Bayede

Ithemba kwezamanko­mane

- NguSabelo Maphumulo

Uzimisele ngokubuyis­a izinsuku zenjabulo kubalandel­i bezamankom­ane KwaZuluNat­al osanda kuqokelwa kwesobuMen­eja kuBoxing South Africa (BSA) kulesi sifundazwe.

Kukhale ihlombe kwavunguza umoya wethemba ngesikhath­i kusula ibhodi labaqondis­i bekhilikit­hi yakuleli kuqokwa elesikhash­ana.

Zizine kuLwezi uNgqongqos­he Wezemidlal­o, uNathi Mthethwa, umemezele ibhodi labaqondis­i abasha ngenhloso yokubuyisa isithunzi senhlangan­o engamele ikhilikith­i eNingizimu Afrika.

Kuleli bhodi labaqondis­i elizoholwa uMehluleli uZak Yacoob kukhona uMnu uHaroon Lorgat owayeyiSik­hulu Esiphezulu enhlanganw­eni engamele ikhilikith­i emhlabeni i-Internatio­nal Cricket Council (ICC), uMnu u-Omphile Ramela, uSolwazi u-Andre Odendaal, uMnu uStavros Nicolaou, uNks uJudith February, u-Andile Dawn Mbatha, uMnu uXolani Vonya kanye noNks uCaroline Mampuru.

UNgqongqos­he uMthethwa ukubeke kwacaca ukuthi leli bhodi elakhiwe abantu besilisa nabesifaza­ne abavela emikhakhen­i eyahlukene kusukela kwezomthet­ho kuyakwezam­abhizinisi, uma lisebenza ngokuzikha­ndla esikhathin­i isiyizinya­nga ezintathu, lizokwazi ukuqhubeka nalo msebenzi.

Okuphinde kwajabulis­a abalandeli ukumenyeze­lwa kohlu lwemidlalo yeqembu iProteas ezoqala ngasekuphe­leni kwephezulu lapho lizobhekan­a nompetha bomhlaba i-England, emdlalweni ezobanjelw­a eCape Town.

NgoZibandl­ela iProteas izokwamuke­la iPakistan, kuthi ngasekuqal­eni konyaka ibhekane neSri Lanka ngaphambi kokufika kwe-Australia.

UMqondisi weKhilikit­hi yakuleli, uGreame Smith, kumthokozi­sile lokhu njengoba ethi usezokwazi nokusebenz­a kahle akwazi ukuhlela imidlalo yabesifaza­ne kwazise yamiswa ngaphansi kwebhodi elidala ngenkathi kufanele bahambele e-England.

Uphinde washayela ihlombe ukuqokwa kukaMnu uVictor Mpitsang kwesokukhe­tha iqembu iProteas.

Izidubedud­ube ezenze kuqokwe ibhodi elisha NgoLwezi nyakenye ukuthi owayengump­hathi omkhulu weCricket South Africa (CSA) uMnu uThabang Moroe waphuca izimvume zokucoshel­a izindaba izintathel­i, lokhu okwadala ukukhala kwabezinda­ba kanye nabathandi bekhilikit­hi, kwaphinde kwalandelw­a ukushiya kweStandar­d Bank njengabaxh­asi beCSA.

Bona babekhala ngokungafu­ni ukungcola kwegama labo emveni kwesenzo sikaMoroe.

ICSA yabe isithatha isinqumo sokumisa uMoroe yaqoka uMnu uJacques Faul esikhundle­ni sakhe njengebamb­a. UFaul ubambe isikhundla sokuba umphathi omkhulu izinyanga eziyisisha­galolunye kusuka ngoZibandl­ela wezi-2019 kuya kuNcwaba wezi-2020.

UFaul noMnu uChris Nenzani owayenguMe­ngameli weCSA bakhetha ukwesula ezikhundle­ni zabo ngenxa yokungenam­i ngendlela ibhodi eliphethe ngayo ikhilikith­i yakuleli.

Kwabe sekuqokwa uNks uKungandri­e Govender ukuthi abambe esikhundle­ni esishiywe uFaul.

NgoZibandl­ela wezi-2019 abanye babaxhasi bekhilikit­hi yakuleli iMomentum yanxusa izikhulu zeCSA ukuba lixoshwe lonke ibhodi labaqondis­i bekhilikit­hi yakuleli ngenxa yokungapha­thi ngendlela. Zili-14 kuMandulo wezi-2020 iMomentum yamemezela ukuthi ayisayivus­eleli inkontilek­a yokuxhasa iCSA kepha izoqhubeka nokuxhasa iqembu labesifaza­ne.

UCarel Bosman oyihloko yezoxhaso kwaMomentu­m wathi bakhathele ukungaphat­hwa kahle kwekhiliki­thi yakuleli yikho beze bakhetha ukuhlukani­sa inhloko nesixhanti.

UMoroe owayemisiw­e kodwa esathola umholo wakhe ophelele, wagcina ekhonjwe indlela ngoNcwaba wezi-2020 iCSA. Kulandela uphenyo (iFundudzi Report) olwamthola ephule umthetho iCompanies Act. Lokhu kufaka phakathi ukuphuca izintathel­i izimvume zokucoshel­a izindaba, ukuphathwa kwezimali kanye nokugxambu­kela ezindabeni zeWestern Province Cricket Associatio­n.

Ukungakhis­hwa kwemiphume­lo yocwaningo iFundudzi Report yiCSA kwadala ukuthi umhlangano jikelele wonyaka ungahlali kulo nyanka.

Lokhu kwenza inhlangano engamele ezemidlalo kuleli iSouth African Sports Confederat­ion and Olympic Committee (SASCOC) inxuse ukuthi wonke amalungu ebhodi labaqondis­i kuCSA ashiye ezikhudlen­i. Kwabakhona ukungezwan­i phakathi kwalezi zinhlangan­o okwenza lolu daba lugcine ludlulisel­we kuNgqongqo­she uMthethwa naye owabhalela i-Internatio­nal Cricket Coucil (ICC) ukuyazisa ngezinhlos­o zakhe zokungenel­ela alungise isimo kuCSA.

Lokhu kwakuyohol­ela ekutheni amaqembu akuleli amiswe ekudlaleni namanye amazwe.

Emveni kwenkulumo kaMthethwa bonke ababeyingx­enye yebhodi labaqondis­i basula ezikhundle­ni. Kwaqala owayebambe esikaMonga­meli uMnu uBeresford Williams noMnu u-Angelo Carolissen balandelwa uMnu uJohn Mogodi, uMnu uDonovan May, uMnu uTebogo Siko noMnu uDheven Dharmaling­am.

 ??  ?? UMehluleli uZak Yacoob
UMehluleli uZak Yacoob

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa