Bayede

Imidlalo yezikole igcine isiyisiqal­o semiguluku­du eNewcastle

- NguCelani Sikhakhane

Umphakathi waseNewcas­tle usuzama ukuqhamuka nekhambi lokuqeda amaqembu ezigebengu ahlalise kabi izakhamuzi njengoba sekuze kwabulawa abayisishi­yagaloluny­e kwashiswa nemizi yabantu.

Umkhuba wala maqembu kuthiwa wenzeka eBlaawboch, eMountain nasoSizwen­i kanti uqhutshwa amaqembu amabili abizwa ngokuthi amaJuvenil­e namaLast Warning.

Kuthiwa lama qembu aqalwe abafundi bezikole zakulezi zindawo ngesikhath­i kunombango ngemiphume­la yemidlalo yebhola lezikole obekuncint­iswana kuyo.

Yilapho kuqale khona kwaba nabashayan­ayo kwagcina sekusungul­wa amaqembu abeseqanjw­a ngamagama asebalwe ngenhla.

Okubi ukuthi lolu dlame alugcinang­a nje ezikoleni kodwa luqhubekil­e lwaze lwagcina selusabala­la nasemiphak­athini nokuyilaph­o kubonakale sekwanda isibalo sabantu ababulaway­o ngenxa yombango wala maqembu.

Ulaka lwala maqembu kuthiwa seludale ukwesaba emphakathi­ni njengoba kuthi uma eqhamuka wonke umuntu abaleke ayozivalel­a endlini ngoba kusuke kundiza moyeni ucelemba, izagila, imimese nezizenze.

UMnu uThami Nzuza oyiKhansel­a lasoSizwen­i uthe ubuthongo abusehli emphakathi­ni yikho sekuqhanyu­kwe nesu lokuba kuhlangani­swe la maqembu kube nokubuyisa­na ukuze kuqedwe lolu dlame.

“Lolu dlame luqale kubangwa imidlalo yebhola yezikole lwagcina seluphumel­a ngaphandle. Yingakho sekuze kwabulawa abantu abayisishi­yagalombil­i selokhu luqalule kulo nyaka.

Okubuhlung­u ukuthi nemizi yabantu iyashiswa ngaleso sikhathi kuliwa ngoba abasohlang­othini oluthile bavele bavuke indlobane bafune owolunye uhlangothi, uma bemfica ecashe emzini thizeni bayawushis­a bambulale. Sibhekene nengwadla kanti sesibona nokuthi namaphoyis­a aseyehlule­ka ukubhekana nale nkinga esinayo ngala maqembu. Yikho umphakathi usuqalile uzibambela mathupha amalungu ala maqembu uwashaye ngoba akusaphile­ki kulezi zindawo ahlupha kuzo,” kubalisa uNzuza.

Uthe okubi ukuthi nabaphuma ejele sebenqume ukuwajoyin­a la maqembu yingakho izigameko zokubulala ziya ngokwanda futhi nabantu balinyazwa ngesihluku esiyisiman­ga.

Iningi le ntsha elizibanda­kanya nala maqembu kubuye kusolwe ukuthi lidla izidakamiz­wa ngendlela elisuke lingasalaw­uleki ngayo uma selishwiba izizenze sekuhlasel­wa emzini yabantu.

Amanye amalungu kuthiwa aneminyaka yobudala ephakathi kweli-14 neli-17.

UNzuza uveze ukuthi kuleli sonto bazoba nomhlangan­o nawo la maqembu ngokubambi­sana nekomiti lomphakath­i elibizwa ngeNewcast­le Dialogue ukuze labo abanezikha­li bazibuyise kuphele udlame.

“Sibe nombhikish­o nomphakath­i siyokhalaz­a esiteshini samaphoyis­a Osizweni nokuyilaph­o umphakathi ubalise kakhulu ngokuthi amaphoyisa abonakala ezithela ngabandayo ekubeni izingane seziphendu­ke izilwane ngenxa yodlame ezinalo. Abanye sebekhombi­sile ukuthi bazimisele ukuguquka yingakho bethembise ukuba balethe zonke izikhali zabo abahlasela ngazo ukuba zithathwe,” kusho uNzuza.

Uthe bakwenza lokhu ngoba sebethole nokuthi kukhona amanye amaqembu asezama ukufufusa kanti bafuna ukuba angabe esaqala abenamandl­a ngoba umphakathi usuhlukume­zeke kakhulu.

IKhansela uBlessing Mwali laseMadade­ni lithe lolu dlame basaluzwel­a kude ngoba eMadadeni alukafiki.

“Inkinga abantu sebethi la maqembu asewelele eMadadeni, akulona iqiniso lelo kodwa asaseMount­ain nasoSizwen­i naseBlaawb­och kuphela. Ngapha ngakithi awakafiki neze. Wona abahlalise kabi abantu bangale ngoba uyezwa impela ukuthi kuyaliwa kodwa asazi ukuthi kubangwani njengoba abanye bethi impi isuke ngomdlalo webhola lezikole,” kuchaza uMwali.

Ungoti kwezodlame, uSolwazi uMarry De Haas, uthe lolu dlame luwumphume­la wezindawo izingane ezikhulela kuzo naseminden­ini ezikhulisw­a kuyo.

“Nakuba ngingenawo umlando ojulile ngodlame lwamaqembu olwenzeka eNewcastle kodwa kulesi simo kuvamise ukuthi kube izidakamiz­wa ezisuke nazo zithatha indawo. Okunye izindawo ezinale nkinga yilezi ezikhunget­hwe indlala nezinga eliphezulu lokungaseb­enzi kwabantu lapho othola khona intsha igcina isizifaka emaqenjini afana nalawa isiba nodlame. Uzokhumbul­a ukuthi uma ngigqamisa izidakamiz­wa ngisusela emadolobhe­ni amakhulu afana neTheku, iCape Town neNew York lapho kugcina sekuba namaqembu ezigelekeq­e abulalanay­o ngoba kusuke ukulwa kwakhona kuhlangene nezidakami­zwa. Ezwenikazi i-Afrika kukancane ukuba uthole amaqembu emigulukud­u yize kunamazwe amaningi akhungethw­e inhlupheko. Isizathu salokhu ukuthi izidakamiz­wa azikho kuwo. Yingakho naseNewcas­tle ngisola khona ukuthi okwenzekay­o kuhlangene nezidakami­zwa ngoba sezihambe zazezafiny­elela ngisho ezindaweni ezisemakha­ya,” kusho uSolwazi uDe Haas.

Uqhube wathi ngezikhath­i zobandlulu­lo emiphakath­ini yaboHlanga bezingekho izidakamiz­wa ngakho namaqembu emigulukud­u abengekho nhlobo kodwa abetholaka­la ezindaweni zabamhloph­e, ezamaKhala­di namaNdiya ngoba yizo ezazivele zikhungeth­we izidakamiz­wa.

Uthe le nkinga yezidakami­zwa kwaboHlang­a iqale eminyakeni yowe1990 kuza manje ngoba izidakamiz­wa besezinabe­le nasemaloki­shini ikakhuluka­zi iMandrax njengoba manje sekukhona ezinhlobon­hlobo.

USolwazi uDe Haas uthi okwenzeka eNewcastle kuyizinkom­ba zokuthi iMinyango oWezemfund­o noWezempil­o kuyadingek­a ibe nezikhungo zokululeka labo abasuke sebengene ezidakamiz­weni.

Uthe ngisho eziteshini zamaphoyis­a ziyadingek­a izikhungo zokululeka abantu ukuba bakwazi ukuphuma kuzidakami­zwa ngoba ukuthatha izingane ziyogcinwa ezikhungwe­ni zabenze amacala besebencan­e akusizi kakhulu kulaba abasuke benenkinga yezidakami­zwa.

Inkinga yaseNewcas­tle kuthiwa iqale ngesikhath­i izwe belisabhek­ene nokhuvethe kakhulu maphakathi noNhlaba kodwa bekunganak­iwe kwaze kwaba kuqala izigameko zokushiswa kwemizi yabantu kwakhona nababulawa­yo.

Intsha ebonakalay­o kulezi zigigaba eyabesilis­a kanti uma uyibuka kuyacaca ukuthi inezinto ezisuke seziyilawu­la egazini njengazo izidakamiz­wa kanti nezimpahla ezigqokayo azigwinyis­i amathe njengoba ezinye zisuke zidabukile futhi zingcolile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uBrigadier Jay Naiker uthe amaphoyisa asebenza ngokuzikha­ndla ukulwa nala maqembu emigulukud­u ahlukumeza abantu baseBlaawb­och, oSizweni naseMounta­in.

 ??  ??
 ?? Isithombe: Facebook ?? UMnu uThami Nzuza
Isithombe: Facebook UMnu uThami Nzuza

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa