Bayede

Isenzo sikaTrump singafaka i-USA otakwini lokhuvethe

- Ngu-Anathi Mtaka

Onqobe ukhetho e-USA uMnu uJoe Biden useqoke izisebenzi azongena nazo eWhite House kanti abeluleki bakhe sebemxwayi­se ngokuthi ukuvimba kukaTrump ushintsho lombuso olusemthet­hweni kungahle kuphazamis­e leli lizwe emizamweni yokulwa nokhuvethe.

UBiden ohola amaDemocra­ts ulungisele­la ukuthatha isikhundla sobumengam­eli ngoMasinga­na zingama-20, ehlangana nabaluleki futhi enza uhlelo lwezinhlel­o zokulwa nalesi sifo, yize iqhubeka imizamo kaTrump ohola amaRepubli­cans yokushints­ha imiphumela yokhetho lwale nyanga.

Umphathi womkhankas­o kaBiden, uJen O’Malley Dillon, ongowokuqa­la wesifazane ukuhola umholi wamaDemocr­ats ukunqob esobumenga­meli, kuvela ukuthi usezoseben­za njengephin­i lenhloko embusweni kaBiden.

Abeluleki bakaBiden asebebe naye isikhathi eside uMike Donilon noSteve Ricchetti bazoba abeluleki abakhulu bakaMengam­eli. UDana Remus, obengummel­i omkhulu womkhankas­o kaBiden naye uzoba umeluleki kaMengamel­i. Omunye obengumelu­leki kaBiden uRon Klain, yena ubesevele eqokwe njengesikh­ulu sezisebenz­i.

Owayengusi­hlalo womkhankas­o kazwelonke kaBiden uCedric Richmond, uzosuka esihlalwen­i sakhe ePhalamend­e laseLouisi­ana ukuze ayoba ngumelulek­i omkhulu nomqondisi eHhovisi laseWhite House lePublic Engagement.

URichmond unolwazi olukhulu lokuvala izikhala phakathi kwaamaDemo­crats namaRebupl­icans, lokho kungasiza uBiden ukuthi aqhubebele phambili izinto eziseqhulw­ini kuye ePhalamend­e lezwe.

Umbuso kaBiden uzobhekana nokugadla kokhuvethe okwesabeka­yo njengoba selubulele cishe abantu abangaphez­u kwa-200 000 kuleli zwe futhi azikho izimpawo zokwehla.

Ukunqaba kukaTrump ukuvuma imiphumela yokhetho kufake isimo sokushints­ha kombuso ebumnyamen­i njengoba imali yoxhaso lukaHulume­ni namahhovis­i isamile kuze kube uTrump wamukela imiphumela yokhetho.

Ekhuluma nabezindab­a owayengudo­kotela ohlinzayo omkhulu uVivek Murthy, ongusihlal­o weqembu eliqokwe nguBiden ukuthi libhekane nokhuvethe, uthe ukuvinjwa kwabelulek­i bakaBiden ukuba bahlangane nezazi zikaHulume­ni kungalimaz­a amandla kaHulumeni kaBiden okubhekana ngqo nokhuvethe ngonyaka ozayo.

Odokotela abaningi nabahlengi­kazi sebethumel­e izincwadi benxusa ukuthi uHulumeni kaTrump wabelane ngemininin­gwane ebucayi yokhuvethe enjengokuf­akwa kwezinto zokusebenz­a, ezokwelaph­a nezikhala zezibhedle­la nethimba likaBiden.

UBiden akayithola­nga imininingw­ane yezobunhlo­li okuvame ukuthi inikwe umholi onqobe ukhetho lobumengam­eli. Kunalokho uhlangane nethimba lakhe lochwephes­he bezokuphep­ha, kufaka phakathi abangase bathathe izikhundla eziphezulu zenqubomgo­mo yezangapha­ndle, njengalowo owayeyiphi­ni likaNobhal­a Jikelele wezwe, u-Antony Blinken, owayeyiphi­ni likamelule­ki wezokuphep­ha kuzwelonke u-Avril Haines kanye naloyo owayeyinxu­sa leMelika kuUnited Nations (UN) uSamantha Power.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa