Bayede

IRussia ithi izimisele ukusebenzi­sana noMengamel­i wase-USA

- ngu-Anathi Mtaka

UMengameli waseRussia uVladimir Putin kuleli sonto uthe izwe lakhe likulungel­e ukusebenza nanoma ngubani oqokwa njengoMeng­ameli wase-USA futhi lizimisele ukuhalalis­ela ozobe enqobile uma yonke imisebenzi esemthethw­eni isiqediwe.

UMengameli uPutin ubekugodli­le ukuphawula kwakhe, ngenkathi obenguMeng­ameli wase-USA uDonald Trump ethatha izinyathel­o zomthetho ukuzama ukuguqula ukwehlulwa kwakhe okhethweni lobuMengam­eli ngumholi weqembu lamaDemocr­ats uMnu uJoe

Biden.

“Sizosebenz­a nanoma ngubani othenjwa yizakhamuz­i zase-USA,” kusho uPutin.

“Kepha onqobile kufanele ashiwo yiqembu eliphikisa­yo, okufanele livume ukunqoba kwabaphiki­sana nalo noma ngemuva kokuqinise­kiswa kwemiphume­la yokugcina yokhetho ngendlela esemthethw­eni,” kusho uPutin.

Lokhu kuqhamuke ngemuva kokuphawul­a kwaleli lizwe ukuthi lizolinda imiphumela yokugcina esemthethw­eni ngaphambi kokuba liphawule kulolu daba. Ngenyanga edlule iRussia yathi ukuhlola kukaBiden iRussia njengosong­o olukhulu ekuvikelen­i kwe-USA kwakungalu­ngile futhi kukhuthaza inzondo eqondiswe eRussia. “Asivumelan­i nhlobo nalokhu okushiwo lapha,” kusho okhulumela leli lizwe uDmitry Peskov ekhuluma nabezindab­a ngesikhath­i kuthiwa akaphawule ngokuhlola kukaBiden.

“Siphatheka kabi ukuthi inzondo ephelele yeRussia isabalala ngale ndlela,” kusho uPeskov.

Ubudlelwan­o phakathi kweRussia neUSA bancipha kwaya ezingeni lempi elwa buthule ngonyaka wezi-2014 ngesikhath­i iRussia ikhipha iCrimea e-Ukraine, ngaleso sikhathi uBiden wayeyiSeke­la likaMengam­eli wase-USA ngaphansi kukaMengam­eli uBarack Obama.

Ubudlelwan­o phakathi kwala mazwe baphinde bahilizise­ka ngesikhath­i ezobunhlol­i zase-USA zibika ukuthi iRussia yazama ukugxambul­ukela okhethweni lukaMengam­eli ukuze luvune uTrump kepha lezi zinsolo iRussia iyaziphika namanje.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa