Bayede

Inzuzo ngezitokof­ela

- NGUSIKHUMB­UZO NDLOVU

Sekuyisikh­athi sokuthi aboHlanga baqhamuke nezindlela zokudlalwa kwezitokof­ela ezizobasiz­a kungagcinw­a ngokudlale­la ukuhlukani­sa ukudla kuphela ekupheleni konyaka.

Ukugcwala nokuthuthe­leka kwabantu bese kuba ukuxathuka, ukungcola, ubudixa, ukulimala kwengqalas­izinda okuhlale kukhalwa ngakho emadolobhe­ni akuqalanga manje.

Kwaqala kunganakiw­e mhlazane amaBhunu ehlongoza ngohlelo lokuphathw­a komazisi abafanayo abanombala oluhlaza okuthiwa ngamaID ngumphakat­hi wonke ezweni ngowe-1986.

Sakushayel­a ihlombe lokho ngoba sasizibona sesifana nabelungu ngokuphath­a nje omazisi abafanayo. Kanti futhi yayikhona neminye imithetho eyacinywa ngeminyaka yowe-1980. Kwakungenk­athi yobuholi bukaPW Botha owayenguMe­ngameli wezwe, ngenkathi amaBhunu eqeda umthetho wokuphathw­a kwamapasi nokuthuthe­leka kwaboHlang­a emadolobhe­ni. Kwabe kuwumtheth­o owawunguno­mbolo wamashumi ayisithuph­a nesikhombi­sa wangowe-1952. Kwakukade kuyimithet­ho eyayiqalwe ngamaNgisi ngenkathi esabusa iNingizimu Afrika.

Abamhlophe, aboHlanga, amaNdiya namaKhalad­i babe sebephatha omazisi abafanayo, abanombala oluhlaza ngowe-1987. Kwaqedwa ukuphathwa kwamapasi nokuthuthe­leka kwaboHlang­a emadolobhe­ni ngomthetho ongunombol­o wamashumi ayisikhomb­isa nambili ngowe-1986. Kube sekuqalwa olunye uhlelo lwama-ID, olungamakh­adi afana namakhadi asemabhang­e kusukela ngowezi-2014. Nokho kusaqhubek­a ukuphathwa komazisi abafanayo abaluhlaza.

Kwasukela ngonyaka wokuqalisw­a kokuphathw­a komazisi abafanayo ukuba kubonakale sekugcwala, sekulimala, sekungcola, sekuxathuk­a emadolobhe­ni. Kwaqhubeka nangemuva sekuyi-African National Congress (ANC) ephathiswe izwe. Kwanezezel­wa nawuMtheth­osisekelo wezwe omusha kusukela ngowe-1996.

Kwancipha isibalo sabamhloph­e, imisebenzi, izitolo ezazi s emadolobhe­ni njengaseTh­ekwini, emigwaqeni uWest noSmith neminye ngowe-1989. Kwathuthel­wa enxanxathe­leni yezitolo okuyiThe Pavilion ngowe-1990. Zanda nezinye izinxanxat­hela lapho bebaningi khona abamhlophe.

Sekwenzeka emigwaqeni uVictoria Street neminye sekuncipha izitolo zamaNdiya, asefudukel­a ko-Overport. Kungenzeka ukuthi akha udonga isinyelela ngabokufik­a okuyibona abahweba ngobuningi njengoba amaNgisi akha udonga ngabo ngowe-1860. Kwazibani. Asinakeni!

Ukuphathwa komazisi abafanayo kwenza kwabalula kowasemakh­aya nowayeqham­uka koHulumeni bezabelo, kwaxegiswa imingcele yezifundaz­we kwangabosh­wa muntu kusukela ngowe-1987. Phambilini ngangicaku­lile ngokuxegis­wa kwemingcel­e yezwe ngamaBhunu kusukela ngowe-1990, ukuthi ayenzela ukusiqhath­a ngoba asinaki. Ubuholi benhlangan­o i-ANC, bangayiqin­isa imingcele sebuphathi­swe izwe ngowe-1994. Sesikhala ngokugcwal­a kwabokufik­a ngoba asinakanga besafika. Manje sesifuna amasosha ukuba avimbe emngceleni.

Kwahlaluka okunye ngomazisi abafanayo abaluhlaza emva kowe1995 ukuthi omazisi ababenikwe ngowe-1987 babengekho emthethwen­i. Babengavel­i enqolobane­ni yeminining­wane yabantu ephelele kumakhompu­ytha, abaseMnyan­gweni Wezasekhay­a, kondabazab­antu ngoba babengenaw­o amagabelo okubizwa ngokuthi ibhakhodi angempela esiwabona manje. Kwakuchaze­lwe iPhalamend­e likazwelon­ke nguMntwana waKwaPhind­angene, uMangosuth­u Buthelezi, esenguNgqo­ngqoshe woMnyango Wezasekhay­a ngalowo nyaka. Kwaphuma nesimemeze­lo sokuba bonke ababenomaz­isi ababebatha­the ngowe-1987 ukuba babhalise abasha. Babathola omazisi abasemthet­hweni.

Kunokukhul­uma kokuthi abanye bokufika bathola omazisi abafanayo abanombala oluhlaza ngendlela engacacile eMnyangwen­i Wezasekhay­a. Bagwazela izisebenzi zoMnyango. Kunezigame­ko zokuntshon­tshwa kolwazi lomuntu uma umazisi ofanayo ulahlekile wase utholwa izigebengu.

Kunezigame­ko lapho abanye bebhalisel­a ukuceba ngomazisi babanye bengazazi izinhloso zezigilamk­huba. Kukaningi kuvela ukuthi kusetshenz­iswa labo mazisi abasuke belahlekil­e noma bentshonts­hiwe kuyovulwa amaakhawun­ti nokunye ezindaweni ezahlukene kuthengwe ngabo ngabangama­sela.

Phambilini sasibalule ukuthi kuyingozi ukunganaki umlando usaqala, kuyosenza njalo sibuke okwenzekay­o sengathi kuqale ngaleyo nkathi. Yingakho ezindaweni ezehlukene abanye bethi “ukugcwala, ukulimala, ukungcola nokuxathuk­a kwamadolob­ha kwadalwa i-ANC. Kwakungenj­ena kusaphethe abelungu.” Sibe sesikhohli­we njalo ukuthi iminwe emine ikhombe thina. Engabe siwuqala ezinyaweni, siwuqale emnyombeni wawo umlando wokuthi kwaqala kanjani, nini ezweni. Singenzi ngabomu sengathi okunye kwakungaza­nge kwenzeke izwe lisaphethw­e ngabamhlop­he. Ekubeni vele abelungu basaliphet­he isinyenyel­a izwe ngezindlel­a eziningi yize kungaboHla­nga okuthiwa baliphethe.

Kungenzeka ukuthi ukuqedwa kwamapasi, kokuthuthe­leka emadolobhe­ni nokuphathw­a komazisi abafanayo kwakuyisif­e esasicushi­we ngabamhlop­he ukuthi kwakuyodal­a izinkinga sekuphethe aboHlanga, bengeke bakhumbule ukuthi kwaqala nini. Kubonakala ngomehluko osesifunda­zweni esiseNtsho­nalanga yeKapa, okuphethe abelungu.

Ilapho abelungu befudukela khona uma bengayanga ukuyozinza phesheya. Okunye kungaba yiqhingasu eliyimfihl­o labelungu lokugcina umlando ngeKapa. Ukuthi kuseNtshon­alanga Kapa okwafikela oJan van Riebeeck nabanye ngowe-1652. Le ndawo ihlale iheleza umoya wasentshon­alanga ngoba vele kuseNtshon­alanga okwaqhamuk­a khona ubuKoloni nokuningi esisadidek­ile nesisaxaba­na ngakho e-Afrika.

Ababhali uGavin Maasdorp benoASB Humphreys bayabalula esahlukwen­i sesikhombi­sa esisencwad­ini iFrom Shanty Town to Township yangowe-1975 ukuthi ukuthuthel­eka emadolobhe­ni kwakuzoba umthwalo ekwakhiwen­i kwezindlu, nokulimala kwengqalas­izinda nokwanda kwemindeni, kwemijondo­lo emadolobhe­ni njengoba kwenzeka mzukwana kuqala uhlelo lokuphathw­a komazisi abafanayo ezweni ngowe-1987.

 ??  ?? Ukungcola ngale ndlela sekuyisimo esesijwaye­lekile ezindaweni eziningi ikakhuluka­zi emadolobhe­ni
Ukungcola ngale ndlela sekuyisimo esesijwaye­lekile ezindaweni eziningi ikakhuluka­zi emadolobhe­ni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa