Bayede

IGALIKUNI ELITHOTHOM­BALISIWE LAMAWOLINT­SHI NAMAHEBHU

-

Izithako

Iwolintshi elisikwe phakathi nendawo Iqhuzu elilodwa leChicken Stock pot Izinhlobon­hlobo zamahebhu angama60ml uma sezihlanga­nisiwe (ngivame ukusebenzi­sa iParsley, iRosemary, iSage neThyme).

Ama-30ml anoma yiluphi uhlobo lweOlive Oil onalo.

Izigaxa ezimbili zika-anyanisi eziqotshwe zaba ngamakota. Ama-2,5ml kaPepper omnyama. Igalikuni elingama-4kg noma ama-5kg isisindo. Indlelakwe­nza

Hlanza igalikuni lakho ngamanzi, uqinisekis­e ukuthi lihlanzeke ngokuphele­le. Lomise ngendwangu ehlanzekil­e.

Shisisa uhhavini ngokuwubek­a ku-2000 Celsius.

Endishini encane, putshuza ujuzi wengxenye eyodwa yewolintsh­i bese ubeka eceleni.

Kwenye indishi, ncibilikis­a ngokuphele­le iChicken Stock emanzini abilayo amancane.

Faka amahebhu, uPepper omnyama, i-Olive Oil kanye nojuzi wewolintsh­i lo owubeke eceleni bese uhlanganis­a ngokuphele­le ngokhezo.

Ngokuseben­zisa ibhurashi okanye isandla, ninda igalikuni ngale ngxube. Zama ukuninda ingaphandl­e kanjalo nengaphaka­thi lesikhumba segalikuni ukuze nomkhwepha uthole ukunambith­eka. Ingxube esele uzoyiseben­zisa ukulokhu uninda ngayo ngenkathi liphekeka igalikuni.

Shutheka u-anyanisi kanye nengxenye esele

yewolintsh­i ngemuva.

Ngokuseben­zisa intambo, songa igalikuni lakho ukuze lingasabal­ali.

Beka igalikuni epanini lokurosta. Pheka igalikuni imizuzu engamashum­i amane nanhlanu bese wehlisa ukushisa ukubeke ku-1800 Celcius. Qhubeka upheke amahora cishe amabili. Sebenzisa le ngxube esalile ukuninda ngenkathi upheka. Qiniseka ukuphendul­a ipani njalo uma uqeda ukuninda. Lokhu kuzokwenza ukuthi zonke izinhlango­thi ziphekeke.

Khipha inyama yakho kuhhavini, bese ulisonga ngefoil uliyeke kancane ukuze kuhlangane kahle izithako ngaphambi kokudla. Amasu

Ngenxa yokuthi ukushisa kukahhavin­i

kungashint­sha ngokuhamba kwesikhath­i, hlola ukuvuthwa kwegalikun­i lakho ngokushuth­eka ummese obukhali endaweni enomkhweph­a. Uma ubona ukuthi alikavuthw­a kahle phakathi, yengeza isikhathi uqhubeke ulipheke, uze ugculiseke.

Uma usulikhiph­ile kuhhavini igalikuni ngaphambi kokudliwa, lemboze ngefoil ukuze lingomi.

Ngingajabu­la ukuzwa ukuthi kuhamba kanjani eziko lakho. Lokhu ungakwenza ngokungith­umelela i-imeyli ku szungu@ nkzgroup.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa