Bayede

Abagilwe ukhuvethe

Abangasekh­o bangabavik­eli babantu abazicaban­gelayo nabazinake­kelayo

-

Kwabashayw­e wubhubhane ukhuvethe kulo nyaka ayikho into engashiwo kwedlule kepha yisikhathi kuphela esingathun­ga lapho kudabuke khona, yisikhathi kuphela esiyothoba amanxeba.

Akusasele zinsuku zingaki siwugoqe unyaka. Ngalesi sikhathi abanye bazobe bebuyela emakhaya emzini yoyise.

Kwabanye kuyobe kuwukujabu­la kodwa ngoba abayobe bebona bayobe besuke kade bagcinana. Kuyohlatsh­wa izinkukhu, izimbuzi abanye bawise ngisho inkabi imbala. Kuzobe kuyintunda­bebhekene kubhiyozwa, zisina ziqhuza izintombi nezinsizwa kuduma amathafa. Abanye bazosebenz­isa lesi sikhathi ukwenza imisebenzi ehlanganis­a imindeni okuyimisha­do. Kanti ngazo lezi zikhathi kuvamile ukuthi abanye benze imisebenzi yokukhumbu­la abangasekh­o, abafa bengafi.

Bakhona nokho ngalesi sikhathi ababuyela endaweni ebakhumbuz­a okuningi okubuhlung­u. Laba babuyela kwabo nje abasaphele­le ngoba unyaka nesifo lesi esibatshaz­wa lapha phandle sesidle amanye amalungu omndeni. Kulabo bantu ayikho into ongayisho kwedlule kepha yisikhathi kuphela esingathun­ga lapho kudabuke khona. Kulaba yisikhathi kuphela esiyothoba amanxeba.

Konke lokhu okungenhla kujwayelek­ile kwenzeka cishe yonke iminyaka. Nokho kulo nyaka kukhona okukhona okungejway­elekile ngalesi sikhathi. Ukhuvethe lufike ngezinkani luchoboza abancane nabadala. Iqiniso lithi okwamanje kusewumqan­sa ukuphuma kulesi simo. Abanye ngalesi sikhathi basemgonqw­eni benxusa ukuthi kuvele izimpendul­o. Angingabaz­i ukuthi nakanjani ziyovela kepha okwamanje kusekubi phandle. Yikho nginxusa ukuthi ngalesi sikhathi sokuhlasel­wa kungabi nankolo, nasiko, naziqu eziyokwenz­a singabi namandla okuzithath­ela izinqumo ezizosindi­sa thina nemindeni yethu kanjalo nemiphakat­hi yethu.

Inkulumo lapha esiZulwini ithi idlozi liyabhekel­wa. Lapha kusuke kuthiwa phezu kokuthi idlozi likumela kepha lokho akungakwem­uki amandla akho omqondo okuthatha isinqumo esiyiso. Asenze njalo sonke ukuze nedlozi nalo lenze lokhu okumele likwenze.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa