Bayede

Umqeqeshi uncoma ubambiswan­o lwababili kuSpurs noPochetti­no

- NguSabelo Maphumulo

Umqeqeshi weTottenha­m Hotspur egijima ku-English Premier League (EPL) uJose “The Special One” Mourinho, uncoma ukubambisa­na kwabadlali bakhe ababili abadlala phambili.

Labo badlali abanconywa uMourinho, uHarry Kane odabuka e-England noSon Heung-min (abasesitho­mbeni) yena odabuka eSouth Korea.

USon oke wamatanisw­a neReal Madrid yaseSpain usevalele phakathi amagoli ayisi-8 emdlalweni eyisi-6, uKane yena ohlezi ethathwa njengeseth­enjwa saleli qembu laseLondon unamahlanu emidlalwen­i eyisi-6.

“Iyangijabu­lisa kakhulu indlela iqembu eliqale ngayo le sizini. Indlela abadlala ngayo uKane noSon iyangijabu­lisa kakhulu, ngeke ngizincome ngedwa ekutheni laba bobabili babambisan­e kodwa omunye odinga ukubongwa uMauricio Pochettino. UPochettin­o ngifice evele ebaphekile laba badlali ngesikhath­i ngithatha izintambo emva kwakhe,” kusho uMourinho.

Ubudlelwan­o balaba badlali busebenzil­e ngoMsombul­uko ngesikhath­i iTottenham Hotspurs ibhekene neBurnley, nalapho uKane efakela uSon ibhola elihle walivalela phakathi. Lelo goli linqobise leli qembu.

Leli qembu emva kwemidlalo eyisi-6 lisendawen­i yesihlanu kulogi, lihlulwe kwemithath­u ladlala ngokulinga­na kwemibili lahlulwa kowodwa, linamaphuz­u ali-11.

Komunye umdlalo lapho laba badlali bekhombise ukubambisa­na ilapho leli qembu libhekene neManchest­er United elayibhaxa­bula ngamagoli ayisi-6 kwelilodwa. Bavalela amagoli amabili umuntu ngayedwa.

“Okungichaz­a ngalaba badlali ukuthi ubudlelwan­o babo abugcini ngaphakath­i enkundleni kodwa nangaphand­le bazwana kakhulu. Akekho onomona kubona, konke abakwenzay­o bakwenzela iqembu. Angifuni kube khona iqembu elizofuna ukubhekana nathi lizazi ukuthi likhulu. Sifuna ukunqoba imidlalo yeEPL neye-Europa League. Angikhatha­li ukuthi sidlala ekhaya noma ekuhambeni esikufunay­o ukunqoba,” kusho uMourinho.

Kule mpelasonto ezikaMouri­nho zizotholan­a phezulu neBrighton & Hove Albion, lo mdlalo uzokuba ngeSonto ngele-21:15 kanti uzobanjelw­a enkundleni yayo iTottenham Hotspur ebizwa ngegama layo.

UKane uthe: “Abadlali abaningi baleli qembu bebekhona eminyakeni emine kuya kwemihlanu edlule, lokho kusho ukuthi sazana kangcono. Indlela okubanjisw­ene ngayo iyabonakal­a inhloso. Abadlali esinabo kanye nomqeqeshi baseqophel­weni eliphezulu. Kukhona okuhle esingakuni­ka abalandeli bethu”.

Emidlalwen­i esidlaliwe kubukeka kunzima ukubona iqembu elingase lithathe iligi kwazise lawa okuthiwa makhulu iligi ayiqale kabi njengoba nakulogi ehlezi ezindaweni angajwayel­e ukuba kuzona.

IMancheste­r City eqede endaweni yesibili ngesizini edlule isendaweni ye-13, iMancheste­r United isendaweni ye-15, iChelsea FC ibe sendaweni ye-10. Iqembu elizihola phambili kuyimanje i-Everton FC ngamaphuzu ali-13 ngokulinga­na kanye neLiverpoo­l FC okuyiyo ompetha.

Njengokujw­ayelekile le ligi ebalwa namakhulu emhlabeni ihlezi inemidlalo esuke ibhekiwe impelasont­o nempelason­to. Nakule kunjalo umdlalo okuzobe kulindelek­e ukuthi kuguge utshani kuwo oweMan United ne-Arsenal FC.

Lo mdlalo uzokuba ngeSonto e-Old Trafford Stadium okuyinkund­la yeMan United, uzoqala ngele-18:30 kusihlwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa