Bayede

Ukungcweki­sana kweZigodlo saseZikleb­eni nesakwaDuk­uza

- NGUSHALO MBATHA

Okwakungok­okuqala ngqa empilweni yakhe, uMkabayi wafisa sengathi ukuba uyise uJama wayeliland­ele isiko, wamgingisa igabade. Wayezisola ngokuphind­elele ukugodusa uShaka ngokulalel­a amahlebezi kaDingana. Yize wayengason­delene noMpande ngoba wakhula eqhelelene naye, wabanethem­ba lokuthi isende likaSenzan­gakhona lalizophum­elela. Kwathi uLangazana ezwa ukuthi uDingana wayesefile, wabuyela esiKlebeni lapho wayengasez­ukuphila ngaphansi kwethunzi lokubulawa nguDingana.

Wathuthela ekhanda likaNokhen­ke eMahlabath­ini. Wayeke wahlala esilungwin­i noMpande. Waqhubeka nempilo yakhe yakudala eyayiqula amacala mihla nezolo, esekhulile enjalo. ULangazana wayeyibuth­o losibindi gidi iNtontela ebusheni bakhe, walihola kaningi enezihlaba­ni ezazifana noNdlela. Wabe emkhulu ngesiqu futhi engumuntu othandekay­o oyohlala ekhunjulwa “ngempi” eyaqubuka phakathi kwemindlun­kulu kaShaka eyeZigodlo zasesiKleb­eni nakwaDukuz­a eyayingaph­ansi kwakhe.

Langa limbe imindlunku­lu yakwaDukuz­a emithathu yahlangana neyasesiKl­ebeni ihambisa utshwala bukaShaka kwaDukuza. OwakwaDuku­za awasithand­a isembozo sokhamba, ngokwabo kwakuyinik­iniki, yababhamba­bula ngenduku ngaphambi kokuba bayivumele badlule. EyasesiKle­beni yalinda ithuba lokuziphin­diselela.

Kwathi amabutho eshiye izinduku nezagila eye emasimini eSilo, eyasesiKle­beni eyayingama-20 yayogasela eyakwaDuku­za eyayingama-40, emithathu yayo kungaBantw­ana.

Kwasuka esinamatha­mbo, ongqayinya­nga noLangazan­a babekwazi ukuyilamul­a isikhashan­a nje, iqalele phansi futhi. Ongqayinya­nga noLangazan­a baze bakhathala bathi ukuyidedel­a yabhonyana. Yayishayan­a kabuhlungu ngezinduku nezagila iklabalasa. Leyo eyayiphuny­ukelwe yizikhalo zayo, yaklwejwa, yakhahlewa, yalunywa.

Yabambana imizuzu cishe eyayingama-30 ingaphumul­i. Ongqayinya­nga babukela bechazwa yindlela abesifazan­e ababelwa ngayo. Kwakunguku­klwebhana, ukumemezel­a ngamazwi acijile nokukhahle­lana okwakuwach­aza kakhulu. Kwaba eyasesiKle­beni eyahlulwa.

ULangazana wagcina ethuthele eSigodlwen­i sakwaDliwa­yini eduze nekhanda lakwaKhang­ela sekubusa uCetshwayo. Wahamba emhlabeni eseneminya­ka eyayingama-90 ngowe-1884, sekubusa uDinuzulu. Ukhothama nje wayesebukh­ali futhi engumthomb­o omkhulu womlando wakwaZulu.

Wayethinta izehlakalo ezazisukel­a isizwe samaZulu singelutho kuze kuyofika esicongwen­i saso nalapho sacishe sashabalal­a khona. Wayazi konke okwenzeka ngenkathi kaShaka. INdlovukaz­i uLangazana kaGubeshe wayephila ngaphansi kwamakhosi ayisikhomb­isa, uJama uyisezala, Senzangakh­ona umnyeni wakhe, uShaka, uDingane, uMpande uCetshwayo amadodana akhe, abazukulu uCetshwayo noDinuzulu.

Izwe lidliwe ngabamhlop­he Emva kokunqoba eMaqongqo, uMpande kwafanele afeze isithembis­o sakhe emaBhunwin­i. Kodwa ngaphambi kokubasike­la umhlaba mhla ziyisi-5 kuMfumfu ngowe-1839, bema kwelokuthi uMkhandlu weNkosi ugcobe uMpande njengeSilo samabandla onke, yize kwakusazil­we.

Kwakukhona phakathi kwabo aBantwana uNkungu kaSithayo, uMkhanyile noGodolozi kaZivalele, uNkabana, uMpaphe, inxusa uSotobe noMbilini nabanye.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa