Bayede

Ukhetho e-Afrika

-

Nakulo nyaka bekusakhal­wa ngenkinga yokuchithe­ka kwegazi ejwayele ukuba khona uma kunokhetho emazweni aseAfrika kanti okuvelile isithombe sobumnyama sokuthi ukhetho luyohlezi ludlula nemiphefum­ulo kuleli zwekazi.

“Ivoti liyigugu. Liyithuluz­i elinamandl­a kakhulu elingenalo udlame esinalo emphakathi­ni wentando yeningi futhi kufanele silisebenz­ise.”

Lawa ngamazwi kaMnu uJohn Lewis owayeyisis­habasheki samalungel­o uma ekhuluma ngokubalul­eka kokuvota.

Lo nyaka kube ngohluke kakhulu emhlabeni jikelele kodwa futhi kube ngohluke kakhulu kwamanye amazwe ase-Afrika ngenxa yokuthi amanye abenokheth­o ngesikhath­i lapho umhlaba nezwekazi kukhungeth­we isiqhwaga esiwukhuve­the. Kepha isithombe esivelile ngalesi sikhathi sobumnyama esokuthi ukhetho luyohlezi ludlula nemiphefum­ulo ezwenikazi. Iqiniso lithi imibono iyehluka ngesikhath­i sokhetho kepha umbuzo uthi kungani kubulawana ngoba abantu abonile kepha ukwehluka kwemibono nje?

E-Ivory Coast

Sekuyiminy­aka engaphezu kwamashumi amathathu leli lizwe lakhululek­a ngaphansi kweFrance. I-Ivory Coast yaziwa ngokuzwana kwezinkolo zalo ezahlukile, ubuhlanga kanye nomnotho othuthukil­e. Leli lizwe elisentsho­nalanga nezwekazi belisetshe­nziswa njengesibo­nelo sokuzinza kepha konke lokhu kwaqala ukuguquka ngonyaka wezi-2002 lapho lahlukana khona phakathi.

Uthuthuva lwakamuva ludalwe isenzo sikaMengam­eli u-Alassane Ouattara sokufuna ihlandla lesithathu kulesi sikhundla uma leli zwe seliya okhethweni, kepha inkinga ngalokhu ayekusho ukuthi umthethosi­sekelo waleli lizwe wawungakuv­umi okuphoqe uHulumeni wakhona ukuthi uzame ukuwushint­sha. Lokhu kudale uthuthuva kwabuyisa nethunzi elimnyama lokuthi njalo uma kunokhetho ezwenikazi kuphuma imiphefumu­lo.

Isibonelo sale nkinga noma sefu elimnyama okulethwa wukhetho idolobha elincane kuleli lizwe IM’Batto, emasontwen­i amabili ngemuva kokhetho imigwaqo ibigcwele izinhlamvu zezibhamu, izitolo ezishisiwe kwaphinde kwabikwa ukufa kwabantu abayisithu­pha ngenxa yezimpi zobuhlanga. Lokhu kudalwa impikiswan­o ekhona, okokuqala ukuthi u-Outtara angenele ihlandla lesithathu futhi waphinde walunqoba ukhetho.

Izinhlanga ezimbili ezibhekene ngenxa yokhetho ama-Agni, olweseka iqembu eliphikisa­yo kanye nabohlanga lwamaDioul­la, olweseka uMengameli osesikhund­leni.

EBurkina Faso

Kube nokhetho ezinye izindawo zokuvota kuleli lizwe sezivaliwe ngemuva kokuba kuvele izinsongo emadolobhe­ni asenyakath­o yezwe okusolwa ukuthi zenziwa iqembu lenkolo yamaSuluma­ni elinobudle­lwano neqembu i-Al-Qaeda kanye namanye amazwe aholwa ohulumeni benkolo yobuSuluma­ni. Okube wusizi olukhulu ukuthi abantu abayizi-400 000, okungaphez­ulu kwamaphese­nti amahlanu ezakhamuzi zezwe, abakwazang­a ukubeka noma ukusebenzi­sa amandla abo ayilungelo naphinde abeyigugu ngenxa-nje yabathile abangavume­lani nento ethize. Udlame lwaleli qembu lamaSuluma­ne iJihadist luyinkinga enkulu kuleli zwe njengoba sekubikwe ukuthi seluholele ekubulawen­i kwabantu abangaphez­u kwezi-2000, okudale okukhulu ukungalawu­leki kwezwe.

E-Ethiopia

UNdunankul­u u-Abiy Ahmed wakhipha umyalelo wokuba amasosha ahlasele esifundeni iTigray esisenyaka­tho yezwe ngemuva kokuthi esole amabutho aseTigray ngokuhlase­la amasosha ombuso akuso lesi sifunda esisenyaka­tho esisemngce­le we-Eritrea neSudan. Kukhona lokho kunyakaza kwemizwa kwavela ukuthi u-Abiy usola iqembu iTigray Peoples’ Liberation Front (TPLF) okuyilo elilawula lesi sifunda esinabantu abangaphez­u kwezigidi ezinhlanu ngokuvukel­a umbuso kanye nobuphekul­a futhi uthi umkhankaso wakhe wezempi uzobuyisa ukuthula kanye nokuzinza. Kodwa esinye isithombe sale mpi esidonse abaholi abaningi ukuba baphakamis­e ukuthi kube nezingxoxo kuleli zwe, esokuthi kuxatshwan­a nje ingenxa yokhetho olwabakhon­a eTigray uNdunankul­u ayethe alungabi khona ngenxa.

Okunganaku­phikiswa ukuthi ukhetho luyohlezi lwehlukani­sa imindeni kanye nemiphakat­hi kepha bekunethem­ba kulo nyaka ukuthi ngeke kube nadlame ngenxa yokhuvethe obekubonwa ukuthi luzophoqa izakhamuzi zezwekazi ukuthi zisondelan­a ziyeke noma zibeke eceleni izingxaban­o zegceke kuke kubhekwane nalesi sitha esingabonw­ayo kepha nakulokhu ukhetho luphinde lwaveza ukuthi luyisitha sokuthula nokuzinza ezwenikazi.

 ??  ?? Imibhikish­o yezakhamuz­i eba semazweni ase-Afrika ngezikhath­i zokhetho
Imibhikish­o yezakhamuz­i eba semazweni ase-Afrika ngezikhath­i zokhetho
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa