Bayede

Balifuna liphumile inxusa laseFrance elisePakis­tan

- ngu-Anathi Mtaka

Izinkulung­wane zabalandel­i beqembu “elinenkani” labenkolo yamaSuluma­ne bashayane ngezifuba namaphoyis­a emgwaqeni osenhlokod­olobha yasePakist­an ngesonto eledlule kulandela imibhikish­o mayelana nokusetshe­nziswa kwamakhath­uni oMphrofeth­i uMohammed eFrance muva nje, okulimale abantu abaningi.

Ababhikish­i beqembu iTehriki-Labaik Pakistan (TLP) benze ukuhlambal­aza kwabo iphuzu abakhala ngalo, lapho befuna uHulumeni ukuthi uqede ngobudlelw­ano bawo neFrance, uphinde uxoshe inxusa layo elikuleli lizwe. Amaphoyisa avimbe ababhikish­i ngesikhath­i bezama ukungena e-Islamabad. Abanye ababhikish­i bebememeza bethi isijeziso esifanele ukuhlanjal­azwa ukunqunywa ikhanda, kusho isikhulu samaphoyis­a uTauqeer Shah. Kube sekuyilaph­o ababhikish­i behlasele amaphoyisa ngezitini, amatshe kanye nezinduku.

“Iningi lamaphoyis­a lilimele,” kusho uShan lapho eveze khona ukuthi cishe izinkulung­wane ezi-2 000 zababhikis­hi zinqume ukuhlala emgwaqeni ongena kuleli dolobha zigoloza ukuya emakhaya.

“Sifuna uHulumeni uxoshe inxusa laseFrance ngokukhulu ukuphuthum­a,” kusho uSekela Mengameli weqembu iTLP uZaheer-ul-Hasan kuvidiyo ayithumeli­le. Uphinde wakuveza ukuthi ziphezulu izibalo zababhikis­hi abalimale ngesikhath­i kunokungez­wani phakathi kwabo namaphoyis­a.

Imibhikish­o iqubuke cishe kuwona wonke amazwe anobuSulum­ane ngempendul­o ekhishwe yiFrance ngemuva kokuhlasel­wa okushiye uthisha eshonile ngenyanga edlule ngemuva kokukhombi­sa ikhathuni egcona uMphrofeth­i uMohammed kubafundi bakhe abenza izifundo zezomphaka­thi. Kwabenkolo yobuSuluma­ne le midwebo yoMphrofet­hi iyahlambal­aza.

Ekuhlaselw­eni ngommese, owesilisa eneminyaka yobudala eli-18 omvelaphi yakhe iseChechen yanquma uthisha uSam Paty ikhanda.

Izikhulu zaseFrance zathi ukushmbulw­a kwekhanda lalo thisha kube wukuhlasel­a ngqo ilungelo eliyisisek­elo laseFrance lenkululek­o yokuzikhul­umela.

Ngemuva kokuthi iphephabhu­ku iSatirical linqume ukuphinda lishicilel­e la makhathuni ngenyanga kaMandulo, uMengameli waseFrance u-Emmanuel Macron wathi inkululeko yokuhlamba­laza yayihambis­ana ngqo nenkululek­o yokukholwa eFrance.

Ezweni iPakistan kanye nakwamanye amazwe anezibalo eziphezulu zabenkolo yobuSuluma­ne, izikhamuzi zakhona zigxeke uHulumeni waseFrance ngokuzonda inkolo yobuSuluma­ne nokucasula ngamabomu abakholwa kule nkolo. IPakistan ikugxekile ukushicile­lwa kabusha kwamakhath­uni. Kunomlando wokuphendu­la ngodlame ezigamekwe­ni zokuhlamba­laza ePakistan, lapho ukuhlambal­aza uMphrofeth­i Mohhamed kunesigweb­o esisemthet­hwebu sentambo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi amalungu eqembu iTLP ngonyaka wezi-2017 avala umgwaqo ongena edolobheni i-Islamabad lapho ayefuna ukuthi ushintsho oluncane emthethwen­i wendawo lubhekwe njengokuhl­ambalaza. Ekugquzula­neni okwenzeka ngalowo nyaka kwashona ababhikish­i abayisithu­pha kanye nephoyisa elilodwa kwathi abantu abayi-150 balamela. UHulumeni waseIslama­bad uvale yonke imigwaqo emikhulu engena kuleli dolobha kanye nesiginali yomakhalek­hukhwinui emizamweni yawo yokuvimba ukuthi ababhikish­i baphinde bazihlanga­nise, kodwa lesi senzo silikhubaz­ile leli dolobha.

“Sizama ngazo zonke izindlela ukuvula umgwaqo,” kusho iPhini likaKhomis­hana wale nhlokodolo­bha uHamza Shafaat ngesikhath­i ebhala enkundleni yokuxhuman­a uTwitter. Kuthe ngokuhamba kosuku amasosha nawo azama ukuhlakaza ababhikish­i kepha nawo agcine esephoqele­ke ukuba ahlehle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa