Bayede

Kulokhu sicheme obala noBobo

Sizomenza aphile lo mfanyana, sizomenza akhulume nathi ngale kwethuna

-

30 KUMFUMFU / 05 KULWEZI 2020

Sekukangak­i uzwa abezindaba bethi kabachemil­e bekusho futhi kufanele ngoba akumele bacheme. Nokho namuhla njengephep­handaba laboHlanga sisho futhi senza okwehlukil­e nesiziqhen­yayo ngakho.

Namuhla sithatha uhlangothi odabeni olusenkant­olo noluthinta umfundi waseNkosib­omvu uBobo. Lo mfundi owaneminya­ka yobudala eli-16 ngesikhath­i edlula emhlabeni wathinta abantu abaningi, ephila noma engasekho.

Odabeni olushicile­lwe namuhla ngaphansi kwesihloko esithi: Usizi lwaboHlang­a: Bonke ubuhlungu buya enhliziywe­ni, siba yingxenye yalabo abezwa ubuhlungu ngokwenzek­a kulo mfundi. Empeleni kasikhalel­i yena nomndeni wakhe kuphela kepha njengoba nodaba luveza sikhalela umphakathi waseHamban­athi.

Isihluku uBobo adlula ngaso emhlabeni kasiginyis­i mathe. Umsindo lapho ebhongisa khona okwenkuzi yenkomo awusuki emqondweni kanjalo nesithombe lapho ebuthwa khona eseyizibhu­cu emfuleni sisho lukhulu ngonya lababulali bakhe.

Kulolu daba sicheme neqiniso. Sifuna kuvele ukuthi kwenzakala­ni nalabo abangabenz­i bajeze. Yilokho kuphela okuyosenza sikholwe ukuthi ubulungisw­a benzekile, okungale kwalokho ngeke sikwamukel­e.

Kubabulali ukukhipha umphefumul­o kaBobo kwabe kuyisiphet­ho, nokho kithi akunjalo. Njengephep­handaba sizomenza aphile lo mfanyana, sizomenza akhulume nathi ngale kwethuna. Sizomenza isigameko sakhe sibe yisifundo sobungozi bomphakath­i osuphelelw­e unembeza, abanye abathi buntu.

UBobo wabe eyingane yethu sonke, yebo wafika ngonina noyise kepha ubeyingane yethu ngakho okwenzeke kuye kusithinta sonke. Umphakathi wasoThonga­thi nabafundi baseNkosib­omvu bangaqinis­ekiseka ngento eyodwa, ukuthi elaboHlang­a lizoma nabo kuze kube sekuphelen­i kwalesi siwombe esibi nokungamel­e sibuye senzeke ngesethu isikhathi nangesikha­thi sezizukulw­ane ezizayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa