USongiya kaMbopha uba yiNdlovukazi ngoSenzangakhona
Isizathu salokho kwaba ngesokuthi iSilo uSigujana sabekwa uZulu engazi ukuthi iNgonyama uSenzangakhona isikhotheme. Phela kwakungalingwa kubikelwe isizwe ukuthi ilanga selishonile uma iNgonyama ingakatshalwa. Kwakwesatshwa ukuthi izitha zazingabahlasela kulowo mnyama, zifike zibabulale bonke bengenakho ukuzivikela, besalibele ukukhalela ukukhothama kweNgonyama. Kwakubekwa kuqala esihlalweni iSilo esizolandela sibuse, isidumbu seNgonyama ekhotheme sisalele endlini.
Phela kwakungakhalwa uma kukhotheme iNgonyama ngoba kwakuthiwa isizwe siyoba buthakathaka. Umuntu okhalelwayo ngosuke efile. INgonyama kuyaziwa nanamuhla ukuthi kayifi, kepha iyakhothama futhi kayingcwatshwa kepha iyatshalwa. Inhloso enkulu yokutshala into ukuba imile, ukuze yande, ingapheli. Yilokho ukucabanga ababenakho eNdlunkulu yobukhosi bukaZulu.
Kwathi noma ebuya eshesha uMntwana uNjunju woHlanga emveni kokuthola umbiko wokukhothama kweNgonyama uSenzangakhona, ngeshwa akaze abanayo yena impi eyayizomeseka ukuze athathe isihlalo sobukhosi. Kanti uMntwana uShaka yena wayesekelwa ibutho leZichwe ayelihola, futhi eyinduna yalo, evela nalo esizweni sakwaMthethwa. Kwathi lapho uMntwana uNjunju woHlanga esefika eNdlunkulu, wathola ukuthi iLembe selihlezi esihlalweni futhi uZulu uselemukele.
INdlovukazi uMpikase yayithandwa kakhulu iNkosazana uMntwana uMkabayi kaJama. Kuyacaca ukuthi uMntwana uMkabayi wayibeka ethembeni iNdlunkulu uMpikase noma esebona ukuthi iqhinga labo selonakele. Amaphutha eSilo uShaka aqhakambiswa kakhulu iyona iNkosazana uMntwana uMkabayi ukuze iSilo uShaka sizondwe isizwe. Kuyacaca ukuthi ukuba isilomo koMntwana uNjunju woHlanga kuNkosazana uMntwana uMkabayi bandiswa ubugagu bakhe bokuhlabelela amahubo akwaZulu.
INdlovukazi uMpikase nayo iphupho layo lagcina selifezekile, yahlala esikhundleni sobuNdlovukazi ngenkathi sekubusa umntanayo. INdlovukazi uMpikase yayihlala emzini weSilo wakwaZindela.
Ngenkathi sekubusa iNgonyama uDingane, akukho lutho olubalulekile olushiwoyo ngeNdlovukazi uMpikase, kepha kuvela kakhulu iZindlovukazi ezimbili, uMkabi kanye noLangazana. Lezi Zindlovukazi ezimbili yizona okuzwakala ukuthi zazengamele iSigodlo soBukhosi kwaZulu.
INgonyama uDingane yakhothama ngokuhlaselwa ngabakwaNyawo ngenkathi impi yayo ilwa neyamaBhunu ayesesizwa uZulu owayesembukile nowayeholwa nguMntwana uMpande.
INdlovukazi uSongiya INgonyama uJama yazala uMntwana uSenzangakhona uMenzi uMjokwana ohlangothini olukhulu lokuma kweNdlu yoBukhosi kaZulu. Imzala kuNdlunkulu uMthaniya owafakwa kuNdlunkulu okaSikhombazana owayekhothame engazalanga ingane yomfana. Kanti ohlangothini lwasekhohlwa iNgonyama uJama yabeka uMntwana uSojiyisa eyayimzala kuNdlunkulu uNongiya. Laba Bantwana beNkosi uSenzangakahona noSojiyisa babesondelene kakhulu bekuhlonipha ukuba ngamakhanda okuma komuzi weNkosi uJama. Ngenkathi uMntwana uSenzangakhona eyokweshela intombi yakhe eyamgana kuqala uMkabi okaSodubo wakwaNzuza wayehamba noMntwana uSojiyisa.
INgonyama uSenzangakhona noMntwana uSojiyisa base besuka eMakhosini bayokweshela intombi eBukhosini bakwaNgcobo. Bafika lapha emzini kaNgotsha bakha indodakazi kaMbopha Hlabisa egama layo kwakunguSongiya. Laba abakwaHlabisa babakhe lapha endaweni yakwaHlabisa kuze kuyoshaya eMpembeni kuya kwaQunwana.
UMntwana uSojiyisa yena waqonywa intombi yakwaSibiya koMlandu endaweni yakwaMthwandlana. Igama layo kwakunguNobandile. Indawo yakwaMthwandlana neyakwaQunwana kaziqhelelene kangako ngangokuthi izinsizwa zakulezi zifunda zazibukela ndawonye. INgonyama uSenzangakhona yamthatha uSongiya wayigana kanti noMntwana uSojiyisa wamthatha uNobandile wamgana.
INgonyama uSenzangakhona yazibula uMntwana uNzibe kuNdlunkulu wayo uSongiya owelanywa nguMntwana uMpande kanye neNkosazana uMntwana uNtikili owendela iNkosi uMayanda wazala iNkosi uSomkhele Mkhwanazi yona yazala iNkosi uMtubatuba. UMntwana uSojiyisa yena wazibula ngoMntwana uMaphitha kuNdlunkulu uNobandile owelanywa nguMntwana uTokotoko, uMntwana uDomba kanye nenkosazana uMntwana uManhla.
Laba oNdlunkulu bobabili uSongiya kanye noNobandile babesondelene kakhulu njengezintombi ezazidabuka ezindaweni ezakhelene uQunwana kanye noMthwandlana. Kanti nezingane zabo zazikhonzene kakhulu. UMntwana uSojiyisa wagcina elishiyile elaseMakhosini wayokwakha umuzi wakhe wakwaMandlakazi phezu kwenqaba yaseSokosoko eseduze kakhulu nendawo yakwaQunwana. Kwathi ukubusa kweSilo uShaka uMntwna uMaphitha wasebuyela endaweni yaseMakhosini. Okwathi uma iSilo uShaka sinqoba iNkosi uZwide sase sithi kuMntwana uMaphitha akahambe ayosiphathela izwe lakwaNdwandwe. Samakhela umuzi waseKuvukeni afika wahlala kuwo noNdlunkulu uNobandile kanye nabafowabo. Kuthe uma uMntwana uMaphitha esakha umuzi wakhe waseNkungwini wasakha nowasOkledeni enxiweni lakwaMandlakazi.
Kwathi ukugana kweNdlunkulu uSongiya yanikezwa isigaba esibalulekile kakhulu eyayisimele ekuqinisweni kweSilo uSenzangakhona esikhundleni saso soBukhosi. Yafakwa ngasohlangothini lwaseNdlunkulu. INdlovukazi uSongiya kwakungeyeshumi ukugana iSilo uSenzangakhona. Ngakho nayo yayiwela ohlangothini lwasekhohlwa njengokaMqungebe ozala iSilo uDingane. Lokho kwakungayibeki embangweni weSihlalo soBukhosi.
INdlovukazi uSongiya yaqopha umlando eNdlunkulu yoBukhosi bukaZulu ongasoze walibaleka, futhi ongayikuguqulwa muntu ngoba iNdlovukazi lena kwakuyinsulamsizi yeNgonyama uSenzangakhona. Ngokwempela akuqondakali ukuthi iSilo sasiyibeka kanjani ukuba ibe yinsulamsizi yayo. Kuyenzeka ukuba insulamsizi ibekwe ngoba kulandelwa umlando othile ngendlu yaleyo ntombi.
Isigaba sokuba yinsulamsizi kasikho emzini yabanumzana, kepha sisesigodlweni seSilo kuphela. Yisikhundla lesi esithathwa ngokuthi kasibalulekile esigodlweni nokho sisemqoka kakhulu eSihlalweni soBukhosi.