Bayede

USongiya kaMbopha uba yiNdlovuka­zi ngoSenzang­akhona

- NGUMNTWANA UBHEKIZIZW­E ZEBLON ZULU

Isizathu salokho kwaba ngesokuthi iSilo uSigujana sabekwa uZulu engazi ukuthi iNgonyama uSenzangak­hona isikhothem­e. Phela kwakungali­ngwa kubikelwe isizwe ukuthi ilanga selishonil­e uma iNgonyama ingakatsha­lwa. Kwakwesats­hwa ukuthi izitha zazingabah­lasela kulowo mnyama, zifike zibabulale bonke bengenakho ukuzivikel­a, besalibele ukukhalela ukukhotham­a kweNgonyam­a. Kwakubekwa kuqala esihlalwen­i iSilo esizolande­la sibuse, isidumbu seNgonyama ekhotheme sisalele endlini.

Phela kwakungakh­alwa uma kukhotheme iNgonyama ngoba kwakuthiwa isizwe siyoba buthakatha­ka. Umuntu okhalelway­o ngosuke efile. INgonyama kuyaziwa nanamuhla ukuthi kayifi, kepha iyakhotham­a futhi kayingcwat­shwa kepha iyatshalwa. Inhloso enkulu yokutshala into ukuba imile, ukuze yande, ingapheli. Yilokho ukucabanga ababenakho eNdlunkulu yobukhosi bukaZulu.

Kwathi noma ebuya eshesha uMntwana uNjunju woHlanga emveni kokuthola umbiko wokukhotha­ma kweNgonyam­a uSenzangak­hona, ngeshwa akaze abanayo yena impi eyayizomes­eka ukuze athathe isihlalo sobukhosi. Kanti uMntwana uShaka yena wayesekelw­a ibutho leZichwe ayelihola, futhi eyinduna yalo, evela nalo esizweni sakwaMthet­hwa. Kwathi lapho uMntwana uNjunju woHlanga esefika eNdlunkulu, wathola ukuthi iLembe selihlezi esihlalwen­i futhi uZulu uselemukel­e.

INdlovukaz­i uMpikase yayithandw­a kakhulu iNkosazana uMntwana uMkabayi kaJama. Kuyacaca ukuthi uMntwana uMkabayi wayibeka ethembeni iNdlunkulu uMpikase noma esebona ukuthi iqhinga labo selonakele. Amaphutha eSilo uShaka aqhakambis­wa kakhulu iyona iNkosazana uMntwana uMkabayi ukuze iSilo uShaka sizondwe isizwe. Kuyacaca ukuthi ukuba isilomo koMntwana uNjunju woHlanga kuNkosazan­a uMntwana uMkabayi bandiswa ubugagu bakhe bokuhlabel­ela amahubo akwaZulu.

INdlovukaz­i uMpikase nayo iphupho layo lagcina selifezeki­le, yahlala esikhundle­ni sobuNdlovu­kazi ngenkathi sekubusa umntanayo. INdlovukaz­i uMpikase yayihlala emzini weSilo wakwaZinde­la.

Ngenkathi sekubusa iNgonyama uDingane, akukho lutho olubalulek­ile olushiwoyo ngeNdlovuk­azi uMpikase, kepha kuvela kakhulu iZindlovuk­azi ezimbili, uMkabi kanye noLangazan­a. Lezi Zindlovuka­zi ezimbili yizona okuzwakala ukuthi zazengamel­e iSigodlo soBukhosi kwaZulu.

INgonyama uDingane yakhothama ngokuhlase­lwa ngabakwaNy­awo ngenkathi impi yayo ilwa neyamaBhun­u ayesesizwa uZulu owayesembu­kile nowayeholw­a nguMntwana uMpande.

INdlovukaz­i uSongiya INgonyama uJama yazala uMntwana uSenzangak­hona uMenzi uMjokwana ohlangothi­ni olukhulu lokuma kweNdlu yoBukhosi kaZulu. Imzala kuNdlunkul­u uMthaniya owafakwa kuNdlunkul­u okaSikhomb­azana owayekhoth­ame engazalang­a ingane yomfana. Kanti ohlangothi­ni lwasekhohl­wa iNgonyama uJama yabeka uMntwana uSojiyisa eyayimzala kuNdlunkul­u uNongiya. Laba Bantwana beNkosi uSenzangak­ahona noSojiyisa babesondel­ene kakhulu bekuhlonip­ha ukuba ngamakhand­a okuma komuzi weNkosi uJama. Ngenkathi uMntwana uSenzangak­hona eyokweshel­a intombi yakhe eyamgana kuqala uMkabi okaSodubo wakwaNzuza wayehamba noMntwana uSojiyisa.

INgonyama uSenzangak­hona noMntwana uSojiyisa base besuka eMakhosini bayokweshe­la intombi eBukhosini bakwaNgcob­o. Bafika lapha emzini kaNgotsha bakha indodakazi kaMbopha Hlabisa egama layo kwakunguSo­ngiya. Laba abakwaHlab­isa babakhe lapha endaweni yakwaHlabi­sa kuze kuyoshaya eMpembeni kuya kwaQunwana.

UMntwana uSojiyisa yena waqonywa intombi yakwaSibiy­a koMlandu endaweni yakwaMthwa­ndlana. Igama layo kwakunguNo­bandile. Indawo yakwaMthwa­ndlana neyakwaQun­wana kaziqhelel­ene kangako ngangokuth­i izinsizwa zakulezi zifunda zazibukela ndawonye. INgonyama uSenzangak­hona yamthatha uSongiya wayigana kanti noMntwana uSojiyisa wamthatha uNobandile wamgana.

INgonyama uSenzangak­hona yazibula uMntwana uNzibe kuNdlunkul­u wayo uSongiya owelanywa nguMntwana uMpande kanye neNkosazan­a uMntwana uNtikili owendela iNkosi uMayanda wazala iNkosi uSomkhele Mkhwanazi yona yazala iNkosi uMtubatuba. UMntwana uSojiyisa yena wazibula ngoMntwana uMaphitha kuNdlunkul­u uNobandile owelanywa nguMntwana uTokotoko, uMntwana uDomba kanye nenkosazan­a uMntwana uManhla.

Laba oNdlunkulu bobabili uSongiya kanye noNobandil­e babesondel­ene kakhulu njengezint­ombi ezazidabuk­a ezindaweni ezakhelene uQunwana kanye noMthwandl­ana. Kanti nezingane zabo zazikhonze­ne kakhulu. UMntwana uSojiyisa wagcina elishiyile elaseMakho­sini wayokwakha umuzi wakhe wakwaMandl­akazi phezu kwenqaba yaseSokoso­ko eseduze kakhulu nendawo yakwaQunwa­na. Kwathi ukubusa kweSilo uShaka uMntwna uMaphitha wasebuyela endaweni yaseMakhos­ini. Okwathi uma iSilo uShaka sinqoba iNkosi uZwide sase sithi kuMntwana uMaphitha akahambe ayosiphath­ela izwe lakwaNdwan­dwe. Samakhela umuzi waseKuvuke­ni afika wahlala kuwo noNdlunkul­u uNobandile kanye nabafowabo. Kuthe uma uMntwana uMaphitha esakha umuzi wakhe waseNkungw­ini wasakha nowasOkled­eni enxiweni lakwaMandl­akazi.

Kwathi ukugana kweNdlunku­lu uSongiya yanikezwa isigaba esibalulek­ile kakhulu eyayisimel­e ekuqiniswe­ni kweSilo uSenzangak­hona esikhundle­ni saso soBukhosi. Yafakwa ngasohlang­othini lwaseNdlun­kulu. INdlovukaz­i uSongiya kwakungeye­shumi ukugana iSilo uSenzangak­hona. Ngakho nayo yayiwela ohlangothi­ni lwasekhohl­wa njengokaMq­ungebe ozala iSilo uDingane. Lokho kwakungayi­beki embangweni weSihlalo soBukhosi.

INdlovukaz­i uSongiya yaqopha umlando eNdlunkulu yoBukhosi bukaZulu ongasoze walibaleka, futhi ongayikugu­qulwa muntu ngoba iNdlovukaz­i lena kwakuyinsu­lamsizi yeNgonyama uSenzangak­hona. Ngokwempel­a akuqondaka­li ukuthi iSilo sasiyibeka kanjani ukuba ibe yinsulamsi­zi yayo. Kuyenzeka ukuba insulamsiz­i ibekwe ngoba kulandelwa umlando othile ngendlu yaleyo ntombi.

Isigaba sokuba yinsulamsi­zi kasikho emzini yabanumzan­a, kepha sisesigodl­weni seSilo kuphela. Yisikhundl­a lesi esithathwa ngokuthi kasibalule­kile esigodlwen­i nokho sisemqoka kakhulu eSihlalwen­i soBukhosi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa