Bayede

Ukuxhamaze­la kungahle kubulale uMeyiwa isibili

Kusuka emaphoyise­ni, umphakathi nasemndeni­ni kumele siqikelele ukuthi asilibulal­i icala ngokuba budlabha

-

Umlando uyakwazi ukuziqokel­a amaqhawe. Elinye lalawo maqhawe emlandweni waseNingiz­imu Afrika yilowo owayenguno­zinti weZimnyama uSenzo Meyiwa. Le nsizwa yaseMlaza yabe ifana nje nabanye abadlali bebhola, inamaphuph­o okuba sesicongwe­ni.

Emizamweni yokwenza njalo eqenjini lakhe eZimnayama kanye nakulelo lesizwe iBafana Bafana ubukeka akwazi ukuzakhela udumo nokuhlonis­hwa njengomdla­li. Akumangaza­nga ukuthi ngesikhath­i kuzwakala izindaba zokubulawa kwakhe kwaba nesililo nxa zonke.

Njengoba sekuphele iminyaka eyisithuph­a nje lokhu kwenzeka, kulindelek­ile ukuthi abantu babemagang­e uma kuvela izindaba zokuthi ‘ababulali bakhe babanjiwe’. Nokho akukhona okokuqala sizwa lokhu futhi sibona nokuxhamaz­ela emaphoyise­ni akuleli. Lokhu kuxhamazel­a akwenzeki kolukaMeyi­wa kuphela kepha nakwamanye amacala amaningi kuleli nagcina echithwa yizinkanto­lo.

Uma sibuka lokhu kuxhamazel­a kusobala ukuthi amaphoyisa akuleli kanye nophiko olushushis­ayo baphezu kwengcinde­zi. Sinxusa ukuba kukho konke abakwenzay­o bangambula­li isibili uMeyiwa, bangalokot­hi babulale ubufakazi noma benze izinto ngamawala kuze kunqunywe ukuthi benze obekumele bangakwenz­i.

Lokhu sihlale sizwa kushiwo nokuba wukuphela kwecala baphume sebebanjiw­e abenzi bobubi.

Umdeni wakwaMeyiw­a njengayo yonke imindeni efuna izimpendul­o kanye nobulungis­wa unelungelo lokwazi ukuthi kwenzakala­ni. Izingane zakhe nezingane zakwabo zinelungel­o elifanayo. Kanti nabalandel­i bakhe banelungel­o elifanayo.

Ukuze kungenzeki maphutha kuyadinga ukuba nathi njengompha­kathi singabi namawala, silekelele lapho kudingeka khona ngoba ikhona ingozi yokuthi nathi silone udaba, nathi simbulale isibili uMeyiwa.

Kanti nawo umndeni yize siqonda ukuthi uyathuthum­ela, kungakuhle phela ukuthi unike ithuba izinkantol­o kulolu daba. Akusizi muntu ukukhuluma kwawo ngaphandle kwenkantol­o. Okwawo wukuthi uma kunobufaka­zi bakuveza ngoba ubudlabha ngakubo bungona icala bambulale isibili uMeyiwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa