Ukuxhamazela kungahle kubulale uMeyiwa isibili
Kusuka emaphoyiseni, umphakathi nasemndenini kumele siqikelele ukuthi asilibulali icala ngokuba budlabha
Umlando uyakwazi ukuziqokela amaqhawe. Elinye lalawo maqhawe emlandweni waseNingizimu Afrika yilowo owayengunozinti weZimnyama uSenzo Meyiwa. Le nsizwa yaseMlaza yabe ifana nje nabanye abadlali bebhola, inamaphupho okuba sesicongweni.
Emizamweni yokwenza njalo eqenjini lakhe eZimnayama kanye nakulelo lesizwe iBafana Bafana ubukeka akwazi ukuzakhela udumo nokuhlonishwa njengomdlali. Akumangazanga ukuthi ngesikhathi kuzwakala izindaba zokubulawa kwakhe kwaba nesililo nxa zonke.
Njengoba sekuphele iminyaka eyisithupha nje lokhu kwenzeka, kulindelekile ukuthi abantu babemagange uma kuvela izindaba zokuthi ‘ababulali bakhe babanjiwe’. Nokho akukhona okokuqala sizwa lokhu futhi sibona nokuxhamazela emaphoyiseni akuleli. Lokhu kuxhamazela akwenzeki kolukaMeyiwa kuphela kepha nakwamanye amacala amaningi kuleli nagcina echithwa yizinkantolo.
Uma sibuka lokhu kuxhamazela kusobala ukuthi amaphoyisa akuleli kanye nophiko olushushisayo baphezu kwengcindezi. Sinxusa ukuba kukho konke abakwenzayo bangambulali isibili uMeyiwa, bangalokothi babulale ubufakazi noma benze izinto ngamawala kuze kunqunywe ukuthi benze obekumele bangakwenzi.
Lokhu sihlale sizwa kushiwo nokuba wukuphela kwecala baphume sebebanjiwe abenzi bobubi.
Umdeni wakwaMeyiwa njengayo yonke imindeni efuna izimpendulo kanye nobulungiswa unelungelo lokwazi ukuthi kwenzakalani. Izingane zakhe nezingane zakwabo zinelungelo elifanayo. Kanti nabalandeli bakhe banelungelo elifanayo.
Ukuze kungenzeki maphutha kuyadinga ukuba nathi njengomphakathi singabi namawala, silekelele lapho kudingeka khona ngoba ikhona ingozi yokuthi nathi silone udaba, nathi simbulale isibili uMeyiwa.
Kanti nawo umndeni yize siqonda ukuthi uyathuthumela, kungakuhle phela ukuthi unike ithuba izinkantolo kulolu daba. Akusizi muntu ukukhuluma kwawo ngaphandle kwenkantolo. Okwawo wukuthi uma kunobufakazi bakuveza ngoba ubudlabha ngakubo bungona icala bambulale isibili uMeyiwa.