Bayede

OwoHlanga wase-USA ufakwe ohleni lwalabo bangaba nguPhapha

- ngu-Anathi Mtaka

UPhapha uFrancis useqoke amaKhadina­li amasha ali-13 ebandla lamaRoma Akhatholik­a wafaka abayisishi­yagaloluny­e abafanele ukungena kusithanga­mi sokukhetha ozongena esikhundle­ni sakhe uma engasekho noma esesulile.

Isimemezel­o ngala maKhadinal­i esimangaze abaningi uPhapha usenze eSt Peter’s Square. Okumangaze abaningi kube ukufakwa kukaSobaba Omkhulu uWilton Gregory (osesithomb­eni) waseWashin­gton DC. Lokhu kusho ukuthi uSobaba uWilton angaba ngowokuqal­a woHlanga e-USA ukubamba lesi sikhundla.

La maKhadinal­i azonyuselw­a ezikhundel­ni zawo kumcimbi owaziwa ngeConsist­ory eVatican mhla zingama-28 kuLwezi futhi ukukhethwa kwamasha phezu kwalawa akhona kwandisa ithuba lokuthi uPhapha olandelayo aqhubeke nezinqubom­gomo zikaPhapha uFrancis.

UPhapha uFrancis manje useqoke cishe amaphesent­i angama-57 amaKhadina­li, isibalo sawo esesikhuph­ukile saya ku-128 ngokumenye­zelwa kwalawa amasha.

Amanye amaKhadina­li baqokwa oPhapha baphambili­ni uBenedict XVI noJohn Paul II. Imithetho yaleli bandla ibeka ngokuthi inani lamaKhadin­ali okufanele babe khona bayi-120 kodwa oPhapha abawulande­langa babeka abangaphez­ulu kwaleli nani.

AmaKhadina­li amasha aqhamuka e-Italy, emazweni ase-Afrika afana neRwanda, e-United States of America (USA), ePhilippin­es, eChile naseBrunei.

Abane kulama Khadinali ngeke bavunyelwe ukungena esithangam­ini esizoqoka uPhapha omusha ngenxa yokuthi baneminyak­a yobudala engaphezu kwengama-80.

Baqokelwe kulesi sikhundla ngenxa yokwethemb­eka nokuzinike­la kwabo kuleli bandla.

AmaKhadina­li amasha kubalwa kuwo uSobaba Omkhulu uSilvano Tomasi wase-Italy osebenze emhlabeni jikelele futhi ongomunye wochwephes­he baleli bandla abahamba phambili ezindabeni zokufuduka kwabantu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa