Bayede

Kwabesilis­a nwayi nwayi kwabesifaz­ane gonqo, kwezemidla­lo

Impumelelo yabesifaza­ne kwezemidla­lo ilele ekwesekwen­i okuyinto abadlali besifazane baseNingiz­imu Afrika abayizwa ngendaba

- NGUSABELO MAPHUMULO

Lubukeka luselude ukhalo ekutheni abesifazan­e bahlonishw­e ngokuphele­le lapha eNingizimu Afrika. Lokhu kwenzeka noma phezu kokuba uHulumeni eseshaye imithetho yokuthi abesifazan­e indlela abesekwa ngayo kumele ifane nekwesekwa ngayo abesilisa kuzona zonke izinhlaka zezemidlal­o kuleli.

Abesifazan­e kuleli sebekhombi­se kaningana ukuthi banekhono kwezemidla­lo, namanje akungicace­li ukuthi kungani benganikwa isithunzi esibafanel­e. Kunalokho kunikezwa abasesilis­a ngisho bengenzi kahle.

Okwenza ngibhale ngalokhu kule ngosi ukuthi ngibona abesifazan­e bebekwe emuva kakhulu yize bezinikela kuyona yonke iminxa yezemidlal­o.

Ngeledlule bekuqhathw­a amaqembu azoba yingxenye yomqhudelw­ano weNdebe YoMhlaba yebhola lo mbhoxo labesifaza­ne ngonyaka ozayo. Lo mqhudelwan­o ozobanjelw­a eNew Zealand, iqembu lakuleli lizoba yingxenye yawo.

Okungiphat­he kabuhlungu ukuthi yize likhona iqembu lalapha eNingizimu Afrika, alikhonjis­wanga ukwesekwa. Ezindabeni akubikwang­a lutho ngalo, uma uqhathanis­a ngesikhath­i kuqhathwa amaqembu ayezodlala iNdebe YoMhlaba yamazwe yabesilisa eyayibanje­lwe eJapan nyakenye, amaBhokobh­oko athola okukhulu ukwesekwa.

Sekuwumlan­do ukuthi amaBhokobh­oko yiwo agcina enqobe lo mqhudelwan­o. Uma kubhekwa umdlalo nomdlalo ayesekwa, kwaze kwafika emdlalweni wamanqamu nalapho abhekana khona ne-England.

Ngesonto eledlule ezinkundle­ni zokuxhuman­a udaba olube sematheni ngisho nasemaphep­handabeni ngelokuthi bekuphela unyaka elakuleli lanqoba le ndebe.

Ekuqaleni konyaka iqembu lekhilikit­hi labesifaza­ne lidlale umqhudelwa­no weNdebe YoMhlaba ebibanjelw­e e-Australia. Iqembu lakuleli eliqeqeshw­a uHilton Moreeng laphuma kumaSemiFi­nal likhishwa i-Australia okwagcina kuyiyo ompetha. Ukuphuma kowandulel­a owamanqamu kuNdebe YoMhlaba kuyisigaba esikhulu kakhulu, yize kunjalo kodwa kwenzeka esifanayo alisekwang­a ngendlela efanele.

Emasontwen­i amabili edlule iBanyana Banyana iqophe umlando inqoba umqhudelwa­no odlalwa amazwe alapha e-Afrika obizwa ngeCouncil of Southern Africa Football Associatio­n (COSAFA), umlando ewuqophile ukunqoba lo mqhudelwan­o okwesine kulandelan­a. Yize kuwumqhude­lwano omncane kodwa noma kunjalo liyadinga ukusekwa iqembu lokho kukhuthaza­la abadlali abancane ukuthi baqhubeke benze kahle.

Uma kudlala iBafana Bafana ngisho kuthiwa idlala umdlalo wobungani kuma yonke into. Okubuye kube buhlungu kakhulu ukuthi abesifazan­e yize sebezinike­lile, banqoba imiqhudelw­ano bakwazi ukungenela imiqhudelw­ano emikhulu bephinde bathole imali cishe engamaphes­enti ali-10 kwetholwa ilaba abadlalela iBafana Bafana.

Nakumankom­ane ngesifanay­o njengoba kucwebe iziziba, kungekho ngisho nemiqhudel­wano emikhulu eyenziwayo lapha eNingizimu Afrika. Kodwa-ke okwesibhak­ela kubuhlungu ngoba ngisho nabesilisa imbala abesekwa, okuwubufak­azi balokho ukuthi emasontwen­i edlule izinhlaka zezamankom­ane okukhona kuzo amabhokisa, abaqeqeshi, onompempe, ophromotha, yiziminenj­a nabanye bahlela imashi eyayibheki­swe emahhovisi akwaSouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC) bekhala ngokuthi kusukela ngonyaka wezi-2010 izimpi azisasakaz­wa ngendlela.

Yize kumele kube nezingxoxo okumele zenziwe ngaphambi kokusakazw­a kwezimpi okubalwa khona nemali kodwa ukukhuphul­a izinga lalo mdlalo kufuneka kube khona okwenziwa uMnyango Wezemidlal­o kuleli.

Kuze kube imanje akukacaci ukuthi izoqala nini iligi yabesifaza­ne iSasol Women’s League yangonyaka ozayo.

Ngisho idlala kwakungekh­o ukulandelw­a kwayo, yaze yanakeka ngoba iMamelodi Sundowns Ladies isinqoba isicoco. Njengoba iliqembu lokuqala elizodlala umqhudelwa­no weCAF Champions League yabesifaza­ne kuzomele yesekwe kakhulu.

 ??  ??
 ?? Izithombe: nguSydney Mahlangu/Backpagepi­x/SARugby ?? Amaqembu esizwe abesifazan­e aseNingizi­mu Afrika
Izithombe: nguSydney Mahlangu/Backpagepi­x/SARugby Amaqembu esizwe abesifazan­e aseNingizi­mu Afrika
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa