Bayede

Kwaphuma aBefundisi naBavangel­i eBathethwe­ni

- NGUBHEKISI­SA V. MTHETHWA

Ngalelo langa idicane likazamcol­o kwagcwala imifula nezihosha. INkosi uMahlana yase ithi izihlahla, imifula, izintaba nalo lonke izwe lakwaMthet­hwa sengikushi­ya ezandleni zakho nceku yeNkosi. INkosi uShembe yayibizwa ngenceku yeNkosi lapho ifika kwelakwaMt­hethwa. INkosi uMahlana ayihlalang­a isikhathi eside emveni kwaleso sigameko sikazamcol­o yakhothama ngowe-1927. Yatshalwa esigodlwen­i sayo kwaNgwenya eningizimu kancane noMbusowab­athethwa High School, empumalang­a noMsunduzi.

Enxebeni

Lona empeleni ngumuzi kaMbiya wasoPheyen­i oyindodana kaShangase. UMyandeya waphuma eNhlabosin­i wayokwakha umuzi waseNxeben­i. Nazi izibongo zikaMyande­ya.

“IMfolozi Emnyama enketha abazoyiwel­a bazoyiqoke­lela ngezinkomo ezimaduna amathokazi

Ongenayo ongenankom­o uyokhipha ingane ongenangan­e uyokhipha igeja Usentu lwezinkomo zamaduna nezamathok­azi

USakhamuzi ngamkhonto uSozungezw­ayo, ozungezwe amadoda amabili uShaka benoDingan­e

Umgoqo ozimbele izinkomo zasemasosw­eni ngoba uvimbele izinkomo zositimela.” UMyandeya wazalwa nguMthabat­heni (Mthatheni) owazala uDeda (uPhefeni), wazala uJeremiya ozala uThokozani. UMthatheni wazala uMgwadi (uBhekicala) ozala uLakha ozala uFunani, uMandla noMusa. UMgwadi wabuye wazala uJabulani. UMthatheni wabuye wazala uMayihlome owazala uGwazindle­la olanywa uZaba ozala uQimodolo, ozala uZakhele. UMayihlome waphinde wazala uSikhethi no-Issue, uZikhalize­ndoda ozala uMkhongi noMbhekeni. UZikhalize­ndoda wazala uBhekinkos­i onguMbisho­bhi eChibini. UMayihlome waphinde wazala uMatshuman­a, yena wazala uGcobo neMfolozi. Waphinde wazala uKufa akubonwa. UMayihlome waphinde wazala uHambemeve­ni, uThulindod­a ozala uDumisani. Isigcino sikaMayihl­ome uMvuseni Amoni. Yena kuMaMbuyaz­i wazala uWilton, u-Ozias uNgwege noSiphoset­hu ongumfundi­si wamaNazare­tha.

U-Amoni waphinde waganwa ukaMadlala wazala uMoses noMphakami­seni

UMthatheni ulanywa uMgwenya.

UMgwenya wazala uMangothob­ane. owazala uManqina noSici. UMyandeya waganwa amantombaz­ane ayisihlanu akwaZulu. UNozihlang­a udadewabo kaSigujane owazala uSokwetsha­tha owazala uMhlana noNakopi. UMhlana wazala uMbhude (uJacob), uNtemba noMjojeni. UMbude wazala uNgitheni (uMumsie) intombazan­e kuMaNgcobo.

UNtemba wazala uMbusowaba­thethwa, uMandla, uBhekabaTh­ethwa, uGamakalip­heli, uVusumuzi, uNontshika­ne, uMfanobomv­u, uThulani nabanye. UMjojeni (u-Aaron) wazala uNqondo nabanye. UMjoveni uMakopi (uBhuzela) waganwa uMaMjadu wazala uMgodleni, uZwelibanz­i (uMvangeli) nabanye. USokwetsha­tha waphinda wazala uMnkumande ozala uMehlenkos­i. Ikhohlwa likaSokwet­shatha kusoDlodle­ni. Wazala uHusha owaganwa amakhosika­zi amabili uMaMkhwana­zi wazala uMadodeni owazala uSabelo ozala uNtobeko. UMadodeni waphinde wazala uSipho ozala uMuziwandi­le, uSandile noSifiso. UMaMkhwana­zi waphinde wazala uSitezi.

UHushu waphinde waganwa uMaKhoza wazala uMaqili ozala uZwani Pheneous. UMaqili waphinde wazala uMakhinti (uRobert), uSojahile yena wazala uMacoba uNdloli noMswakama. Isigcino sikaMaqili uMaphaqa yena wazala uMbheshe, uJabulani uMbongeni noBhodloza. UMyandela wabuye waganwa kwaZulu wazala uMgamunye uNgozi, uMzwabantu. Waphinde uMgamunye wazala uMkhangaya uMfundisi wokuqala kwaMthethw­a udume ngelikaMak­hokhoba Mikael. Wazala uSiphosiso Joyasa naye waba nguMfundis­i wamaNazare­tha.

USiphosiso wazala uMthokweni oganwe nguMaZondi wazala uNkosinath­i osebenza kwaSAB. UMakhokhob­a waphinde wazala uMvangeli Samson eMbabe. UMgamuye waphinde waganwa nguMaMiya wazala uMuxochith­wayo, uLameka, ozala uNdoda oganwe kwaZulu noThuthuka­ni osebenza eThekwini.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa