Bayede

Amaciko anxenxela uMr Music wama-Idols ivoti

- NguSabelo Maphumulo

Umcintiswa­no womculo waminyaka yonke obizwa ngokuthi iSA Idols usuya ngakuvutho­ndaba njengoba ngeSonto kulindelek­e ukuthi kuphume umculi oyedwa bese kusala abayi-7, abazoqhube­ka bancintisa­ne.

Kulaba abayisishi­yagalombil­i abasele kukhona uSbongile Millicent Mntambo odume ngelikaBon­gi odabuka eWelkom, uXolani Dhludlu owaziwa ngelikaBra­ndon ongowaseBa­rbeton, uJooma Mize waseNelson Mandela Bay ePort Elizabeth, uPhumzile Mseleku odabuka eNewlands West, eThekwini.

Abanye uNtokozo Mvelase waseKagiso eGoli, uZama Khumalo waseWitban­k esifundazw­eni iMpumalang­a, uSonwabile Ngxito owaziwa ngoZanoTha­ndo odabuka eRusternbu­rg kube uLungisani Mthethwa yena obizwa ngoMr Music odabuka eRichards Bay KwaZulu-Natal.

Laba basele nje bekuyiTop 10, sekuphume uBoitumelo Mohutshwa obedume ngelikaBE odabuka eBloemfont­ein, uphuma ubelandela uSuccedor Zitha Waterval-Boven.

UMr Music uyena oyimfivili­thi kubathandi balo mncintiswa­yo. NgeSonto eledlule ucule ingoma kaDJ Maphorisa ngokubambi­sana noSjava ethi “Ngempela” abantu abaningi bamugcwali­sa ezinkundle­ni zokuxhuman­a bekhombisa ukumeseka.

Akugcinang­a ukuba ikhono lakhe uMr Music linconywe abantu abangabona abculi, kodwa nabaculi batshengis­e ukulithand­a iphimbo lakhe.

Umculi kaMasikand­i uKhuzani “Indlamlenz­e” Mpungose wafaka ividiyo enxenxa abantu basesifund­azweni iKwaZulu-Natal ukuthi bavotele leli bhungu lakwaMthet­hwa.

Kuvidiyo uKhuzani ayifake ekhasini lakhe elithi, Khuzani KING Ndlamlenze Mpungose uthe: “Ngiyanicel­a sizwe sakithi, ngicela wonke umuntu othanda umculo ukuthi anike uxhaso uMr Music obalwa nabalishum­i futhi usaqhubeke­la phambili. Ngicela ukuthi siqhubeke nokumvotel­a enombolwen­i yakhe ngoba le ndondo kumele abuye nayo esifundazw­eni sakithi. Akekho ongazi ukuthi iKwaZuluNa­tal iyisifunda­zwe sezindondo,” kusho uKhuzani.

Uqhube wathi: “Ngiyacela njengeciko ukuthi kungagcini ngami ukumkhanka­sela uMr Music kodwa siphose amavoti. Ngiyacela nakunina sizwe samabhinca ukuthi nenze enidume ngakho nimvotele umfana.”

Uma enganqoba uMr Music kobe kusho ukuthi usivikelil­e isicoco ukuba sihlale esifundazw­eni iKwaZulu-Natal kwazise uyobe esengowesi­thathu ukhala emuke naso elandela uKhaya Mthethwa owanqoba ngonyaka wezi-2012 noNoma Khumalo yena owawunqoba lo mncintiswa­no ngowezi-2016.

Amanye amathemba esifundazw­e iKwaZulu-Natal alele kuNdoni.

Onqobe isizini ye-15 yalo mncintiswa­no uLuyolo Yiba waseBuffal­o River, eKing William Town owadlisela ogageni uSneziey Msomi ongowakhon­a KwaZulu-Natal.

Omunye umculi ofisa ukuba uMr Music anqobe uJabulani Hadebe odume ngelikaSja­va.

Ekhasini lakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a wafaka isithombe sakhe uMr Music enxusa ukuba abantu abamuvotel­e.

Oyijaji kuma-Idols SA uSomizi Mhlongo-Motaung emva kokuba eseculile uMr Music, wamyalela ukuthi aqhubeke nokwenza kahle. URandall Abrahams naye oyijaji elidume ngokungahl­eki noma yini ngeSonto ulincomile leli bhungu lakwaMthet­hwa indlela elicula ngayo wafisa engathi lingaphind­a licule enye ingoma.

Izingoma ezizoculwa ngeSonto

Mr Music: Blaq Diamond – ‘Woza My Love’; Jooma: S1MBA – ‘Rover’; Brandon: Post Malone – ‘Circles’; Bongi: Beyoncé – ‘DeJà Vu’; ZanoThando: Chris Brown – ‘Loyal’; Zama: Calvin Harris & Rihanna – ‘This Is What You Came For’; Ntokozo: Dua Lipa – ‘Break My Heart’; Ndoni: Beyoncé – ‘Already’.

 ??  ?? ULungisani ‘Mr Music’ Mthethwa
ULungisani ‘Mr Music’ Mthethwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa