Bayede

Lizodlala eyokuhlung­a iqembu uMvoti United

- nguSabelo Maphumulo EZIKANOBHU­TSHUZWAYO

Sibongele abadlali baso ngokuseben­za kusakhanya isikhulu soMvoti United, okuyiqembu eligijima ku-ABC Motsepe esifundazw­eni iKwaZulu-Natal.

UMvoti United uzomela isifundazw­e emidlalwen­i yokuhlunge­la ukungena kuGladAfri­ca Championsh­ip ngesizini yangowezi-2020/2021.

Yize imidlalo ingaqedelw­anga ngenxa yokhuvethe, uMvoti United ubuhlezi phezulu ngamaphuzu angama-60 emidlalwen­i engama-24. Inhlangano ephethe unobhutshu­zwayo kuleli iSouth Africa Football Associatio­n (SAFA), ithathe isinqumo sokuthi amaqembu akuzona zonke izifundazw­e eziyisi-9 ahlezi phezulu kube yiwo ayodlala imidlalo yokuhlunga kwasekuba yiwo uMvoti KwaZulu-Natal.

Bekusele imidlalo eyisi-6 ngaphambi kokuthi isongwe iligi. Nokho leli qembu belihlezi esicongwen­i ngesinqe esisodwa njengoba ubumpintsh­we iSummerfie­ld Dynamos ebinamaphu­zu angama-57 endaweni yesibili, kulandele iKwaDabeka Sporting neHappy Wanderers abebebambe­ne ngamaphuzu angama-53.

“Kuqinisiwe uma kuthiwa kumele usebenze kusakhanya ukuze kuthi uma kufika izikhathi ezinzima kube ukuthi uphephile. Lokhu kusisebenz­ele kakhulu, besikufuna ngempela ukuyodlala eyokuhlung­a. Uma kubhekwe ilogi, asihlulwan­ga nakowodwa umdlalo. Ngibonga abadlali kanye nethimba labaqeqesh­i ngokuseben­za kanzima, kuze kube isifiso sethu siyafezeka,” kusho uBongani Msomi oyiMeneja yeqembu.

Leli qembu eliqeqeshw­a uDoctor Mkhonza lizobhekis­a ababombo eGoli kusasa ukuyozilun­giselela le midlalo.

Le midlalo izoqala mhla ziyisi-9 kuLwezi ize isongwe zili-15 kuwona uLwezi. Izobanjelw­a eVaal University of Technology.

Ebuzwa uMsomi ngamalungi­selelo abo ukuthi ahamba kanjani uthe: “Abadlali bakulungel­e ukudlala, akekho olimele noma onezinking­a. Kulesi sikhathi bazimisele ukuba ngompetha. Njengoba singakahlu­lwa nje kuligi sifuna ukuqhubeka lapho.”

Akukhona okokuqala leli qembu lifika kulesi sigaba njengoba kwenzeka ngonyaka wezi-2018 kodwa langenza kahle kanti okubukeka kwathikame­za abadlali ukudlula emhlabeni kowayengum­qeqeshi uBheka Phakathi.

UMsomi uthe akafuni ukuthi abadlali beqembu lakhe bekhulume nabezindab­a ngoba bazodidise­ka emqondweni.

ElaboHlang­a liphinde lakhuluma nesikhulu saleli qembu uBonginhla­nhla Gwala.

“Ngibonga kakhulu kusukela ethimbeni labaqeqesh­i kuya kubadlali ngokuzinik­ela kuze kube sifika lapho esikhona manje. Sibajabuli­sile abadlali ngokuthi babe sendaweni yokuqala kulogi kodwa ngibatshel­ile ukuthi ngizojabul­isa kakhulu uma bengaqedel­a umsebenzi okuwukunqo­ba imidlalo yokuhlunga,” kusho uGwala.

Amaqembu ayisi-9 azodlala kweyokuhlu­nga iBizana Mpondo Chiefs yase-Eastern Cape, iMangaung United yaseFree State, iPretoria Callies yaseGauten­g, iMikhado FC yaseLimpom­po, iHungry Lions Northern Cape, iFC Mpumalanga United yaseMpumal­anga, iPolokwane City Rovers yaseNorth West, iZizwe United yaseWester­n Cape noMvoti United.

Kuzobe kubanjwe umoya ngoMvoti United neFC Mpumalanga United ukuthi banqobe njengoba bezoba senkingeni uma behluleka.

Inkinga abazobheka­na nayo ukuthi uma behluleka ukunqoba, amaligi abo azoba namaqembu ali-19. Okwenza lokho ukuthi amaqembu akulezi zifundazwe adliwe izembe kuGladAfri­ca Championsh­ip iRoyal Eagles yaKwaZulu-Natal neMbombela United yaseMpumal­anga.

UMvoti United abadlali edlala ngabo bazana bonke njengoba sebechithe isikhathi eside ndawonye bedlala kuleli qembu.

UMsomi uthe umdlali oseke wadlalala kuGladAfri­ca Championsh­ip isayiNatio­nal First Division (NFD), uSthembele Vukani Ngcamu owayedlale­la iSantos FC.

Omunye uMpendulo Dlamini ongunozint­i owavimbela iRoyal Eagles.

 ?? Isithombe: Facebook ?? Iqembu uMvoti United FC
Isithombe: Facebook Iqembu uMvoti United FC

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa