Kwaphuma aBefundisi naBavangeli eBathethweni
Ngalelo langa idicane likazamcolo kwagcwala imifula nezihosha. INkosi uMahlana yase ithi izihlahla, imifula, izintaba nalo lonke izwe lakwaMthethwa sengikushiya ezandleni zakho nceku yeNkosi. INkosi uShembe yayibizwa ngenceku yeNkosi lapho ifika kwelakwaMthethwa. INkosi uMahlana ayihlalanga isikhathi eside emveni kwaleso sigameko sikazamcolo yakhothama ngowe-1927. Yatshalwa esigodlweni sayo kwaNgwenya eningizimu kancane noMbusowabathethwa High School, empumalanga noMsunduzi.
Enxebeni
Lona empeleni ngumuzi kaMbiya wasoPheyeni oyindodana kaShangase. UMyandeya waphuma eNhlabosini wayokwakha umuzi waseNxebeni. Nazi izibongo zikaMyandeya.
“IMfolozi Emnyama enketha abazoyiwela bazoyiqokelela ngezinkomo ezimaduna amathokazi
Ongenayo ongenankomo uyokhipha ingane ongenangane uyokhipha igeja Usentu lwezinkomo zamaduna nezamathokazi
USakhamuzi ngamkhonto uSozungezwayo, ozungezwe amadoda amabili uShaka benoDingane
Umgoqo ozimbele izinkomo zasemasosweni ngoba uvimbele izinkomo zositimela.” UMyandeya wazalwa nguMthabatheni (Mthatheni) owazala uDeda (uPhefeni), wazala uJeremiya ozala uThokozani. UMthatheni wazala uMgwadi (uBhekicala) ozala uLakha ozala uFunani, uMandla noMusa. UMgwadi wabuye wazala uJabulani. UMthatheni wabuye wazala uMayihlome owazala uGwazindlela olanywa uZaba ozala uQimodolo, ozala uZakhele. UMayihlome waphinde wazala uSikhethi no-Issue, uZikhalizendoda ozala uMkhongi noMbhekeni. UZikhalizendoda wazala uBhekinkosi onguMbishobhi eChibini. UMayihlome waphinde wazala uMatshumana, yena wazala uGcobo neMfolozi. Waphinde wazala uKufa akubonwa. UMayihlome waphinde wazala uHambemeveni, uThulindoda ozala uDumisani. Isigcino sikaMayihlome uMvuseni Amoni. Yena kuMaMbuyazi wazala uWilton, u-Ozias uNgwege noSiphosethu ongumfundisi wamaNazaretha.
U-Amoni waphinde waganwa ukaMadlala wazala uMoses noMphakamiseni
UMthatheni ulanywa uMgwenya.
UMgwenya wazala uMangothobane. owazala uManqina noSici. UMyandeya waganwa amantombazane ayisihlanu akwaZulu. UNozihlanga udadewabo kaSigujane owazala uSokwetshatha owazala uMhlana noNakopi. UMhlana wazala uMbhude (uJacob), uNtemba noMjojeni. UMbude wazala uNgitheni (uMumsie) intombazane kuMaNgcobo.
UNtemba wazala uMbusowabathethwa, uMandla, uBhekabaThethwa, uGamakalipheli, uVusumuzi, uNontshikane, uMfanobomvu, uThulani nabanye. UMjojeni (u-Aaron) wazala uNqondo nabanye. UMjoveni uMakopi (uBhuzela) waganwa uMaMjadu wazala uMgodleni, uZwelibanzi (uMvangeli) nabanye. USokwetshatha waphinda wazala uMnkumande ozala uMehlenkosi. Ikhohlwa likaSokwetshatha kusoDlodleni. Wazala uHusha owaganwa amakhosikazi amabili uMaMkhwanazi wazala uMadodeni owazala uSabelo ozala uNtobeko. UMadodeni waphinde wazala uSipho ozala uMuziwandile, uSandile noSifiso. UMaMkhwanazi waphinde wazala uSitezi.
UHushu waphinde waganwa uMaKhoza wazala uMaqili ozala uZwani Pheneous. UMaqili waphinde wazala uMakhinti (uRobert), uSojahile yena wazala uMacoba uNdloli noMswakama. Isigcino sikaMaqili uMaphaqa yena wazala uMbheshe, uJabulani uMbongeni noBhodloza. UMyandela wabuye waganwa kwaZulu wazala uMgamunye uNgozi, uMzwabantu. Waphinde uMgamunye wazala uMkhangaya uMfundisi wokuqala kwaMthethwa udume ngelikaMakhokhoba Mikael. Wazala uSiphosiso Joyasa naye waba nguMfundisi wamaNazaretha.
USiphosiso wazala uMthokweni oganwe nguMaZondi wazala uNkosinathi osebenza kwaSAB. UMakhokhoba waphinde wazala uMvangeli Samson eMbabe. UMgamuye waphinde waganwa nguMaMiya wazala uMuxochithwayo, uLameka, ozala uNdoda oganwe kwaZulu noThuthukani osebenza eThekwini.