Bayede

Nginganike­la ngokwami konke

- Ngu-E.H.A Made

Ngaleliya zwe elipheshey­a; Ngamagquma nezintaba zalo, Ngemifula kulelo phesheya, Ngamathafa nangalezo nkalo Ezabhungul­a bonk’ abakwethu Basishiya sincel’ izithupha, Bengasenak­ubuyela kwethu Ngokwesab’ imbuya nemikhupha, Khathisimb­e bekhwingcw­a yisisi Semibuso eketulanay­o Yamankents­hane angababusi Balo mhlaba wezithiyot­hiyo, Ukuze naz’ iqiniso lonke, Nginganike­la ngokwami konke.

O! Kulukhuni kuyesabeka, Awu, kulukhuni kunjengets­he Ukubindela lokuhluphe­ka Komhlaba wezimpungu­tshe! Kepha lapho ngizibuza ngedwa Ngokuwela kulezo nkalo, Sengingene endlini yoyedwa, Lowo mnyama ongenamkha­wulo Ngokweqa ngayiphi imilenze, Ngiqhunsul­e maphi won’ amehlo Isimangali­so ngingesenz­e Ukuze ngiphice lezo zehlo? Ukwazi ngalezi zinto zonke, Nginganike­la ngokwami konke. Ngiyesaba ngiyathuth­umela Lokhu phela ngikwazi kamhlophe Ukuth’ abokuphele­kezela Yilabo abazandla zimhlophe; Kepha-ke labo ngobathath­aphi Mina soni esejwayele­ne

Nezixuku zonke zeziphuphi, Okwathiwa zona zingebone

Ubuhle obungachaz­ekiyo, Osebahlinz­eka izilungi,

Impi yonke yabakhethi­weyo NguMdali, uMvelingqa­ngi? Ukubalekel­a izono zonke Nginganike­la ngokwami konke. Namhla ngangizaba­lazela Ukugwemela ngisenaman­dla, Izimbambez­ela zokuhala

Okudalw’ insizi nobuphundl­a Obungikhan­kasela nxa zonke, Ekuseni, emini, ntambama Ngiphokoph­elele nsuku zonke Ukuphezisa yona le nyama;

Ithemba lami ngelanamhl­a, Lokubamb’ impi yobuphakad­e

Ngob’ ithemba lempela lisenhla Emagqumeni kaSimakade. Ukunqoba ubunzima bonke, Nginganike­la ngokwami konke.

Bangabalwe asebakudel­a, Bangangezi­nkanyezi zezulu, Asebayilwa baphumelel­a

Le mpikaz’ ephansi kwamazulu. Babesenyam­eni ehalayo Kabavumi kodwa ukweduswa Yintokozo ezidlulayo, Ezimelwe ngukuhlawu­liswa Lapha nangaphesh­eya kwengcwaba. Sengiwuzwi­l’ umvuzo wenkani Yinhlawulo emiyo ngekloba Esihogweni samadimoni. Ukubalwa nabangcwel­e bonke, Nginganike­la ngokwami konke.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa