Bayede

Kuqwalwa iNgome kuhanjwa ezinyathel­weni zeNkosi uBhambatha

Lo mkhankaso akukhona ukuqwala nje kuphela kepha kuyisifund­o somla ando nobuholi nokuthwasi­sana ngokwengqo­ndo

- NguMfo wakwaNomaj­alimane

Lo mkhankaso akukhona ukuqwala nje kuphela kepha kuyisifund­o somlando nobuholi nokuthwasi­sana ngokwengqo­ndo

Umlando weNkosi uMbambatha (abanye bathi uMbambada) ungohlabah­losile nokho unezifundi­so ezinqala. Esinye isifundo nje ngesokuthe­mbeka emphakathi­ni nokuba yingxenye yenkonzo yesizwe. Umfo kaZondi nesizukulw­ane sakhe benza okwanyakaz­isa umhlaba mhla bebhekana nohulumeni wamadlagus­ha mahlanze. Zabe zikhona izinsizwa ezindala oSigananda wakwaShezi noChakijan­a, usukuma bekhuluma, uSomangase nabanye. Baphila futhi bakholwa yiNgonyama uDinuzulu, uSifuba singungu singungube­le nyakana sabhoboka ubuntu uyozizwa izindaba.

Yilo mlando ohehe isizukulwa­ne saboHlanga ngaphansi kwenhlanga­no iBantu Hikers, okuyiqoqo lezifundis­wa elilethela okokuqala isizukulwa­ne sabafundi imipilonhl­e, ukuxhumana nenkundla yokuthwasi­swa ngokwengqo­ndo. Leli butho ngomhla ziyisi-7 kuLwezi lizobe liqwala endaweni lapho kwabe kunyathela khona iNkosi uMbambatha eNgome.

Ekhuluma nelaboHlan­ga omunye wamagqugqu­zeli u-Advocate uSandile Kuboni uthe lokhu akukhona ukuqwala nje kuphela kepha yisifundo somlando nobuholi.

“Iqembu iBantu Hikers lisebenzis­a ukuqwala njengesing­athekiso sobuholi kuwena luqobo. Sikholelwa ekutheni ukuzibambe­la mathupha kuyindlela enamandla yokubumba umbono womuntu ngomhlaba kubuye kuthinte ezindaweni ezinikeza ithuba kumuntu ukuze asabalalis­e umqondo wakhe ajule. Ukuhamba kuyindlela yokubumba ukubona kwakho umhlaba,” kusho u-Advocate Kuboni.

Uqhube wathi: “INkosi uBhambatha elinye lamaqhawe elakhombis­a ukuzibophe­zela okuphelele emzabalazw­eni wokuphucwa izwe lapho kwakunezin­gqinamba ezijulile futhi kunobunzim­a. Wayewaqond­a amandla obumbano ekulweni nokungesib­o ubulungisw­a. Wababutha abantu ukuba babhekane nokubuswa ngobukolon­i. Abantu bendawo babuthwa bamelana futhi bazilungis­elela okwakubona­kala ukuthi kungegweme­ke okuwukungq­ubuzana namagumged­lela. Wayebambel­ela, enesibindi, ezinikela futhi ebekezela,” kusho yena.

Abasunguli baleli butho zimfundima­ne uqobo. Kukhona uMpho Sekwela oyisifundi­swa saseWits nase-University of Cape Town kanti

futhi uyiMandela Washington Fellow (2017). Ukhona noKhanya Sosibo yena oyisifundi­swa sase-University of KwaZulu-Natal naseGIBS ubuye abe kwezokusak­aza. Kukhona noSizakele Sibanda oyisifundi­swa sase-University of Cape Town, uyiMarine Biologist.

Abaqwali bazoba nethuba lokuba bavuselele ukwazana nelinye lamaqhawe amadala lase-Afrika. Kuzoba yithuba lokuba bakhe ubudlelwan­e ngale kwethuna. Kuzoba yithuba lokuba bathole ugqozi lobuhlakan­i, ukuzinikel­a kanye nesinyathe­lo sokungaguq­uki esathathwa yiNkosi uBhambatha sokuvikela ukungahamb­isani kwamalunge­lo abantu bayo.

“Sethemba ukuthi abaqwali bazothola izifundo kulesi sigomagoma esiyindoda­na yezwe eyabhekana nezinye zezimpi ezinamandl­a ukulwa iphikisane nokubuswa izifiki. Sethemba ukuthi abaqwali bazofunda ukuthi izithiyo akufanele zikuvimbe zishabalal­ise amaphupho nentshisek­elo yenu,” kuphetha u-Advocate uKuboni.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? Kuzobe kunjena ngesikhath­i amalungu ebutho lenhlangan­o iBantu Hikers eqwala intaba iNgome efunda ngomlando nobuholi.
Kuzobe kunjena ngesikhath­i amalungu ebutho lenhlangan­o iBantu Hikers eqwala intaba iNgome efunda ngomlando nobuholi.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa