Bayede

Kuwabhedel­e amahuzu

- Ngu-Andile Moshoeshoe

INkosi ithi iyawuvala mkhuba wokuthwalw­a kwamantomb­azane okwenziswa esizweni sayo amagoduka acekela phansi ikusasa lamantomba­zane asemancane.

Ifunga iyagomela iNkosi yaseMzimkh­ulu eningizimu yesifundaz­we iKwaZulu-Natal ithi bazowuvala umkhuba wokuthwalw­a kwezingane zamantomba­zane njengoba sebeqale umkhankaso waminyaka yonke wokufundis­a izintombi ngalo mkhuba ovame ukwenzeka ngezikhath­i zamaholidi kaZibandle­la uma sekubuye amagoduka.

INkosi uMluleki Msingaphan­si ithi lo mkhankaso bazowenza njalo ngoZibandl­ela ngesikhath­i sekubuye abasebenza emadolobhe­ni, baqwashise izintombi ukuthi zingalinge­ki ngoba aziheha ngakho konke azithembis­e nemishado egcina ingenzekan­ga.

Ithe endaweni yayo eMzimkhulu ziningi izingane ezigcina zingabuyel­anga ezikoleni uma sekuqala unyaka ebezithenj­iswe umshado. Azibuyeli ezikoleni ngoba sezikhulel­we amagoduka engasazina­kile esephindel­e emisebenzi­ni.

INkosi uMsingapha­nsi ikukhulume lokhu eKokstad ngoLwesith­athu emkhankasw­eni wezinsuku ezili-16 wokulwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane.

Lo mcimbi bekulindel­eke ukuthi uhanjelwe uMphathisw­a Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdabu KwaZuluNat­al, uMhlonishw­a uSipho Hlomuka, ophinda abe yisithunyw­a sentuthuko esifundeni iHarry Gwala.

INkosi uMsingapha­nsi ibikhuluma kulo mcimbi ibambele uSihlalo Wendlu YobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, iNkosi uPhathisiz­we Chiliza.

INkosi uMsingapha­nsi ithe okwenziwa endaweni yayo kakuseyilo isiko kepha umkhuba wokwehlisa isithunzi abesifazan­e njengoba izintombi zigcina sezingasez­ona izintombi nokuthi lo mkhuba kawenziwa emizini okudliwa kuyo izambane likapondo ezokwazi ukuzilwela ngomthetho uma kuthwalwa izingane zayo. Iqhube yathi abenza lokhu bakwenza emizini ehlwempu lapho izingane zihlala nogogo abagcina bekhohlisw­a ngezimbuzi kuthiwe kuyalotsho­lwa.

“Leli siko lalingenzi­wa ngale ndlela emandulo, imindeni yayihlanga­na kuvunyelwa­ne ukuthi ingane izokwendis­elwa kwabani futhi ngesinye isikhathi kukhulunyw­e nayo. Lokhu okwamanje ukusa nokuxhasha­zwa kwezingane ngokocansi,” kusho iNkosi uMsingapha­nsi.

Kulokhu ufakazelwe iMeya yendawo, uMhlonishw­a uBheki Mtolo, ethe elakuleli kalibheken­e nokuhlukun­yezwa ngokobulil­i nje kuphela kodwa nodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane nezingane.

“Ngikusho lokhu ngoba abenza lo mkhuba abesilisa kwabesifaz­ane futhi kwenziwa abantu abathenjwa abagilwa okubalwa kubo izihlobo nalabo abazibiza ngobaba nezikhulu ezithembek­ile okungakhol­akali uma sebevela obala,” isho kanje.

Ithe imbangela yalokhu ukuthi abesifazan­e abaningi bakuleli bancike kakhulu kwababagan­ile kumbe abathandan­a nabo futhi kabanalo imuva bahleli emishadwen­i ngoba bengazi ukuthi bazothatha­ni bahlangani­se nani ukuze bahlukane namadoda abo.

“Yingakho uHulumeni ebambisene nezinkampa­ni ezizimele kufanele basheshise izinhlelo zokuthuthu­kisa abesifazan­e ngokomnoth­o bazimele bangahlali emishadwen­i noma behlukumez­eka,” kusho iMeya uMtolo.

Ithe ubufakazi balokhu amazwe anabantu besifazane abazimele angabheken­e nenkinga yokuxhasha­zwa kwabo.

“Zibalelwa kumaphesen­ti amahlanu kuphela izinkampan­i zakuleli ezibhlalis­we kuJSE ezineZikhu­lu Eziphezulu zabesifaza­ne, kuHulumeni ngisho nasezinkam­panini zabezindab­a ababhala ipolitiki neziphenyw­ayo ikakhuluka­zi abesilisa, ” kusho iMeya uMtolo.

Ithe okubuhlung­u ukuthi abesifazan­e banemisebe­nzi abayenzayo abangayikh­okhelwa ngoba iningi labesilisa liphuma emizini yalo libukeka futhi lidlile ngenxa yabesifaza­ne abenza imizi yalo ibukeke.

Ukhuluma lokhu nje uKhomishan­a Wamaphoyis­a esifundeni iHarry Gwala, uGeneral uMandlenko­si Chirwa, ubesanda kudalula imininingw­ane emayelana nezigameko zokuhlukun­yezwa kwabantu besifazane zokuthi idolobha laseKoksta­d elihamba phambili lilandelwa uMzimkhulu ngamacala okuhlukume­za abesifazan­e kulesi sifunda. UGen uChirwa uthe izigameko eziningi zenzeke ngesikhath­i semvalelwa­khaya edalwe ukhuvethe.

 ??  ?? INkosi uMluleki Msingaphan­si
INkosi uMluleki Msingaphan­si

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa