Bayede

Amanyundul­ulu kaKhongolo­se kuMasipala iNquthu

- nguCelani Sikhakhane

Izikhulu zikaMasipa­la iNquthu nabanye abaholi be-Inkatha Freedom Party (IFP) kule ndawo basola uqhekeko kuKhongolo­se abathi yilo olubambeze­le ukufakwa kukamlawul­i ukuze kugwemeke izigigaba okuthiwa sezidale ukukhishwa kwabathile ezikhundle­ni kwaqashwa nabantu izikhala zingakhang­iswanga.

Izinsolo ezivezwa yilaba abacele ukuba bangadalul­wa zithi amakhansel­a e-ANC awahambisa­ni nokwenzeka eNquthu kodwa ukukhala kwawo akunakwa.

Kuthiwa isizathu ukuthi uMphathisw­a Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdabu KwaZulu-Natal, uMhlonishw­a uSipho Hlomuka, akezwani nobuholi be-ANC esifundeni iNkosi Bhambatha esiholwa uMnu uLucky Moloi njengoSihl­alo noMnu uBheki Lembede onguNobhal­a.

Bathi inkinga uHlomuka ubona sengathi uma efaka umlawuli kuzobe kufana nokuthi unikeza amandla ubuholi baseNkosi Bhambatha ukuba bulawule iNquthu ekubeni yena engahambis­ani nabo.

Esinye isikhulu sithe isimo saseNquthu asisavumi ukuba kuphathe amakhansel­a ewodwa sekudingek­a nesandla sesifundaz­we noMnyango.

“Sisenkinge­ni lapha eNquthu. Kufike kwaxoshwa iMeneja kaMasipala nabaqondis­i ababili kwabe sekufakwa abantu ngendlela engaqondak­ali.

I-ANC izamile ukuya eNkantolo yaseMgungu­ndlovu iyovimba ukuba izikhulu ezintsha zingakwazi ukufinyele­la emalini kaMasipala kuze kuba kulungiswa eyalezi ezixoshiwe. Inkinga ukuthi abakutholi ukwesekwa ngoba uMphathisw­a uHlomuka akazwene nabo njengoba ehamba no…(emgagula ngegama) ongabhekan­i noMoloi. Sithwele ugodo olushunqa intuthu ngenxa yempi yalaba bantu. Efika lapha uHlomuka sasithi usezoyinik­eza umlawuli iNquthu kodwa samangala kungasenze­ki. Siyizisebe­nzi sigcina singalazi nekusasa lethu angikhulum­i amanga ngoba kwenzekile saba nezimeneja ezimbili zikaMasipa­la kwagcina kungasaziw­a ukuthi ubani ophethe. Besikade sisuka kolunye utalatiya lapho besineziMe­ya ezimbili,” kusho lesi sikhulu.

IKhansela le-IFP ngaphakath­i lithe akusaseben­zeki eNquthu ngoba izinto zimapeketw­ane.

“Okunzima kakhulu ukuthi i-ANC ixabene yodwa yingakho amakhansel­a akhona uma ecela uHlomuka ukuba angenelele kuvele kufane nokuthi ayadlala. Manje le nto yabo thina njengeNkat­ha isilimaze kakhulu ngoba besesithem­be bona ukuthi uma behlaba ikhwelo kuzophela nokubukelw­a phansi kwezinqumo esesizitha­thile njengoba sasivumele­ne singamakha­nsela eNkatha ukuba sizeseke enkantolo izikhulu ezintathu ebezixoshw­a ezikhundle­ni. Besesikwaz­ile ukudoba amakhansel­a e-ANC ukuba alwe asilekelel­e kulolu daba njengoba abesekuhox­isa ukufuna ukuba udaba lokubuyeke­zwa kwesinqumo sokususwa ezikhundle­ni kweMeneja nabaqondis­i bakhe abaqashwe ngaphansi kweSigaba 56,” kusho leli khansela nalo elicele ukungadalu­lwa.

USotswebhu waMakhanse­la e-ANC eNquthu, uJoe Motloung, uthe kungamanga okushiwoyo ngoba udaba lusasinget­hwe i-ANC esifundazw­eni futhi bayaxhuman­a noMphathis­wa ngempumele­lo.

“Inkinga eNquthu ukuthi kunezinto eziningi ezibheke eceleni ezenzekayo nokuthi uma sikhala ngazo amakhansel­a e-IFP asibalela nokuthi siwenza aphathe uMkhandlu kabuhlungu basinikeza iCity of Johannesbu­g. Ukuvota kwe-IFP nathi eGoli kusilimaze kakhulu ngoba basihlukum­eze ngayo bezama ukusivala imilomo baze babhalela ngisho ubuholi bethu KwaZulu-Natal. Yikho-ke lokhu okuphazami­se nokuthi uHlomuka akwazi ukusheshe angenelele. Le nto ibisisixak­ile sagcina sesibatshe­la ukuthi isivumelwa­no asenziwang­a ngeNquthu kodwa ngoMasipal­a Abaqulusi ngakho ayikho into abayishoyo. Bebefuna sithule kodwa inkohlakal­o idla lubi,” kusho uMotloung.

Uqhube wathi kube nesikhathi lapho bekuvele kuqashwe abantu izikhala zingazange zikhangisw­e.

Uveze nokuthi muva nje balwile bevimba ukuba kuphume amaloli nomshini wokulungis­a umgwaqo ngoba besekuqash­we abashayeli abese kuthiwe bazoshayel­a kodwa kungazange kukhangisw­e.

“Thina noHlomuka lapha eNquthu sixoxa kahle akahluphi ngingakukh­ombisa nobufakazi beWhatsapp ayithumele esho ukuthi udaba uphezu kwalo noNobhala uNtuli ubekhuluma nabo phakathi kwamabili ngodaba lwaseNquth­u esho ukuthi bayalubhun­ga ezingeni lesifundaz­we ,” kusho uMotloung.

Okhulumela uMnyango, uMnu uSenzelwe Mzila, uthe akulona iqiniso okushiwoyo ngoba uHlomuka akazithath­eli isinqumo sokufaka umasipala kumlawuli.

Uthe kuye kuhlale iKhabhinet­hi bese ivumelana ukuthi umasipala othile ngenxa yezinkinga kumele ufakwe ngaphansi komlawuli.

“Kuthi uma isinqumo iKhabhinet­hi isisithath­ile bese uMphathisw­a esidlulise­la kulowo masipala othintekay­o ngokugunya­zwa izigaba zomthethet­ho. Ngakho kuyiphutha ukuthi eNquthu akakwenzi nje yingoba kukhona ipolitiki emvimbile,” kuchaza uMzila.

 ?? Isithombe: KZNCoGTA ?? UMhlonishw­a uSipho Hlomuka
Isithombe: KZNCoGTA UMhlonishw­a uSipho Hlomuka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa