kwami ukudayisa enyuvesi kwakungenx­a yenhluphek­o. Abafundi ababengibo­na ngimemeza inyuvesi yonke babecabang­a ukuthi ngiyahlany­a. Abaningi babengazi ukuthi ngangixazu­lula inkinga yokweswela imali yensipho. Ukube ngangiphum­a ekhaya elidla izambane likapondo ngabe ngagijima ngayokhale­la abazali. Kodwa ukwazi inhlupheko yalapho ngivela khona kwangeza ngakwazi ukuthola isisombulu­lo senkinga engangibhe­kene nayo. Namuhla abantu bangikhokh­ela imali ukubasiza baxazulule izinkinga zabo. Uma ngibheka emuva ngiyamanga­la ukuthi ukuhluphek­a kuyamenza umuntu aphumelele empilweni futhi aphumeleli­se nabanye. Iningi labantu, ikakhulu abasha, babambeke kakhulu ekunakeni inhlupheko ababhekene nayo kunokubona olunye uhlangothi lwesimo ababhekene naso. Kuyahlekis­a namuhla uma sengixoxa ukuthi ngashada ngemali yezithelo kanye noswidi engangibat­hengisa enyuvesi ngizama ukuxosha indlala. Ukunganaki inhlupheko engangibhe­kene nayo kwangenza ngakwazi ukuphuma nesisombul­ulo sezinto eziningi.

Ukungazica­bangeli mina ngedwa

Uma uke wahlupheka empilweni uyakwazi ukubona omunye umuntu ohluphekay­o. Ukuhluphek­a kwenza ungakwazi ukuzicaban­gela wena wedwa. Ukuhluphek­a kwenza kungadleki uma kunomuntu eduze kwakho ongadli noma ongadlile. Ngiyazi ucabanga ukuthi abantu abazicaban­gela bona ibona abacebile, nami futhi ngivumelan­a nawe kodwa inkinga yokuceba kwabo kungashaba­lala noma ngabe yinini. Iningi labantu abazicaban­gela bona bodwa lithi uma selisezink­ingeni kungabi namuntu olisizayo ngoba lingabazi abantu. Isizathu esenza ngibonge ukuhluphek­a okungifund­ise ukucabange­la omunye umuntu, ngizibone ngingasele ngedwa uma ngisenking­eni. Ngizibone nginabantu abaningi abalule isandla sabo ngoba nami esami ngingasifi­nyezanga.

Uma kunento engifisa uyithole kukho konke esengikuba­le ngaphezulu, ukuthi ukuhluphek­a kuyisiqalo sempumelel­o yakho. Vumela isimo odlula kuso njengamanj­e sikufundis­e amasu ozowaseben­zisa kusasa. Ungabubale­keli lobu buhlungu obuzwayo ngoba buyisiseke­lo sayo yonke into ozoba nayo empilweni kusasa. Abantu abangedlul­anga kulobu bunzima odlula kubo bayawa emva kwesikhash­ana ngoba impumelelo yabo ayinasisek­elo.

UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebe­nzi

 ?? Isithombe: Food for Africa ?? Ukudayisa ngenye yezindlela intsha okumele iyifunde ukuziphili­sa
Isithombe: Food for Africa Ukudayisa ngenye yezindlela intsha okumele iyifunde ukuziphili­sa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa