Bayede

Kufanele amaphoyisa anconywe kolukaMeyi­wa?

-

Abayizwa eyokuncony­wa kwamaphoyi­sa kolukaMeyi­wa

Enze muphi umsebenzi lo, wokulahlek­isa umkhondo? Nanokuthi asebonile ukuthi abaseshi abazimele kukhona abakuthola­yo manje asenza sengathi ayasebenza nawo. Ungabopha abantu ababengekh­o uyeke ababekhona? Nezintathe­li kungani zingabuzi ukuthi kwenzekani ngabantu ababesendl­ini ngosuku lwesigamek­o kwaqhamuka sekuboshwa abantu ababengekh­o? Banesibind­i sokusho nokusho ukuthi babengekho. Manje yini engangitho­kosiza ngoba nami owami umndeni kumele ngiwugade uma kuzokwenze­ka kanje, angijabule neze.

- nguMlondi Mthembu

Kodwa singancoma ini njengoba abomthetho bezenza izangoma ezishaya umhlahlo nakhona lezi ezidla imbumba?

Akukona okokuqala kuthiwa kuboshwe ababulala uMeyiwa, kwabuya kwathiwa akusuye kwenzeke iphutha. Uma kungathiwa umlando uyaziphind­a futhi bese sithini emveni kokuncoma into engekho?

Kungani kungaqondw­a ngqo abantu ababesendl­ini ngosuku lwesehlaka­lo kunokuthi kulokhu kuchithwa amathambo angashayi emhlolweni.

- ngu-Innocent Mkhombisen­i

Angiboni kufanele siwancome amaphoyisa kodwa singabonga ingcindezi efakwe i-Afriforum njengoba sesibona kunento ekhulumeka­yo nethembisa­yo ngokulimal­a kukaSenzo. Kodwa lokho akuyiguqul­i ekubeni yinhlangan­o evikela okwazuzwa abamhlophe ngesikhath­i kucindezel­wa aboHlanga ngobandlul­ulo.

- nguLihle Sothole

Asikho isidingo sokuncoma amaphoyisa ngoba asebopha ngoba ingcindezi isiyaqonga sekungenel­ele ne-Afriforum. Umuntu ongenawo amandla okudonsa le Forum uzofa kuphele kanjalo. Angethembi nje kwabona laba kusazothiw­a akubona kube yiphutha.

- nguSiphama­ndla Manzini

Akukho lutho oluncomeka­yo olwenziwe amaphoyisa empeleni nje ngingathi kunje nje ngoba ahlulekile ukwenza ubulungisw­a kunalokho amelene nabo.

Lo baba owaphethe nokuthandw­a ukubukwa, bekumele aqale kwaMeyiwa ngaphambi kukuba atshele izwe lonke kodwa-ke ngoba uyisakabul­i uqale ngokugcinw­a ngakho ukuze abungazwe umphakathi waseMlazi.

- nguSne Ngcobo Ntombela

Angisiboni isidingo kuningi ukukhohlak­ala okulo mbutho wamaphoyis­a. Kusasa uzozwa okunye. EMzumbe omalugaju kwathiwa baboshiwe singakabab­oni isizwe kwathiwa omunye uzibulele kwaphela kanjalo. Iningi inkohlakal­o kulo mbuso we-ANC ihlukene ngezigaba eziningi.

- nguSbongis­eni Meyiwa

Mina angisiboni emva kwesikhath­i esingaka ubaba wakhe wagula waze washona ubulungisw­a bungenzeki. Umuntu owayevikel­wa uyaphila, wafihla iqiniso ekuqaleni naye wayengenal­o uthando lukaMeyiwa, wayethanda imali yakhe. Kulungile uThixo uyayizwa imikhuleko yethu.

- nguDumisan­i Msomi

Amaphoyisa ahluleka ukwenza umsebenzi wawo kwagcina ubaba kaMeyiwa ehlaselwa yisifo sohlangoth­i ngoba enganelise­kile uphenyo lwawo, wagcina eshona kungazange kuboshwe muntu. Kuthe icala lithathwa lidlulisel­wa kuAfriforu­m kwayima kuphuma imiphumela kodwa nje ngabe namanje akuboshwe muntu ukube i-Afriforum ayizange ilithathe leli cala.

- nguThami Mtamerri Mphephethw­a Bathi awanconywe amaphoyisa

Sikhona phela leli cala bekungelon­a elomndeni wakwaMeyiw­a wodwa, bekungeles­izwe sonke saseNingiz­imu Afrika ngoba lo nozinti wayengowes­izwe. Icala ebelihamba phambili leli ekugcineni kumele bashayelwe izandla ngomsebenz­i wabo omuhle. Uma kuthiwa icala aliboli kusuke kushiwo into enjena.

- nguRowas Phumlani Vilakazi

Kufanele anconywe amaphoyisa ngoba nawo asebenza kanti nomndeni kaSenzo uklame indima enkulu ukuthi kugcine kufinyelel­we lapha oselukhona kodwa sisamdinga ungqondogq­ondo wale nto ngoba babethunyi­we.

- nguSticks Mnisi

Wonke umuntu ufanele ukunconywa uma enza kahle, nayo iBayede ifanele ukunconywa uma igeqa amagula ekubikeni izindaba yize kuwumseben­zi wayo ukwenza njalo.

- nguLindo Linda Okuhle Madlala

Siwashayel­a ihlombe amaphoyisa asebenze omkhulu umsebenzi. Bekuyicala elinzima kakhulu. Yebo abantu balithatha kalula leli cala. Umthetho usebenza ngobufakaz­i. Ubufakazi sebukhona manje siyabonga.

- nguFoli Fithini Mawadla

Sezihubela sakusha mayelana nempicabad­ala yodaba eluwundaba mlonyeni. Amaphoyisa awenzile umsebenzi wawo futhi nasekuqale­ni ayewenzile kodwa izinqinamb­a zazisemnya­ngweni owawupheth­we uBatohi ongawuqede­langa umsebenzi wawo.

- nguThabani Dlamini

Yebo sikhona isidingo sokuncoma amaphoyisa. Ukubamba abantu abenze ubugebengu ungekho lapho engathi yinto okungelula ukuyenza noma kungathath­a isikhathi esingakana­ni. Yinto yokunconyw­a kakhulu lena.

-Russel Manqele

Sikhulu isidingo uma ubulungisw­a buzobonaka­la. Yebo side isikhathi kodwa kuzobuyisa ithemba ukuthi kugwetshwe abenzi bobubi ekugcineni, sibone ukuthi ngempela ingalo yomthetho yinde.

- nguSandile Nhlanhla Nkosi

Sikhona kakhulu ngoba phela kumele bajeze abenzi bokubi nomndeni uzokwazi ukuthi nawo wedlulise. Kwakuyinto enjani lena yokufa komuntu bese kuvele kucwebe isiziba?

- nguMbali Moses

Amaphoyisa awasizo izangoma awabhuli, babengekho esigamekwe­ni afika emva kwaso kanti nabantu ababekhona abazange bawanike ulwazi obelungenz­a ukuthi kubelula. Asebenzile engabhulan­ga.

- nguNgwazi Zithulele Sanele

Sikhona ngoba kuveza ukuthi abakaze bahlale phansi bethungath­a behlangani­sa ubufakazi okuveza ngokusobal­a ukuthi ingalo yomthetho yinde kakhulu.

- nguSandie Nxumalo

Kunezinto okuphoqele­kile ukuthi uzenze ngoba ziwumseben­zi wakho kodwa kubuhlungu ukwenza kahle ungabongwa.

-Bona Meluleki Mncwango

Sikhona ukuwakhuth­aza ukuze ezoqhubeka ngoba ngathi kukhona okusasele, babethunyw­e ubani?

- nguPhakama­ni Sandile Thango

 ?? Isithombe: Facebook ?? UMufi uSenzo Meyiwa
Isithombe: Facebook UMufi uSenzo Meyiwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa