Usizi lwaboHlanga: Bonke ubuhlungu buya enhliziyweni
Silandela ithuna elinguBlock C 573 Unina akasibonanga isidumbu esabe sesiyizibhucu
Ngenxa yezinhlungu ayekuzo wayebubula kuhle kwenkunzi yenkomo ephiselwe ngomkonto esikhonkosini. Epaquza ecela ushwele nosizo kubabulali bakhe. Okubuhlungu wukuthi bonke ayecela kubo usizo abantu ababemazi, bazi nomndeni wakhe omunye efunda naye esikoleni sinye. Bonke bangabaselokishini elilodwa iHambanathi, oThongathi. Kwathi noma owayengaba wusizo efika okungudadewabo uSindi ababulali bamlutha bathi akahambe abuye nokuthe uma esenza njalo wafika wabikelwa amalumbo okuthi umfowabo owayengakwazi nakuhamba ngenxa yokushaywa usukumile weqa.
Lokhu kwaba wukuqala kohambo olude lomdeni wakwaMbuthu nomphakathi waseHambanathi uthungatha okungenani ithambo lendodana yabo, uBobo Andile Mbuthu. Kwenzeka konke nje lokhu izwe likhungethwe wukhuvethe okwabe kuphoqa ukuthi kube nomhlalandlini, abantu bengavunyelwe ukuba baphume. Nokho umunyu wagqabula wonke amaketanga ngoba abafundi namalungu omphakathi baphumela phandle bebabaza umuga.
Indawo lapho ayethunjwe khona uBobo kwabe kuyindawo yokucima ukoma edumile endaweni. ElaboHlanga liyihambele le ndawo nesiyaphenduka umlotha ngenxa yolaka lomphakathi okwathi ungezwa udaba wayithungela ngomlilo. Kuyo sekusele izindonga nje nezingcezu zamabhodlela. Isiyaphenduka isikhumbuzo sesihluku esanyakazisa uThongathi. Emalungwini omphakathi lesi simo salesi sakhiwo kuhle sihlale sinje ngoba afunge agomela ukuthi ukuphakama kwaso kabusha kuyovusa ulaka lomphakathi.
Kubafundi besikole, uBobo ayengena kuso, iNkosibomvu Secondary School nayilapho ayenza khona iBanga le-12 okwenzeka kwabaphuca okukhulu. Kubo uBobo wayengusomahlaya nosomabhizisi osakhasayo ngoba wayehlala eziphantela. Wayephokophele ukuthi indlala kwabo igcina ngaye. Abanye bathi nakhona lapho agcina elimalele khona wayeziphantela nokumangazayo ngoba udlule eneminyaka eli-16 kepha amukelekile endaweni okumele ngabe abangangaye kabalubhadi.
Kubafundi abakhuluma nelaboHlanga kanjalo nothisha uBobo wabe engeyona ingelosi kepha wabe ezama ukuba ngumfundi nomuntu ongcono. Wayegange njengazo zonke izingane kepha wabe enonembeza, ekwazi ukubuyela emuva ngenhloso yokulungisa lapho ayone khona. Kwaba yishwa ukuthi ngosuku ashaywa ngalo akabange esalithola ithuba lokulungisa lapho okwabe kungenzeka ukuthi wone khona. Ababulali bakhe abamnikanga lelo thuba, banquma ukuthi wabe ehlale ekwenza kumlungela kulokhu ufike ekugcineni.
Amalungu omphakathi wona akhala ngamaphoyisa endawo kanye nobulungiswa. Phezu kwemizamo yabo yokuba kutholakale ithambo lomfana nokuthi kuboshwe abasolwa, ababili babo okubalwa naloyo okuthiwa wabe engubhongoza bangaphandle.
Ngesonto elizayo mhla zi-5 kuLwezi abafundi baseNkosibomvu bazobe bebhala iphepha lesivivinyo sokuphela konyaka. Isitulo obekumele ngabe kuhleli kuso uBobo sizobe singenamuntu. Akukhona ngoba eyobe elibele ndawondawo kepha yingoba umfana owalibona ilanga eminyakeni eli-16 eyedlule ngomhla zingama-28 kuNcwaba esibhedlela Osindisweni akasekho ohlwini lwabaphilayo. Umzimba wakhe ongaphelele ulondolozwe emathuneni endawo, kuBlock C 573 lapho eselele umphumulela wafuthi.
Kunoma yimuphi umzali kuhlale kuyisifiso ukubona ingane yakhe iphumelela esikoleni ngemuva kweminyaka eli-12 ifunda. Eningini lemindeni yaboHlanga ukuqeda koyedwa ekhaya kusuke kuvula umnyango wezinto eziningi kubandakanya nokukwazi ukuxosha ikati eziko.
Nokho kuNks uGugu Petronella Mbutho okwakhe kwehlukile njengoba esikhundleni sokuba indodana yakhe obekungukuphela kwayo nabesebeke ithemba kuyo, ibulawe ngesihluku esingachazeki. Ukucima kwalesi sibani nokunezinkomba zokuthi umphefumulo uphumele endaweni yokucima ukoma iMagagula Lounge, kumzwise umunyu ongachazeki unina womfundi uBobo Mbutho. Uhamba nje umfana ushiya ngemuva odadewabo abathathu.
ElaboHlanga lihambele emzini obuyikhaya kuBobo yonke le minyaka. Kulo muzi onamagumbi amabili okulala kuthiwa bali-14 abantu abahlala khona. Isimo sinzima ungena. Umama kaBobo akasebenzi njengoba sekuphele iminyaka emihlanu itshe lome inhlama futhi akayicoshi nemali yesibonelelo. Kuye uBobo bekuyindoda isibili njengoba ekuphanteni kwakhe ethengisa izinto ubengakhohlwa yikhaya.
Uma izintattheli zifika lapha ziphelezelwa ngomunye wothisha baseNkosibomvu into yokuqala ekuhlangabezayo yisithombe sikaBobo. Empeleni zimbili izithombe zakhe esokuqala usibona uma ungena noma ungena khona esikhulu esasiphethwe ngosuku alondolozwa ngalo, silenga odongena ngasemnyango. Esinye sibekwe eduze komnyango wegumbi lokulala, sincikiswe ngodonga ngenxa yobukhulu nobubanzi baso. Kuze kwacishe kwaphela inkulumongxoxo unina kaBobo engahlangani amehlo obekuthi uma umlandela uhlangane nobuso obudangele.
Lona wesifazane uthwele ngoba uma elanda kuyabonakala ukuthi kubuya okudala. Elokungasiboni ngisho isidumbu sengane yakhe kuzwakale sengathi yikho okumjuqa umoya. Uzwa ngabanye nangabezindaba ukuthi utholwa nje umfana wabe engasaphelele. Usho nokusho ukuthi njengoba engalibonanga ithambo lakhe kuhlala kuhlale kube sengathi uzongena emnyango, usaphumile njengoba kwakwenzeka.
UNks uMbuthu uthi noma uyaphila yisihe sabantu baseHambanathi abancane nabadala abama naye kwaze kwaba uyatholakala umfana baqhubeka nangesikhathi eyolondolozwa. Nembala lezi zakhamuzi zenza okungejwayelekile nokwenza namaphoyisa aqalaza engxenye ngoba ziphuma nje zigcwala imihosha zifuna umfana izwe lingaphansi kwesimo sokhuvethe akekho okuthiwa kaphume kungenasidingo. Kepha ngoba kuBobo kwakugilwe omunye wabo, umphakathi wagqabula amaketanga wahlwaya ngomunye wabo.
“Asizange siwubone umzimba kaBobo ngoba wayengekho esimeni njengoba ayenqunyiwe eyizicucu futhi eshisiwe. Wayengamathambo efakwe esikhwameni. Ngakho nami angikwazanga ukumbona. yingakho namanje ngiyengizitshele ukuthi uzobuya aqhamuke. UBobo ufe njengesilwane futhi asiboni ukuthi siyoke sikhohlwe ngendlela abulawa kabuhlungu ngayo,” kusho unina lusizi.
Uthi okufike kwamhlaba enhliziyweni lapho ethi uyalulama yizindaba zokuthi ubhongoza ekubulaweni komfana ungaphandle ngebheyili.
“Akusiphathanga kahle ukuzwa ukuthi umsolwa wokuqala usengaphandle. Thina ngokomthetho sazi ukuthi umuntu uma ezofaka isicelo sebheyili abalowo osuke elinyaziwe baba khona kodwa thina asibizwanga. Siyile enkantolo enkulu kodwa nabo bathi abazi ukuthi uphume kanjani. Siyazibuza namanje ukuthi uphume kanjani futhi laba abanye basale kanjani. Sizizwa singaphephile nje impela siyesaba. Sithe uma sizwa sabuza abaphathi becala kodwa nabo basitshela ukuthi abakwazi lokho ngoba bazi ukuthi usengaphakathi. Kuyasixaka nje impela ukuthi umuntu angabulala ingane kabuhlungu kanje bese kuthiwa usededeliwe,” kusho uNks uMbuthu.
Okunye akubekayo ukuthi unina womsolwa wokuqala nongumnikazi weMagagula, wayelokhu efika ekhaya ngesikhathi uBobo kusathiwa udukile kodwa okwakubaxaka wayevele akhihle isililo. Lokhu uthi kwakha isithombe sokuthi wabe edliwa unembeza wabe azi umonakalo osuwenzekile.
Okwabonwa udadewabo kusavuka
Omunye okusobala ukuthi uthintekile ngudadewabo kaBobo, uNks uSindi Mbutho othi mama omncane kunina kaBobo. Yena wabona lukhulu njengoba kwathi uma ebizwa kuthiwa akazomlanda (uBobo) eMagagula, wamfica elele phezu kwethantala legazi engasakhulumi, ekhamisile neso elilodwa livalekile. Isimo athi wamfica eyiso sabe sikhomba ukuthi kwase konakele.
Indlela athi wayeyiyo naye akakholwanga nokwenza noma sekuthiwa weqile wasala nemibuzo ukuthi njengoba ebekulesiya simo ubengeqa kanjani. Ubuhlungu obukhulu obokuthi uBobo wafela endaweni engafanele njengoba kusebhizinisini lomfowabo ozalwa uyisemkhulu.
“Mina ngabizwa kwathiwa asizolanda uBobo siphathe izimpahla zakhe zokugqoka useMagagula. Kwathi uma ngifika banqaba ukuba ngingene endlini ayekuyo. Ngangena ngenkani ngabona igazi ligcwele phansi. Yena wayelele ekhamisile kuvuleke iso elilodwa. Ngahamba ngaya emaphoyiseni ngiyowabikela. Kunalokho afike avula icala lokuthi udukile. Kwaze kwasiza umseshi wasePhoenix owathi ayikho lento akukwazi ukuthi kungavulwa icala lokuthi umuntu udukile kodwa wabe esevula icala lokuthumba nokushaya,” usho kanje.
Uthi lokhu kwenzeka ngemuva kokuba kwathiwa akachaze akubonile nokwenza ukuba icala iPhoenix ilishintshe kungabi elokuduka njengoba uThongathi lona lwakulibeke kanjalo.
Ngesikhathi uSindi ebeka lonke lolu daba umama kaBobo ubelokhu ebheke phansi abuye azibambe ebusweni kodwa kubonakala ukuthi uyakwazi ukuziqinisa yize esezinhlungwini.
Abasolwa abathinteka kuleli cala nayebathembile uBobo njengoba ayebazi kubalwa isihlobo sakhe nesasingumnikazi weMagagula Lounge uMnu uMlungisi Thabethe (28), u-Andile Nhleko (27), uMncedisi Mzobe (27), uSiyanda Msweli (26) uLindani Ndlovu (22) noMalusi Mthembu (27).
Kuningi okwenzekile selokhu uBobo adlula emhlabeni njengoba kwathi kulezo zinsuku etholakele, kwavela izindaba zokuthi sekunephoyisa lasoThongathi elizidubule ekhanda lisevenini yamaphoyisa lashona.
Leli phoyisa elalineminyaka engama-49 kwakunezinsolo zokuthi lalithinteka kulesi sigameko njengoba kwavela nokuthi abasolwa basebenzisa isikhwama samaphoyisa sokuthwala izidumbu ukushushumbisa umzimba kaBobo bayowulahla emanzini befake namatshe phakathi ngoba benzela ukuthi isidumbu sicwile singatholakali.
Ngalelo langa okhulumela amaphoyisa uBrigadier Jay Naicker wazichitha lezi zinsolo zokuthi leli phoyisa lizibulale