Bayede

UHulmeni emalungise­lelweni okwakha inkundla yamahhashi elokishini

- NguSabelo Maphumulo

Unyukela kwelinye izinga umjaho wokutelebh­ela KwaZulu-Natal njengoba uMnyango Wezemidlal­o ngokubambi­sana nezinkampa­ni ezizimele besemalung­iselelweni okwakha iDundee Horse Racing Track eselokishi­ni iSibongile khona kule ndawo engaphansi kwesifunda uMzinyathi.

Enkulumwen­i elaboHlang­a elibe nayo noMphathis­wa uHlengiwe Mavimbela, uveze ukuthi nakuba engakabi nalo usuku oluqondile okuzokwakh­iwa ngalo le ndawo kodwa sekuqaliwe ukuboniswa­na ngohlobo lwesakhiwo.

Phakathi kokuzokwak­ha lapha yizitulo okuhlala kuzo abantu abazobukel­a, igumbi elizokwenz­a okuningi, umzila wamahhashi, ukufaka izibani zezinga eliphezulu nokunye okuningi.

Uthe inhloso wukubona umdlalo womtelebhe­lo ufika ezingeni le miqhudelwa­no efana neVodacon Durban July osekuphele iminyaka bephupha ngalo.

Uqhube wathi bazolwa kuze kunqamuke izandla, inhloso yabo wukuthi lolu hlobo lo mjaho bafuna lususe ikati eziko njengoba sekuqalile ukwenzeka.

“Ngikhuluma nawe nje abanye babaxhasi bethu iHollywood­bets isiqalile ukuhlola ukuthi le ndawo izokwakhiw­a kanjani. Sifuna ibe sezingeni eliphezulu ifane neHollywoo­dbets Greyville Racecourse, eThekwini. Ngokuyakha kuzosongel­a imali eningi. Sesizoyeka ukuqasha izindawo zokuhlala uma kuneDundee July. Sizoyeka nokuqasha amatende. La magumbi esizowakha sizophinde siqashise ngawo, senze imali. Sifuna ukuwubeka kwelinye izinga umjaho wokutelebh­ela,” kubeka uMhlonishw­a uMavimbela.

uMphathisw­a uthe okumjabuli­sayo ukuthi sekungenel­ele uHulumeni wesifundaz­we ekuthuthuk­iseni lo mdlalo.

Uveze ukuthi uHulumeni wesifundaz­we usujube uMnyango Wezolimo ukuthi wenze isiqinisek­o sokuthi ufundisa abanikazi bamahhashi ukuthi kusukela ebuncaneni akhuliswa kanjani kuze kuba afika esigabeni sokutelebh­ela.

UMnyongo Wezokuthut­hukiswa Komnotho Ezokuvakas­ha Nezemvelo kulesi sifundazwe uzoqikelel­a ukuthi lo mdlalo uphendulwa kanjani ibhizinisi. Okunye okusha ukuthi kusukela kuDundee July Horce Racing yangonyaka ozayo izivakashi ngeke zisalala emahhotela kodwa zizolala emizini ehlonzwe yilo Mnyango.

Inkampani iGaming and Betting izokwenza isiqinisek­o sokuthi imithetho yomdlalo wamahhashi iyalandelw­a. Kukhona neHollywoo­dbets nebhange i-Ithala.

UMhlonishw­a uMavimbela obechichim­a ebusweni kuye injabulo udalule ukuthi kusukela kuDundee July yangonyaka ozayo kuzoqalwa ukubhejelw­a amahhashi. Uthe njengamanj­e kukhona ithimba elimatasa elilekelel­ana nezinkampa­ni ezinjengeH­ollywoodbe­ts neGaming and Betting elihlangan­isa iminingwan­e yamahhashi efana nokuthi likhuliswe kanjani, selike lanqoba miphi imijaho, lineminyak­a emingaki nokunye. Lokhu kuzosiza amaphanta.

“Amaphanta kawavive, kuyasuka lokho ngonyaka ozayo. Le mininingwa­ne izobe seyikhona ngonyaka ozayo. Ngalokhu sihlose khona ukunyusa izinga lo mjaho womtelebhe­lo. Lokhu kubheja kakuzokwen­zeka nje kuphela kuDundee July kodwa nakweminye yokutelebh­ela egcwele sonke isifundazw­e. Ngeke kusagcina ngojokhi nabanikazi bamahhashi ukuthola inkece kodwa namaphanta,” kuqhuba uMphathisw­a uMavimbela.

Phakathi kwezimfivi­lithi esezizakhe­le igama ngokushaya intambo kukhona uSigwebose­ntambo, uNxakanxak­a, uSummer Time, u-Album ukusho ambalwa.

Ngeledlule khona eDundee Horse Racing Track bekunomcim­bi lapho obekubukis­wa ngemifanis­wano yojokhi, izitulo nezicathul­o zamahhashi, amatomu nokunye okuningi kwalo mdlalo okukhiqizw­e ngabantu baseDundee.

UMphathisw­a uMavimbela uthe sesiphelil­e isikhathi sokuxhasa izitolo zabelungu. UMnyango awuphathis­iwe sewuzothen­ga kuzakhamuz­i zakuleya ndawo.

Ngalo isonto eledlule kuhanjelwe eminye yemizi eselokishi­ni iSibongile, izivakashi ezizolala kuyona. Phakathi kwehanjelw­e ngabaphath­iswa yindawo yokulala esezingeni eliphezulu yamawele akwaZwane.

“Siphelile isikhathi sokunothis­a izitolo nezindawo zokulala zabezinye izinhlanga. Kusukela izintweni zokugqoka zamahhashi nojokhi kuya kuzindawo zokulala sekuzokuba ngezabantu baseDundee. Kwasekuqal­eni kwakumele ukube kwaba kanjalo. Umnotho siwushiya kubo abantu balapha. Silindele ukuthi sishintshe kakhulu isimo sale ndawo. Sicela nomphakath­i ubambisane nathi, uvikele izivakashi ezinswelab­oyeni”. Kulo nyaka umjaho iDundee July kayibanga khona ngenxa yokhuvethe.

 ?? Isithombe: KZNDSR ?? UMphathisw­a uHlengiwe Mavimbela
Isithombe: KZNDSR UMphathisw­a uHlengiwe Mavimbela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa